WEBVTT

00:13.208 --> 00:14.916
‪[kuvuleka umnyango wemoto, uvaleke]

00:18.916 --> 00:20.041
‪[ngesiZulu] Hhayi.

00:20.791 --> 00:22.500
‪[Sarah] Bab'omdala, hawu, ufike nini?

00:22.583 --> 00:24.500
‪Ingane yami. Ngiyafika manje.

00:24.583 --> 00:26.125
‪-Unjani? [ehleka kancane]
‪-[ngesiNgisi] Ingane yami.

00:26.208 --> 00:27.583
‪-[ngesiZulu] Uyaphila?
‪-Ngiyaphila.

00:27.666 --> 00:29.333
‪-Oh, maan.
‪-[egigitheka]

00:29.416 --> 00:30.916
‪Bengingazi ukuthi ubaba wakho ukhona.

00:31.000 --> 00:32.166
‪Yebo, usanda kufika.

00:32.250 --> 00:33.875
‪[ngesiNgisi] Uyazi,
‪bekufanele angitshele ukuthi ulapha.

00:33.958 --> 00:36.333
‪-Mmm.
‪-Kodwa ngoba usukhona wena, thatha lokhu

00:36.416 --> 00:37.625
‪-bese uyinika umama wakho.
‪-Yebo.

00:37.708 --> 00:38.708
‪-Ungawuvuli.
‪-Yebo.

00:38.791 --> 00:40.875
‪-[ehleka kancane] Angeke ngiyivule.
‪-[ehleka, ekhuluma isiNgisi] Kulungile.

00:41.625 --> 00:44.625
‪[bebhonga bobabili, bequma]

00:44.708 --> 00:46.791
‪[i-tape iyahlehlisa]

00:46.875 --> 00:48.541
‪[izingane ziyamemeza]

00:48.625 --> 00:49.625
‪[umgulukudu 1] Shaya, shaya, shaya!

00:50.916 --> 00:52.666
‪-Khipha imali, wena. Ikhiphe.
‪-[umgulukudu 2] Fusegi!

00:53.166 --> 00:54.458
‪-[umgulukudu 1] Mshaye!
‪-[ingane ibhonga]

00:54.541 --> 00:55.833
‪[umgulukudu 1] Khipha le mali.

00:57.000 --> 00:59.291
‪Nina migodoyi! Hlukanani naye manje!

00:59.875 --> 01:02.791
‪Yeyi wena.
‪Akayi ndawo aze asinike imali yethu.

01:06.458 --> 01:08.041
‪-Utheni?
‪-[umgulukudu 1] Gijimani.

01:08.666 --> 01:10.083
‪[enxapha]

01:12.583 --> 01:13.708
‪Jonasi.

01:18.000 --> 01:20.166
<i>‪Ubhuti wakho omdala bekufanele ngabe</i>
<i>‪ufikile wazokuvikela.</i>

01:21.250 --> 01:22.833
‪UMagesh akanandaba nami.

01:23.958 --> 01:24.958
‪Ubaba wakho?

01:25.875 --> 01:27.666
‪Ubaba uyazidakelwa ethaveni.

01:30.125 --> 01:31.125
‪[akhiphe umoya]

01:44.916 --> 01:48.750
‪[ehleka] Ngiyabonga ngokunginakekela
‪ngalezi zivivinyo zeMatikuletsheni, Essie.

01:48.833 --> 01:50.750
‪-Mmm. Uyangazi nje.
‪-[ehleka kancane]

01:50.833 --> 01:51.833
‪Uyangazi.

01:52.333 --> 01:53.375
‪Hmm?

01:54.750 --> 01:55.791
‪Sanibonani.

01:59.458 --> 02:00.875
‪[Jonasi osemncane] Mm-hmm.

02:01.500 --> 02:02.583
‪[Essie osemncane] Manje ukudla kwakho?

02:02.666 --> 02:03.666
‪Sengisuthi.

