WEBVTT

00:13.791 --> 00:14.916
‪[kuvuleke umnyango wemoto, uvaleke]

00:16.458 --> 00:18.291
‪-[kuvuleke umnyango]
‪-[Joyce, ngesiZulu] Asiphuthume, Menzi.

00:18.833 --> 00:21.750
‪Ngifuna sibheke zonke izimpahla lezi
‪bese siyahamba.

00:22.250 --> 00:23.583
‪Ngoba nginento ekufanele ngiy--

00:26.458 --> 00:27.500
‪Hawu.

00:28.125 --> 00:29.208
‪MaJele.

00:31.291 --> 00:32.958
‪Besingazi ukuthi usuwahlala la.

00:33.041 --> 00:34.708
‪Mm-hmm. [abhonge]

00:39.333 --> 00:40.416
‪[ngesiNgisi] Ngale kwalokho…

00:41.416 --> 00:45.083
‪[ngesiZulu] Asihleli nathi. Besithi
‪sizothatha izinto zezingane nje kuphela.

00:45.166 --> 00:46.500
‪Sibe yindlela.

00:46.583 --> 00:48.958
‪S'thandwa, awukaze uze uyibone i--

00:49.541 --> 00:50.958
‪Sinezivakashi.

00:52.750 --> 00:53.958
‪[adonse umoya ngamandla]

00:55.125 --> 00:57.125
‪-MaJele, eh…
‪-[ahleke usulu]

00:57.208 --> 01:03.125
‪…bengithanda nje ukuxolisa
‪ngaleliya hlazo alenza uMaNkosi,

01:03.625 --> 01:05.000
‪akushiye nabantwana.

01:05.083 --> 01:07.291
‪Bengifuna nje ukuzibongela ukuthi

01:08.458 --> 01:10.041
‪uyawanakekela amawele.

01:11.083 --> 01:12.583
‪Ungumfazi olungile.

01:14.458 --> 01:15.458
‪[ahleke usulu]

01:16.708 --> 01:18.041
‪Umfazi olungile?

01:24.250 --> 01:25.458
‪[Joyce] Hmm.

01:28.125 --> 01:30.416
‪Menzi, liphi ikamelo lezingane?

01:30.500 --> 01:33.083
‪Lingala.

01:34.125 --> 01:35.250
‪[anxaphe uMenzi]

01:41.750 --> 01:43.333
‪[ahefuzele uJoyce]

01:47.791 --> 01:49.208
‪[ahefuzele uJonasi]

01:51.833 --> 01:52.916
‪[Joyce] Asambe.

01:53.000 --> 01:54.458
‪[umnyango uvuleke, uvaleke]

01:55.500 --> 01:57.166
‪[afinye] Bazokhokha laba.

01:58.541 --> 02:03.458
‪Joyce, Magesh, Matipa no-Essie.

02:04.791 --> 02:06.666
‪Bazoyikhotha imbenge yomile.

02:09.791 --> 02:11.625
‪-Khululeka.
‪-Hmm.

02:13.083 --> 02:15.541
‪Ususele nami.
‪Sekuyimina umndeni wakho manje.

02:15.625 --> 02:17.208
‪JONASI

02:17.291 --> 02:19.375
‪[aqunge, ahefuzele]

02:35.250 --> 02:36.791
‪[kukhale umshini, uhlokome]

02:40.625 --> 02:42.500
‪[kuqhubeke ukukhala nokuhlokoma]

02:44.833 --> 02:46.958
‪-[kukhale umsindo womshini]
‪-Sawubona.

02:47.625 --> 02:50.416
‪WeMkhize, lento yakho ayisebenzi.

02:50.500 --> 02:52.375
‪Woza uzongivulela.

02:55.541 --> 02:57.583
‪Njengoba unikina ikhanda,
‪unikinela bani ikhanda, mina?

02:57.666 --> 02:58.666
‪Ngixolisa kakhulu, Mnumzane,

02:58.750 --> 03:02.166
‪kodwa ke nginikwe umlayezo wokuthi
‪ngingakungenisi namuhla ebhilidini.

03:02.875 --> 03:04.541
‪Usawufuna umsebenzi?

03:05.125 --> 03:08.000
‪Ngisawufuna, kodwa umthetho awungivumeli.

03:08.083 --> 03:09.125
‪[ahleke usulu]

03:15.291 --> 03:17.500
‪J&J HOLDINGS

03:19.458 --> 03:20.625
‪Yini lawa masimba, Buhle?

03:21.625 --> 03:22.875
‪[ngesiNgisi] Ngiyaxolisa, Mnu. G.

03:23.875 --> 03:27.416
‪ISUSELWA KU-THE POLYGAMIST
‪KA-SUE NYATHI

03:48.375 --> 03:51.916
‪[Lindani, ngesiZulu] Sengijahile ukubona
‪abantu obambisene nabo ngomsebenzi.

03:52.000 --> 03:54.583
‪Ngiyathemba ukuthi ngeke ngikuphoxe.

03:54.666 --> 03:58.791
‪Lalela, ngoba ngisho nje, iphathi le.

03:58.875 --> 04:00.500
‪Akusiwo umhlangano womsebenzi.

04:00.583 --> 04:01.875
‪Siyodansa.

04:01.958 --> 04:04.541
‪Lalela ke, into engiyifunayo kuwe,
‪ngifuna ukuthi ubabe la.

04:04.625 --> 04:06.541
‪-Mmm.
‪-Uyangizwa? Ngifuna ugesi.

04:06.625 --> 04:07.958
‪Kanti ngiyintombi kabani mina?

04:08.041 --> 04:09.625
‪Nazo ke. Uyintombi yami.