02:03.750 --> 02:06.666
‪Oh, imbali enhle kunazo zonke
‪imbali zalapha elokishini. Sawubona.

02:06.750 --> 02:08.708
‪-Unjani?
‪-Ngiyaphila. Wena?

02:09.541 --> 02:11.250
‪[bahleke kancane bobabili]

02:12.708 --> 02:14.291
‪-[ehleka kancane]
‪-Yini?

02:14.375 --> 02:17.666
‪-Nginesimanga engifuna ukukubonisa sona.
‪-Isimanga?

02:17.750 --> 02:18.875
‪[Jonasi osemncane] Yinto encane nje.

02:18.958 --> 02:20.416
‪-Into encane?
‪-Yebo.

02:20.500 --> 02:23.416
‪-Woza uzoyibona. Woza lapha.
‪-Kuphi?

02:24.041 --> 02:25.125
‪Sawubona, sis' Essie.

02:25.208 --> 02:26.208
‪Oh, yah, sisi.

02:26.291 --> 02:28.000
‪Usumbonile uJonasi namuhla nje?

02:28.083 --> 02:31.041
‪Angimazi, ngathi uthe kufanele
‪aye emtatsheni wezincwadi.

02:31.125 --> 02:32.416
‪ISUSELWE KU-THE POLYGAMIST
‪KA-SUE NYATHI

02:32.500 --> 02:33.958
‪-Ngiyabonga.
‪-Kulungile, sisi.

02:34.041 --> 02:35.958
‪-Bhabhayi. Mmm.
‪-Bhabhayi.

02:40.750 --> 02:43.541
‪[Essie osemncane] Uzoyiyeka nini
‪lento yakho yokubhanxa amantombazane?

02:44.375 --> 02:46.541
‪Liyobalinye ngikutshele. Bazokubamba.

02:46.625 --> 02:50.666
‪Uyabona, lana oyongifaka khona kuleyakho
‪inhliziyo ilapho ngiyoyiyeka yonke lento.

02:50.750 --> 02:52.125
‪Hhayi, uyaphupha wena.

02:52.208 --> 02:55.041
‪Uyaphupha ngoba mina ngine ndoda yami.

02:55.125 --> 02:57.083
‪Usho leso silima uS'bhamu?

02:57.166 --> 03:00.708
‪[enxapha] Ayikho into angakwenzela yona
‪engingeke ngikwazi mina. Uyakwazi lokho.

03:00.791 --> 03:02.750
‪Uyabona ukuthi usuyabheda. Kumele uhambe.

03:02.833 --> 03:04.750
‪-Uphuphe ngami namuhla, uyezwa?
‪-[ehleba] Hamba.

03:04.833 --> 03:07.166
‪[ehleka kancane]

03:15.166 --> 03:16.166
‪[ehleka usulu]

03:19.375 --> 03:21.625
‪[Essie osemncane]
‪Ngeke ngikwazi ukuhamba nawe namuhla nje.

03:23.125 --> 03:24.916
‪Buyela emotweni wena.

03:25.000 --> 03:27.541
‪Uyazi yini?
‪Ngikhathele ungiphatha njengodoti.

03:27.625 --> 03:29.333
‪-Ngiyeke ngihambe, ngiyeke!
‪-[Jonasi osemncane] Yey!

03:29.416 --> 03:30.541
‪Awumuzwa ume athi umyeke?

03:31.458 --> 03:32.458
‪[ngesiNgisi] Wena?

03:32.541 --> 03:34.125
‪[ngesiZulu] Jonasi, ungayingeni lento.

03:34.208 --> 03:35.458
‪Angiyindawo aze akuyeke.

03:35.541 --> 03:36.791
‪-[ehleka usulu]
‪-[kukhala isibhamu]

03:37.375 --> 03:40.416
‪Yeyi, ufunani lana ungena
‪izindaba zami nentombi yami?

03:40.500 --> 03:41.708
‪Ngiyindoda yakhe.