04:09.708 --> 04:12.833
‪-[ahleke]
‪-[anambithe umlomo] Nali ikhadi lami.

04:14.666 --> 04:18.541
‪Uthole noma yini oyidingayo.

04:19.125 --> 04:20.458
‪Sikhona isikalo semali?

04:20.541 --> 04:21.791
‪-Yini leyo?
‪-[adonse umoya ngamazinyo]

04:21.875 --> 04:24.416
‪-Hhayi ke, ngoba usukhulumile…
‪-Awuzwe.

04:24.500 --> 04:28.166
‪-…ngizoyothenga into ekhanukisayo.
‪-Ya. Mm-hmm.

04:28.250 --> 04:29.750
‪[ngesiNgisi]
‪Ngithemba ukuthi ngeke uyidabule…

04:29.833 --> 04:31.666
‪-[ngesiZulu] …ngaphambi kokuthi kuqale.
‪-Hamba phela.

04:31.750 --> 04:33.750
‪Kulungile. [ahleke] Ngiyabonga, Baba.

04:33.833 --> 04:37.541
‪-[ngesiNgisi] Ngibonga kakhulu. [aklewule]
‪-[ngesiZulu] Awuzwe ke.

04:39.125 --> 04:40.166
‪Hmm.

04:42.541 --> 04:43.541
‪Mmm.

04:45.333 --> 04:47.625
‪Hawu, usukhohlwe okhiye?

04:51.333 --> 04:53.166
‪[ngesiNgisi] Sawubona. Ehh…

04:53.250 --> 04:55.208
‪[anambithe umlomo, asho ngesiZulu]
‪Angazi noma ngilahlekile yini.

04:55.291 --> 04:57.500
‪Ngifunana nomngani wami, uMatipa.

04:58.083 --> 05:00.916
‪UMatipa akasahlali la ekhaya.

05:01.500 --> 05:03.708
‪-Oh. Eish.
‪-Mmm.

05:03.791 --> 05:05.833
‪Eh, mhlawumbe uyazi ukuthi usehlala kuphi?

05:05.916 --> 05:08.208
‪Ngoba kade ngithi ngizama ukumfonela,
‪kodwa angimtholi.

05:08.291 --> 05:09.416
‪Cha.

05:09.500 --> 05:10.583
‪-Cha?
‪-Mm-hmm.

05:10.666 --> 05:11.666
‪Oh.

05:12.375 --> 05:14.041
‪[ahefuzele] Eish. [alungise umphimbo]

05:14.125 --> 05:16.541
‪[anambithe umlomo]
‪Uyazi, kade ngihamba la,

05:16.625 --> 05:18.625
‪sengize ngomiwa.

05:18.708 --> 05:20.166
‪Ngicela ungisize ngamanzi bandla.

05:20.250 --> 05:22.083
‪-Amanzi?
‪-Yebo, amanzi.

05:26.500 --> 05:29.125
‪Ngena. Akhona amanzi. Ngena, ntombi.

05:29.208 --> 05:30.375
‪Asibonge.

05:42.625 --> 05:44.458
‪[Joyce] Angiyazi into enjena mina.

05:45.333 --> 05:47.875
‪UMatipa ngathi uvele wanyamalala
‪emhlabeni wonke.

05:49.375 --> 05:54.333
‪Noma ngiyicabangisisa kahle into ayenzile,
‪angazi, ngivele ngivukelwe ulaka phakathi.

05:55.291 --> 05:56.833
‪[ngesiNgisi] Kodwa ngesikhathi esisodwa…

05:58.666 --> 05:59.916
‪[ngesiZulu] …ngiyamuqonda.

06:01.166 --> 06:03.041
‪-Hhayi.
‪-Wena unjani?

06:03.625 --> 06:04.833
‪Hmm?

06:04.916 --> 06:06.458
‪Unjani uTholakele?

06:06.541 --> 06:08.375
‪[bahleke bobabili]

06:08.458 --> 06:11.791
‪-Cha, cha, ngikahle.
‪-Ukahle.

06:11.875 --> 06:14.541
‪-Nosisi ukahle, uyazi…
‪-[ngesiNgisi] Kuhle.

06:14.625 --> 06:17.208
‪[ngesiZulu] …ngaphansi kwezimo.

06:17.291 --> 06:19.166
‪Ziphi izimo?

06:20.458 --> 06:21.916
‪Ungixoshile uJonasi.

06:22.875 --> 06:25.375
‪Wangisusa ngokuphelele.

06:26.750 --> 06:28.125
‪Uvimbe nane nombolo yami.

06:28.208 --> 06:29.583
‪[ahefuzele]

06:31.875 --> 06:33.125
‪Ngiyaxolisa, Bhuti.

06:34.375 --> 06:37.833
‪Wena ayikho yini into ongayenza ngalento
‪uyilwe man? Hhe?

06:37.916 --> 06:40.833
‪Muyise kwa-CCMA wenze okuthize.

06:41.416 --> 06:43.000
‪Izokumangaza lento engizokutshela yona.

06:45.125 --> 06:46.291
‪Kodwa ngikahle.

06:47.583 --> 06:49.375
‪Uyazi ngathi kwehle umthwalo la.

06:49.958 --> 06:51.333
‪Ngempela.

06:52.458 --> 06:55.375
‪Yey, lo muntu ngimuvikele man
‪namanyala awenzayo.

06:56.916 --> 06:58.166
‪Ulimaze abantu abaningi.

06:59.000 --> 07:01.416
‪Kodwa angisakwazi ukumvikela
‪noma ukumumela.

07:02.458 --> 07:07.125
‪Manje sengizokwazi ukuvuka ekuseni
‪ngikwazi ukuzibuka esibukweni.

07:09.625 --> 07:15.833
‪Empilweni, ngicabanga ukuthi ngesinye
‪isikhathi into esingayenza singabantu

07:15.916 --> 07:17.166
‪ukuhamba.

07:17.250 --> 07:19.083
‪[adonse umoya ngamandla] Ya.

07:19.666 --> 07:21.375
‪Ushiye konke emuva.

07:22.875 --> 07:25.791
‪Uma kuza kuJonasi Gomora,

07:27.083 --> 07:28.916
‪liyoba linye.

07:31.458 --> 07:33.666
‪[ngesiNgisi] Liyoba linye kuyena.

07:34.250 --> 07:37.000
‪[ngesiZulu] Uyabona, odokotela bathi la
‪le ndawo kumele uyivocavoce.

07:37.083 --> 07:38.833
‪-[ahleke]
‪-Kumele uvocavoce le ndawo.

07:38.916 --> 07:42.375
‪-Leli.
‪-[ehleka] Unamanga, ngeke.

07:42.458 --> 07:43.666
‪Mmm.

07:43.750 --> 07:47.083
‪Hhayi ke. [anambithe umlomo]
‪Ngebhadi, sekumele ukuthi ngihambe.

07:47.166 --> 07:49.250
‪-Awukahle.
‪-Mm-hmm.

07:50.000 --> 07:51.958
‪Sisazophuza amanzi nje.

07:52.041 --> 07:54.291
‪-Mm-mmm, sekumele ngihambe.
‪-Hawu?

07:54.375 --> 07:55.666
‪Futhi uyazi yini?

07:56.250 --> 08:00.625
‪Ngicabanga ukuthi wena
‪kuzomele ube usomahlaya ngoba, hhayi bo.

08:01.291 --> 08:02.416
‪Mm-hmm?

08:04.375 --> 08:06.875
‪[angingize] Yima, yima, yima.

08:08.375 --> 08:09.416
‪[ahefuzele]

08:09.500 --> 08:11.083
‪Ngempela, kumele uhambe?

08:11.166 --> 08:13.333
‪[anambithe umlomo] Yini? Ufuna ngihlale?

08:13.916 --> 08:15.583
‪-Mm-hmm.
‪-Uzongenzani?

08:27.500 --> 08:32.666
‪-[Jonasi] Yey, yey, yey.
‪-[ehleka]

08:32.750 --> 08:36.166
‪Uyabona akekho umuntu okwazi ukwenza
‪lo mcimbi wezingane njengawe, Mfana.

08:36.250 --> 08:37.750
‪Ungazi kahle.

08:37.833 --> 08:38.833
‪Uyabona nje.

08:38.916 --> 08:40.958
‪Uyabona lo itshwele. Uzomumela nje?

08:41.541 --> 08:45.666
‪Kuguga othandayo.
‪Lo ngimubhekisa izinyawo zibheke phezulu.

08:45.750 --> 08:49.291
‪-Uthathe ikhanda ulifake uthi--
‪-Phakathi.

08:49.375 --> 08:50.833
‪-Oh, ya. [amemeze]
‪-[amemeze]

08:50.916 --> 08:52.125
‪-[abhonge]
‪-[Mnu. Msomi] Yebo.

08:52.208 --> 08:53.625
‪[angingize] Woza nami ngenze.

08:53.708 --> 08:55.541
‪Injalo madoda, injalo madoda.

08:55.625 --> 08:57.291
‪♪ <i>‪S'bhebha nabantwana</i>‪ ♪

08:57.375 --> 09:00.833
‪-Wuu! [ehalalisa]
‪-[kudlale umculo osheshayo]

09:00.916 --> 09:01.916
‪-Awu.
‪-[Mnu. Msomi adlale ngamabele]

09:02.000 --> 09:04.791
‪♪ <i>‪S'bhebha nabantwana</i>‪ ♪

09:08.375 --> 09:09.375
‪[uthule umculo]

09:11.708 --> 09:13.791
‪[kukhale izimbuzi]

09:13.875 --> 09:15.250
‪[kudlale umculo onosizi]

09:26.416 --> 09:30.333
‪Uyabo la uyongifaka khona kule yakho
‪inhliziyo ila ngiyoyiyeka yonke lento.

09:30.416 --> 09:32.375
‪Uyabona ngoba usuyabheda. Kumele uhambe.

09:32.458 --> 09:34.666
‪-[Jonasi esamncane] <i>‪Uphuphe ngami namuhla.</i>
‪-[Essie esamncane] <i>‪Hamba.</i>

09:34.750 --> 09:36.791
‪[ahleke]

09:40.416 --> 09:42.541
‪-[Sarah] <i>‪Ma</i>‪.
‪-[kugxabhe amanzi]

09:42.625 --> 09:44.208
‪-Ma?
‪-Hhe? [aphefumule kanzima]

09:45.083 --> 09:46.541
‪Ishu!

09:47.875 --> 09:49.083
‪Ishu!

09:50.833 --> 09:52.166
‪Uyamkhumbula, angithi?

09:53.958 --> 09:56.833
‪[angingize] Awungilandele amaphilisi ami.
‪Ngiphethwe ikhanda.

10:07.041 --> 10:08.041
‪Ishu.

10:09.250 --> 10:10.250
‪[ahefuzele]

10:14.833 --> 10:16.250
‪[kudlale umculo onosizi]

10:18.458 --> 10:20.416
‪Hhayi. Akangifonele yena.

10:29.541 --> 10:31.375
‪[Lindani] Aze amahle lawa 'macici.

10:31.458 --> 10:34.208
‪[Jonasi]
‪Asijabulele ukugubha izinyanga ezintathu.