03:42.541 --> 03:44.458
‪-[ephefumulela phezulu]
‪-[S'bhambu] Angizwa?

03:44.541 --> 03:45.666
‪Ngiyindoda yakhe. Uzokwenzani?

03:45.750 --> 03:47.208
‪[Essie osemncane] Jonasi, awukahle. Hawu.

03:52.333 --> 03:53.750
‪Uzozisola, uyangizwa?

03:54.750 --> 03:56.750
‪Ulibambe lingashoni. [enxapha]

04:00.500 --> 04:03.583
‪[kuqala injini, ivungula]

04:10.625 --> 04:11.958
‪Bese wena? Ufuna ukufa?

04:12.041 --> 04:13.208
‪Leya ndoda ayikufanele.

04:13.791 --> 04:14.958
‪Mina ngingakufela, Essie.

04:15.541 --> 04:16.625
‪Ngiyakuthanda.

04:23.458 --> 04:26.458
‪[Essie osemncane] <i>‪Ngethemba ukuthi</i>
<i>‪usulahlile zonke izintombi zakho.</i>

04:26.541 --> 04:28.000
‪[uJonasi osemncane uyahleka]

04:28.541 --> 04:29.541
‪Angidlali.

04:29.625 --> 04:32.791
‪Ayikho into ekumele uzikhathaze ngayo.
‪Khululeka. [ehleka kancane]

04:35.583 --> 04:36.625
‪[akhiphe umoya]

04:37.500 --> 04:38.666
‪Yini indaba?

04:39.958 --> 04:43.750
‪-Ngiphinde ngaxabana nobaba futhi.
‪-Hmm.

04:45.125 --> 04:49.458
‪Wangithembisa ukunginika imali
‪ngesicelo sami eNyuvesi.

04:50.083 --> 04:51.750
‪Manje usethi akanayo imali.

04:51.833 --> 04:55.041
‪Kodwa njalo ufika ekhaya edakiwe.

04:55.916 --> 04:59.250
‪Ngicabanga ukuthi ngizogcina
‪ngisebenza imigwaqo njengoMagesh.

04:59.333 --> 05:01.208
‪Noma ngizongena egenini likaS'bhamu.

05:01.291 --> 05:03.083
‪Hhayi, ayikho ke leyo.

05:05.916 --> 05:07.125
‪Udinga malini?

05:08.208 --> 05:10.000
‪[enxapha] Iningi kabi imali engiyidingayo.

05:12.750 --> 05:14.541
‪-Dedela.
‪-[egquma]

05:25.708 --> 05:29.250
‪Lemali lena kade ngiyibeka ecaleni
‪uma ngiluka abantu.

05:30.500 --> 05:32.541
‪Essie, angikwazi ukuthatha imali yakho.

05:32.625 --> 05:36.833
‪Kade wawukhuluma ngokuthi ufuna
‪ukuya enyuvesi selokhu wawusesiBangeni 6.

05:36.916 --> 05:38.000
‪Nayi ke imali.

05:38.083 --> 05:39.458
‪Yithathe.

05:46.041 --> 05:47.458
‪[uJonasi osemncane ehleka]

05:48.875 --> 05:49.875
‪Ngiyabonga.

05:49.958 --> 05:53.166
‪Qiniseka ukuthi uyawuthola lowo mfundaze.

05:53.250 --> 05:54.875
‪Ngizokwenza njalo.

05:56.125 --> 05:57.791
‪Uzongishayela ucingo
‪ngazo zonke izinsuku, angithi?

05:57.875 --> 06:00.541
‪Mmm. Ngizokushayela nsuku zonke.

06:00.625 --> 06:03.250
‪Njalo inyanga mayiphela,
‪ngizobuya ngizokubona.

06:03.333 --> 06:04.375
‪[Essie osemncane] Mm-mmm.

06:04.458 --> 06:05.916
‪Udinga ukugxila.