10:34.291 --> 10:36.125
‪-Ngathi ngiyisigwili.
‪-[ahefuzele]

10:36.958 --> 10:38.458
‪-Ngathi?
‪-Mm-hmm.

10:38.541 --> 10:40.291
‪-Hhayi bo. Uyisona.
‪-[ahleke]

10:40.375 --> 10:43.166
‪Uyisgwili wena, uyisgwili wena. Mmm?

10:43.750 --> 10:45.791
‪-Mmm. Nazo ke.
‪-[ahefuzele]

10:45.875 --> 10:47.458
‪[adonse umoya ngamazinyo] Ya.

10:48.250 --> 10:50.083
‪[akhiphe umoya, asho ngesiNgisi]
‪Kulungile.

10:51.666 --> 10:53.041
‪[ngesiZulu] Yini manje?

10:54.416 --> 10:58.791
‪[ahefuzele] Ukuthi ngibonile ku-Instagram
‪ukuthi uNkk. Msomi uzobakhona.

10:59.791 --> 11:02.333
‪-[ahefuzele]
‪-Futhi uNkk. Msomi umngani kaJoyce.

11:02.916 --> 11:04.458
‪Hhayi. [akhwehlele]

11:04.541 --> 11:06.500
‪Khohlwa… [akhwehlele] …khohlwa ilabo.

11:06.583 --> 11:07.958
‪Awuthi ngikuthathele amanzi.

11:12.083 --> 11:13.458
‪-Kunini ukhwehlela.
‪-[afinye]

11:13.541 --> 11:15.041
‪Hhayi, umkhuhlane nje. Uzodlula.

11:17.708 --> 11:19.250
‪-[adonse umoya ngamandla]
‪-[ngesiNgisi] Kulungile.

11:20.208 --> 11:23.250
‪-[ngesiZulu] Angiboni ukuthi uzodlula.
‪-[akhiphe umoya] Uzodlula.

11:23.333 --> 11:24.958
‪[ngesiNgisi] Usukhwehlele amasonto manje.

11:25.958 --> 11:27.875
‪[ngesiZulu] Nale mithi oyiphuzayo ayisizi.

11:28.666 --> 11:30.125
‪[ahlebe] Musa ukutatazela.

11:30.208 --> 11:31.666
‪Musa ukutatazela. Kuzolunga.

11:31.750 --> 11:32.791
‪[afinye] Asambe.

11:33.333 --> 11:34.333
‪Singashiywa isikhathi.

11:35.250 --> 11:36.916
‪[kukhale ama-alamu]

11:39.416 --> 11:40.416
‪ISIBHEDLELA NETCARE MILPARK

11:40.500 --> 11:41.708
‪[udokotela] Kuyavela ukuthi la,

11:42.375 --> 11:43.583
‪Mnu. Gomora,

11:44.375 --> 11:46.125
‪unenyumoniya.

11:46.208 --> 11:48.125
‪-Nyumoniya?
‪-Mm-hmm.

11:49.250 --> 11:50.333
‪Oh.

11:51.583 --> 11:56.291
‪[alungise umphimbo] Hhayi kwangcono ke
‪ngoba sizokwazi ukuyinqanda ke le.

11:58.333 --> 12:01.250
‪Kanti ke akusikhona lokho kuphela.

12:02.875 --> 12:09.208
‪Kuyavela futhi ukuthi egazini lika
‪Mnu. Gomora kunesandulela ngculaza.

12:13.458 --> 12:14.708
‪Soze.

12:17.125 --> 12:18.541
‪Hhayi bo. Mhlawumbe…

12:19.500 --> 12:23.291
‪[akhwehlele] Mhlawumbe kuphambane
‪izinkomishi. Angithi iyenzeka leyo nto.

12:23.375 --> 12:27.375
‪Lalela, a… anginaso mina isifo sengculaza.

12:28.458 --> 12:31.208
‪[ahefuzele] Ngiyazi, Mnu. Gomora,
‪kuningi obhekene nakho.

12:31.291 --> 12:33.041
‪-Awungizwa ukuthi ngithini wena?
‪-[ahefuzele]

12:33.750 --> 12:36.000
‪Ngithe anginalo iqhoks mina.

12:36.583 --> 12:38.791
‪Kanti igciwane, Mnu. Gomora, aku--

12:38.875 --> 12:40.541
‪Yey, yey. Awuzwa yini wena?

12:41.666 --> 12:43.333
<i>‪Uyisiphukuphuku?</i>

12:43.416 --> 12:48.750
‪[engingiza] Nifunda iminyaka eyisikhombisa
‪eskoleni, iyona into oqhamuka nayo leyo?

12:49.458 --> 12:50.541
<i>‪Awuzwa yini wena?</i>

12:51.125 --> 12:53.083
‪Anginayo iNgculaza. Siyezwana?

12:53.875 --> 12:55.041
‪Uyangizwa ukuthi ngithini?

13:02.208 --> 13:06.375
‪EMUVA KWEMINYAKA EMIBILI

13:11.375 --> 13:12.875
‪Iyanuka lento yakho.

13:12.958 --> 13:14.083
‪Umuthi lo.

13:15.750 --> 13:18.041
‪Akuwona umuthi lona. Ushevu.

13:18.708 --> 13:21.458
‪Into engabe uyayenza nje wena
‪ukuphuza amaphilisi khona uzophila.

13:21.541 --> 13:23.625
‪Wena into engabe uyayenza,
‪ukungenzela amaqanda.

13:23.708 --> 13:25.250
‪-Iyona into okumele ngabe uyayenza.
‪-Amaqanda?

13:25.333 --> 13:28.500
‪Ungangitsheli ngamaqanda mina.

13:28.583 --> 13:30.708
‪[ngesiNgisi]
‪Ngizokweqiwa isikhathi sekilasi lami.

13:31.291 --> 13:32.916
‪[ngesiZulu]
‪Lalela, uma uphuma kulowa mnyango…

13:33.666 --> 13:35.875
‪Uke nje uphume kulowa mnyango,
‪ungaphinde ulubhade la.

13:35.958 --> 13:38.250
‪Ufuna ngiyephi, Jonasi? Hhe?

13:38.333 --> 13:41.458
‪Ngoba phela ngixoshiwe ekhaya, angisahlali
‪noMa ngenxa yokuthi ngihlala nawe la.

13:41.541 --> 13:43.125
‪-Angina 'ndaba.
‪-Awuna 'ndaba?

13:43.208 --> 13:44.750
‪-Angina 'ndaba.
‪-Ungazongitshela leyo nto mina.

13:44.833 --> 13:46.666
‪Bonke abafazi bakho bakushiyile.

13:46.750 --> 13:48.083
‪-[anxaphe]
‪-Usele nami.

13:48.166 --> 13:49.416
‪Ayikho ke into ozoyenza ngalokho.

13:49.500 --> 13:51.958
‪Phuza amaphilisi, udle uwashe nezitsha.

13:52.041 --> 13:53.666
‪Isobho lakho lila kuhhavini.

13:54.708 --> 13:55.708
‪Lindani.

13:56.875 --> 13:57.875
‪[anxaphe uLindani]

13:57.958 --> 14:00.375
‪-[akhiphe umoya]
‪-[umnyango uvuleke, uvaleke]

14:18.291 --> 14:19.333
‪[abhonge]

14:26.041 --> 14:27.333
‪[Magesh] Usuke wamubona udokotela?

14:27.833 --> 14:29.958
‪[afinye uJonasi] Yebo, Bafo. [ahleke]

14:31.125 --> 14:33.541
‪Ngidla imbiza mina, ngidla umuthi.

14:33.625 --> 14:35.000
‪Cha, angikhulumi ngenyanga.

14:35.083 --> 14:36.375
‪Ngikhuluma ngodokotela besilungu.

14:36.458 --> 14:38.833
‪[ahleke usulu] Hhayi shiya abelungu, Bafo.

14:39.666 --> 14:41.166
‪Angikubizelanga lokho.

14:42.458 --> 14:43.708
‪[ababaze, alungise umphimbo]

14:44.291 --> 14:45.375
‪Asihlale kuyona.

14:45.958 --> 14:49.416
‪Eh, i-J&J isenkingeni.

14:52.208 --> 14:53.625
‪Lapho ngiyakudinga, Bafo.

14:55.750 --> 14:59.416
‪[akhwehlele] Ubona nje,
‪isimo sami nje asisihle okwamanje.

15:00.250 --> 15:04.916
‪Angazi imihlangano emingaki
‪esengiyishwebile ilesi simo engikusona.

15:06.583 --> 15:07.625
‪[ahefuzele]

15:09.041 --> 15:12.833
‪Abatshali bezimali sebefuna
‪ukuthatha izimali zabo.

15:12.916 --> 15:15.125
‪Futhi abanikazi bamasheya
‪bahlezi bekhononda.

15:16.083 --> 15:18.291
‪Lapho, Bafo, ngiyakudinga.
‪Ngidinga ukuthi ungimele.

15:19.541 --> 15:23.208
‪Ngize ngithi nje ukuthola amandla
‪izinto zithi ukuqonda.

15:24.666 --> 15:25.791
‪[akhwehlele]

15:25.875 --> 15:27.625
‪-Ungixoshile, Jonasi.
‪-[ahleke usulu]

15:29.333 --> 15:31.916
‪Futhi eqinisweni ukuthi nje,
‪uyazi mina impilo yami ihamba kahle.

15:32.000 --> 15:33.416
‪Ngikahle ngimnandi.

15:34.166 --> 15:35.291
‪Ufuna ngikuncenge?

15:36.250 --> 15:37.916
‪Hmm? [ahleke]

15:38.708 --> 15:41.750
‪Ngiyazi ukuthi uyayidinga le mali.

15:41.833 --> 15:42.958
‪[ahleke usulu]

15:43.708 --> 15:44.708
‪[ahleke usulu]

15:49.375 --> 15:50.416
‪[ahleke]

15:50.500 --> 15:53.166
‪[adonse umoya ngamandla]

15:54.916 --> 15:56.208
‪Kulungile ke, Bafo.

15:56.875 --> 15:58.375
‪Ungenzeli mina.

15:59.708 --> 16:00.916
‪Yenzela u-Essie.

16:02.750 --> 16:05.041
‪UJoyce, uMatipa.

16:05.125 --> 16:06.625
‪Kahlehle, yenzela abantwana.

16:08.916 --> 16:09.958
‪[afinye]

16:11.625 --> 16:12.916
‪Ngiyakudinga, Bafo.

16:14.708 --> 16:15.791
‪Ngiyakucela.

16:17.208 --> 16:18.666
‪[kudlale umculo onosizi]

16:19.750 --> 16:20.833
‪[ancimfe]

16:22.541 --> 16:23.541
‪[akhwehlele]

16:23.625 --> 16:24.833
‪[Magesh] <i>‪Lo muntu akaphilile.</i>

16:26.833 --> 16:29.458
‪Uyagula. Kakhulu.

16:30.250 --> 16:32.041
‪Unezilonda emlomeni nasemakhaleni.

16:36.500 --> 16:37.750
‪Uzothula nje, Essie?