06:06.541 --> 06:09.208
‪Uzongibona kahle mina
‪njalo makuphela isemesta.

06:09.916 --> 06:11.583
‪Uzobona, isikhathi sizoshesha ukuhamba.

06:11.666 --> 06:13.416
‪Ungadlali ngethuba, Jonasi.

06:14.375 --> 06:16.083
‪Ngeke ngikuphoxe, MaQwabe.

06:19.000 --> 06:20.000
‪Awuthi ngihambe.

06:46.833 --> 06:49.208
‪[Jonasi osemncane]
<i>‪MaQwabe wami omuhle, sawubona.</i>

06:49.875 --> 06:51.500
‪[ehefuzela] Ngaze ngakukhumbula.

06:51.583 --> 06:52.583
‪[uJonasi osemncane ehleka kancane]

06:52.666 --> 06:54.625
‪Hawu, kanti ke nami ngiyakukhumbula.

06:55.208 --> 06:59.791
‪Kusele amasonto amabili kuphele isemesta,
‪bese ngiyeza ngizokubona.

06:59.875 --> 07:01.833
‪Awu, ngafa inkumbulo nkosi yami.

07:01.916 --> 07:04.458
‪Ngizwa kuthiwa kukhona
‪amantombazane amahle lapho.

07:04.541 --> 07:06.625
‪Nginesiqiniseko sokuthi
‪ayaziphosa lapho kuwena.

07:06.708 --> 07:08.166
‪[uJonasi osemncane ehleka]

07:08.250 --> 07:09.791
‪Hawu, lutho, sithandwa.

07:09.875 --> 07:12.166
‪Angithi uyazi ukuthi awami amehlo
‪adalelwa ukubuka wena.

07:12.250 --> 07:15.083
<i>‪Kanti ke inhliziyo yami kade</i>
<i>‪wayintshontsha, wena s'gebengu.</i>

07:15.166 --> 07:16.541
‪[ehleka kancane]

07:18.166 --> 07:19.625
‪Lalela, MaQwabe.

07:19.708 --> 07:22.458
‪Kuzomele nginake okuthile.

07:22.541 --> 07:23.833
‪Sizophinda sikhulume.

07:24.416 --> 07:25.708
<i>‪Ngiyakuthanda, uyezwa?</i>

07:26.541 --> 07:28.625
‪-[ucingo luyaphela]
‪-[ehefuzela]

07:29.541 --> 07:30.958
‪Amasonto amabili.

07:32.166 --> 07:33.375
‪[ehleka kancane]

07:34.958 --> 07:36.250
‪[egigitheka]

07:44.458 --> 07:46.750
‪Mngani, izivivinyo seziphelile manje.

07:46.833 --> 07:48.458
‪-Kuzofanele alibambe.
‪-Yebo.

07:48.541 --> 07:50.708
‪[edayela]

07:52.041 --> 07:53.416
‪[elungisa umphimbo]

07:53.500 --> 07:56.833
‪[ucingo luyakhala]

07:58.583 --> 08:00.333
‪[ebubula, encimfa]

08:06.166 --> 08:07.541
‪[Essie osemncane]
‪Ngitshele uma isiqala ukushisa.

08:07.625 --> 08:08.625
‪EMINYAKENI EYISISHIYAGALOMBILI KAMUVA

08:08.708 --> 08:12.458
‪Freedom.
‪Thatha loswidi, uyodlalela le kude.

08:13.291 --> 08:15.083
‪Hawu, le ngane.

08:15.166 --> 08:16.708
‪-Uyazi?
‪-Hhayi, hhayi.

08:17.625 --> 08:18.625
‪-Kodwa-ke.
‪-[umngane] Hhayi.

08:18.708 --> 08:21.083
‪-[Essie osemncane] Yini?
‪-[umngane] Akuyena uJonasi lona?

08:24.000 --> 08:25.083
‪Hhayi-bo.