16:38.541 --> 16:39.708
‪Ufuna ngithini?

16:39.791 --> 16:41.375
‪Indoda yakho lena.

16:41.458 --> 16:42.541
‪Kusukela nini?

16:43.125 --> 16:44.916
‪Lo muntu angimazi iminyaka emibili.

16:45.000 --> 16:46.833
‪Ephila impilo yakhe,
‪ezenzela into ayithandayo.

16:46.916 --> 16:49.500
‪Akangiboni. Wasilaxaza wasishiya kanjalo.

16:51.500 --> 16:54.791
‪Ngaleso s'khathi unenkani.
‪Akafuni ukubona nodokotela.

16:55.375 --> 16:57.208
‪Umatasa nesiwasho.

16:57.291 --> 16:58.625
‪-[Essie] Hmm.
‪-[abhonge]

16:59.458 --> 17:00.875
‪Essie, ngiyakucela.

17:02.041 --> 17:03.083
‪Ngicela umufonele.

17:03.750 --> 17:05.333
‪Lo muntu ulalela wena kuphela.

17:06.791 --> 17:08.125
‪[kukhonkothe izinja]

17:09.416 --> 17:12.250
‪[Menzi] Manje, Baba, sikuphi la?
‪Sizokwenzani?

17:13.750 --> 17:14.958
‪[Magesh] Uyabona la, mfan' wami,

17:16.041 --> 17:18.666
‪kula mina noyihlo esikhulele khona.

17:18.750 --> 17:21.916
‪[ahefuzele]
‪Ayikashintshi nakancane le ndawo.

17:23.041 --> 17:24.291
‪[ababaze] Manje, Baba…

17:25.041 --> 17:28.250
‪usihambise yonke le ndlela le
‪uzosikhombisa nje la?

17:29.000 --> 17:31.250
‪Usilandise ngomndeni wakwaGomora?

17:31.333 --> 17:35.250
‪Bam'balwa kabi abantu abaphuma la.

17:35.916 --> 17:37.375
‪Njengami nobaba wakho.

17:38.166 --> 17:39.750
‪Futhi nalokho bekuwumlingo nje.

17:41.250 --> 17:42.541
‪Umlingo kaJonasi.

17:43.166 --> 17:46.000
‪Ngokusebenza kanzima ngokuzikhandla.

17:46.083 --> 17:48.083
‪Uyazi, Baba, ngiyakuzwa uyakhuluma,

17:49.125 --> 17:51.875
‪-kodwa angikuzwa ukuthi le nkulumo iyaphi.
‪-Ya.

17:54.416 --> 17:55.750
‪-Ubaba wenu ungithintile.
‪-[ababaze uSarah]

17:55.833 --> 17:57.416
‪-Hhayi.
‪-Bengazi.

17:57.916 --> 17:59.166
‪Cha, thina sikahle.

17:59.250 --> 18:00.666
‪Sijabule kabi engekho ezimpilweni zethu.

18:00.750 --> 18:02.458
‪-Mmm.
‪-Yey, yey, yey. Animeni kancane.

18:03.416 --> 18:04.833
‪Ngiyezwa. Ngiyanithola.

18:04.916 --> 18:06.708
‪Ubaba wenu uhlukumeze abantu abaningi.

18:08.041 --> 18:09.416
‪Vele kunzima ukum'xolela.

18:10.916 --> 18:12.416
‪Kodwa kukhona engikwaziyo ngaye futhi.

18:13.208 --> 18:14.500
‪Wasikhipha la,

18:15.083 --> 18:16.416
‪kule nhlupheko ebilana.

18:18.791 --> 18:20.416
‪Waninika le mpilo eniyiphilayo namuhla.

18:20.500 --> 18:22.666
‪UJonasi into akade eyenza ubeba ubaba.

18:23.166 --> 18:24.166
‪Umsebenzi wakhe lowo.

18:24.833 --> 18:26.375
‪Asimukweleti lutho thina.

18:26.458 --> 18:28.333
‪Okungenani ube ubaba kuwena, Menzi.

18:28.416 --> 18:29.458
‪Mina angiyazi leyo nto.

18:30.041 --> 18:31.208
‪Anibe nokubonga, man.

18:33.000 --> 18:34.166
‪Ubaba wenu uyanidinga.

18:34.958 --> 18:36.166
‪Uyasidinga.

18:36.916 --> 18:39.291
‪Hhayi, uzenzile akakhalelwa.

18:39.375 --> 18:40.916
‪Thula, wena Menzi man!

18:41.583 --> 18:42.666
‪Hhayi ke.

18:43.500 --> 18:44.916
‪Sikhule kulawa masimba endlu.

18:45.666 --> 18:47.541
‪Kunzima, sihlupheka.

18:47.625 --> 18:48.833
‪Wasikhipha la.

18:51.166 --> 18:52.166
‪Into enginicela yona…

18:53.875 --> 18:55.333
‪ukuthi nithathe izintambo.

18:56.000 --> 18:58.625
‪Nikhulise le nkampani idlondlobale.

19:00.708 --> 19:03.291
‪[ngesiNgisi] Yilokho okuchaza
‪ingcebo yezizukulwane.

19:05.416 --> 19:06.916
‪[ngesiZulu] Ngiyanicela, bantwana bami.

19:07.791 --> 19:08.833
‪Yehlisani umoya.

19:09.750 --> 19:10.791
‪Xolani.

19:10.875 --> 19:15.708
‪Asambeni siyosebenza lapha kuleya nkampani
‪siyikhulise idlondlobale.

19:16.458 --> 19:17.541
‪Ifa lenu leli.

19:20.125 --> 19:21.458
‪[akhwehlele, alungise umphimbo uJonasi]

19:22.541 --> 19:23.666
‪[akhwehlele]

19:25.375 --> 19:26.666
‪-[Essie] Jonasi.
‪-[Jonasi] Hmm?

19:27.250 --> 19:28.541
‪Asambe siye ekhaya.

19:30.041 --> 19:31.666
‪Ngizokunakekela uze ululame.

19:31.750 --> 19:32.750
‪[ahefuzele uJonasi]

19:34.291 --> 19:38.750
‪Eh, MaQwabe, angizibongele nje
‪ngokuza kwakho la.

19:40.125 --> 19:42.791
‪Ngibonge naleli sobho leli olilethile.

19:43.375 --> 19:45.125
‪[ekhwehlela]

19:45.208 --> 19:46.583
‪Ngiyakucela, Jonasi.

19:47.625 --> 19:49.916
‪Ngiyakucela sihambe. Uhlaleleni la?

19:51.458 --> 19:55.375
‪Ufuna abantu bathi ngidla izingxaba
‪ngehlisa ngamazolo?

19:56.041 --> 19:58.583
‪Ngeke ngibe inhlekisa mina emphakathini.
‪[akhwehlele]

19:58.666 --> 20:00.416
‪Unandabani naleyo nto leyo?

20:00.500 --> 20:03.750
‪Usanento yokuthi uzohlekwa abantu?
‪Yini, ufuna ukuze ufele la?

20:03.833 --> 20:05.125
‪Ngingcono ngisale la…

20:06.500 --> 20:08.250
‪[akhwehlele]
‪…kunokuthi ngibuyele elokishini.

20:09.916 --> 20:10.916
‪Hhayi.

20:12.791 --> 20:13.791
‪Usuyo…

20:14.833 --> 20:16.125
‪Usuyohamba kahle.

20:17.500 --> 20:19.166
‪[Essie] Ngizobuya kusasa.

20:21.375 --> 20:24.666
‪Ngizokuphathela amashidi nezingubo.
‪Ngiyabona ukuthi lezi zingcolile.

20:24.750 --> 20:26.583
‪[akhwehlele, aqume]

20:28.125 --> 20:29.541
‪Ngizokuphathela namadumbe.

20:31.791 --> 20:33.500
‪[akhwehlele] Mmm.

20:37.166 --> 20:39.666
‪Hhayi, ngizokubona kusasa ke.

20:39.750 --> 20:41.625
‪-[Jonasi] Mmm.
‪-[abhonge]

20:46.958 --> 20:48.666
‪-[ahefuzele]
‪-[akhiphe umoya uJonasi]

20:54.041 --> 20:55.041
‪[anxaphe]

20:55.833 --> 20:59.041
‪Uyabona wena s'gelekeqe sesifebe esincane,
‪ngiyazi ukuthi uhlalele ini la.

20:59.541 --> 21:00.625
‪Ngihlalele ini?

21:00.708 --> 21:03.166
‪Angithi ulinde ukuthi indoda yethu ife
‪bese uthatha amafa.

21:03.750 --> 21:06.208
‪Ngizokupha imadlana.
‪Ngoba ngiyabona ukuthi uyayidinga.

21:06.291 --> 21:07.333
‪[abhonge]

21:07.916 --> 21:08.958
‪[anxaphe]

21:09.791 --> 21:12.041
‪Umfudumezele ukudla
‪ngikushiyile okwakusihlwa.

21:12.583 --> 21:14.375
‪Okungenani uphekile. Siyabonga.

21:14.958 --> 21:15.958
‪[anxaphe]

21:22.833 --> 21:24.166
‪Hmm.

21:29.750 --> 21:30.875
‪[kuvunguze]

21:32.208 --> 21:33.208
‪[kukhale umsindo wocingo]

21:33.833 --> 21:34.916
‪Sawubona.

21:35.000 --> 21:36.833
‪[Jonasi] <i>‪Joyce.</i>‪ [akhwehlele]

21:37.375 --> 21:42.416
<i>‪Ngikufonele ngafihla inombolo ngoba</i>
<i>‪benginganaso isiqiniseko uzophendula.</i>

21:42.500 --> 21:43.958
‪Bengingeke ngilubambe vele.

21:46.250 --> 21:49.750
‪Ufunani, Jonasi?
‪Usufuna ukuqala muphi udoti manje?

21:49.833 --> 21:51.166
<i>‪Hhayi</i>‪-- [akhwehlele]

21:52.500 --> 21:54.500
<i>‪Bengifuna nje ukuzwa izwi lakho.</i>

21:55.083 --> 21:56.125
‪[ahleke usulu]

21:56.625 --> 21:57.625
‪[akhwehlele uJonasi]

21:57.708 --> 22:03.208
<i>‪Usakhumbula mina nawe sasixoxa</i>
<i>‪nganoma yini?</i>

22:03.291 --> 22:04.958
‪-[ngesiNgisi] Yebo.
‪-[akhwehlele]

22:05.041 --> 22:08.791
‪[ngesiZulu] Wase wena uqoka ukuthi
‪kungcono ukubhidlize lokho.

22:08.875 --> 22:10.833
‪-Angithi?
‪-[ahefuzele]

22:12.541 --> 22:15.250
<i>‪Uzongicasukela kuze kube nguna phakade?</i>

22:16.000 --> 22:17.125
‪[ahleke usulu]

22:17.208 --> 22:20.500
‪Ey, uyazi yini? Ulale kahle, Jonasi. Hawu.

22:21.000 --> 22:22.000
<i>‪Joyce</i>‪.

22:22.791 --> 22:23.791
<i>‪Ima.</i>

22:23.875 --> 22:27.333
<i>‪Bengifuna ukusho nje</i>
<i>‪ukuthi ungumfazi oqotho.</i>

22:27.416 --> 22:30.000
<i>‪Bengifuna nje ukusho futhi ukuthi…</i>

22:32.250 --> 22:33.541
<i>‪ngikhona</i>‪…

22:35.083 --> 22:37.250
<i>‪uma usadinga ukuthi sikhulume.</i>

22:37.333 --> 22:38.916
‪-Eish.
‪-[avale ucingo]

22:51.083 --> 22:52.083
‪Joyce.

22:54.833 --> 22:56.791
‪-UJonasi.
‪-[kudlale umculo othusayo]

23:00.625 --> 23:02.000
‪[Joyce] <i>‪Uyazi, izolo ebusuku…</i>

23:03.833 --> 23:05.208
‪-ufonile.
‪-[kukhale imishini]

23:05.875 --> 23:09.833
‪Bekungokokuqala empilweni yakhe
‪ezwakala ngathi ufuna uku…

23:11.583 --> 23:13.125
‪ngathi ufuna ukuxolisa.

23:19.333 --> 23:20.375
‪[ahefuzele]

23:42.625 --> 23:43.708
‪Jonasi.

23:47.250 --> 23:48.416
‪Yimina.

23:50.333 --> 23:51.791
‪Ungabuya ekhaya.

23:52.291 --> 23:54.541
‪Ngizokusiza ngikunakekele.

23:55.541 --> 23:57.625
‪[ngesiNgisi] Kodwa nginombandela owodwa.

23:58.958 --> 24:01.458
‪[ngesiZulu]
‪Yekela izindlela zakho zobunkinsela.

24:02.250 --> 24:03.500
‪Uyeke…

24:04.458 --> 24:05.666
‪amanga.

24:06.541 --> 24:08.333
‪-Siyezwana?
‪-[iqhubeke ikhale imishini]

24:14.750 --> 24:18.875
‪Ukusukela kuMsombuluko kuya kuLwesine,
‪sesiyazi ukuthi sizomenzela ini.

24:19.416 --> 24:24.333
‪Ngicabanga ukuthi mhlawumbe njalo
‪ngoLwesihlanu simenzele isobho.

24:24.833 --> 24:27.291
‪Bese singamupha ke eceleni izithelo.

24:27.375 --> 24:29.708
‪Kusobala ukuthi kuzomele siwagaye.

24:29.791 --> 24:31.041
‪Yebo, ma.

24:31.125 --> 24:35.875
‪Eh, kodwa nginesiqiniseko sokuthi nje
‪ubaba lingakapheli isonto uzobe eseluleme.

24:37.208 --> 24:38.208
‪[ahleke]

24:39.083 --> 24:40.458
‪Ngiyabonga, Ntombi.

24:40.541 --> 24:41.625
‪Yebo, ma.

24:42.458 --> 24:44.041
‪[kukhale ama-alamu]

24:47.291 --> 24:49.125
‪[Joyce] Ngithembe, Bhuti,

24:49.875 --> 24:52.708
‪izingane zami kuphela isizathu
‪sokuba ngibekhona la.

24:52.791 --> 24:53.833
‪[Magesh] Ya.

24:56.833 --> 24:57.833
‪Gesh.

24:59.500 --> 25:00.750
‪[ngesiNgisi] Nkulunkulu wami.

25:03.458 --> 25:05.875
‪-[ngesiZulu] Eish.
‪-Hawu, hawu, hawu. Ngeke.

25:05.958 --> 25:07.500
‪Hawu, Magesh, kwenzakala ini?

25:07.583 --> 25:08.916
‪-Uphi uJonasi?
‪-[ashushuzele]

25:09.000 --> 25:10.041
‪Yehlisa umoya, man.

25:10.125 --> 25:11.916
‪Asingagagameli.

25:12.000 --> 25:13.375
‪Kungenzeka bamuyise kwenye indawo.

25:13.458 --> 25:14.791
‪Asimeni kancane, simele udokotela.

25:14.875 --> 25:18.833
‪Dokotela, ngicela uchaze bandla,
‪uphi umkhwenyana wami?

25:19.833 --> 25:23.208
‪UMnu. Gomora bamukhiphile namuhla ekuseni.

25:23.708 --> 25:30.083
‪-Hhe?
‪-Kodwa ke usayinelwe uNkk. Lindani Mbatha.

25:30.166 --> 25:31.291
‪[aphefumule kanzima]

25:32.583 --> 25:33.750
‪-Uyabona?
‪-Mmm?

25:33.833 --> 25:35.333
‪Uyabona, Gesh?

25:35.416 --> 25:37.291
‪Usezikhethele ukuyofela emanyaleni.

25:37.375 --> 25:38.875
‪[anxaphe] Hhayi suka.

25:38.958 --> 25:40.916
‪Hhayi, hhayi, hhayi. Ngiqedile manje.

25:41.000 --> 25:42.583
‪Ngiqedile ngoJonasi.

25:42.666 --> 25:45.708
‪Mina naye siyobonana emathuneni
‪sengiyomungcwaba.

25:45.791 --> 25:47.083
‪[ngesiBhunu] Ngiqedile.

25:47.166 --> 25:49.375
‪-[angingize]
‪-[ngesiNgisi] Cha, cha, cha.

25:49.458 --> 25:50.625
‪[kudlale umculo othusayo]

25:51.791 --> 25:52.958
‪[ngesiZulu] Asehliseni umoya.

25:55.833 --> 25:56.833
‪Yoh.

27:08.833 --> 27:13.833
‪Izinhlokwana zihunyushwe ngu:
‪Ntokozo Nomasiko Msomi