08:26.333 --> 08:27.333
‪Hhayi.

08:27.916 --> 08:29.791
‪UMFUNDI USHADA NENDODAKAZI
‪YOSOZIGIDI NGOKUMANGAZA

08:30.708 --> 08:36.500
‪[ngesiNgisi] "Jonasi Gomora,
‪umfundi e-Albert Ndlovu Construction,

08:36.583 --> 08:38.625
‪ushada noJoyce Jele."

08:39.625 --> 08:42.583
‪[ngesiZulu] Mmm, mmm, mmm, mmm.
‪Mngani, kuyasha la ekhanda.

08:43.166 --> 08:44.333
‪[kudlala umculo othusayo]

08:45.083 --> 08:46.458
‪Mngani!

08:53.250 --> 08:55.916
‪-Woza uzodlala.
‪-Awume, Freedom. Hamba uyodlala kancane.

08:57.458 --> 08:58.541
‪[u-Essie osemncane akhiphe umoya]

09:05.541 --> 09:07.250
‪[Jonasi osemncane] <i>‪Uma sengibuya…</i>

09:07.333 --> 09:10.000
‪-[Essie osemncane] <i>‪Mmm.</i>
<i>‪-…ngifuna amafulegi amhlophe masango onke.</i>

09:10.083 --> 09:11.625
‪Ngifuna kwaziwe ukuthi sekushada wena.

09:11.708 --> 09:14.875
‪-[ehleka]
‪-Uma ngiqeda, ngifuna kuthi, fahla!

09:14.958 --> 09:16.583
‪-Mmm.
‪-Bese ngikwakhele indlu enezitebhisi.

09:16.666 --> 09:19.750
‪Bese ngithi fahla,
‪ngikuthengele i-BMW ebomvu eguqukayo.

09:19.833 --> 09:21.083
‪Njengaleyo kaS'bhamu?

09:21.166 --> 09:22.458
‪Eyakho izoba ngcono kakhulu.

09:22.541 --> 09:25.000
‪-[ehleka kancane]
‪-Cha, uyaphupha bo, Jonasi.

09:26.583 --> 09:29.083
‪[Jonasi osemncane] <i>‪Ngizowafeza wonke</i>
<i>‪amaphupho akho, MaQwabe.</i>

09:29.166 --> 09:31.041
‪-[Essie osemncane] <i>‪Mmm.</i>
‪-[Jonasi osemncane]<i>‪ Ngiyakuthembisa.</i>

09:31.125 --> 09:32.250
<i>‪Ngiyabonga.</i>

09:38.541 --> 09:42.000
‪[Jonasi osemncane] <i>‪Uma ngibuya lana,</i>
<i>‪ngifuna kwaziwe ukuthi sekushada wena.</i>

09:42.083 --> 09:45.083
‪-[u-Essie osemncane ehleka]
<i>‪-Uma ngiceda ngifuna ukuthi fahla!</i>

09:45.166 --> 09:47.125
<i>‪-Mmm.</i>
<i>‪-Bese ngikwakhele indlu enezitebhisi.</i>

09:47.625 --> 09:50.041
‪-[ehleka kancane]
‪-[Essie osemncane] <i>‪Uyaphupha bo, Jonasi.</i>

09:54.375 --> 09:55.416
‪[kukhala ihutha]

09:56.416 --> 09:58.166
‪[kukhala ihutha]

10:12.291 --> 10:13.291
‪Jonasi.

10:14.291 --> 10:15.375
‪Uyayithanda?

10:16.500 --> 10:17.958
‪Uwena?

10:18.041 --> 10:19.375
‪Yimina, sithandwa.

10:19.458 --> 10:20.666
‪Sengikhona, ngibuyile.

10:21.333 --> 10:23.500
‪Emuva kweminyaka emingaka,
‪sowuthi "sithandwa" manje?

10:24.208 --> 10:25.708
‪Angithi wena awusafoni.

10:25.791 --> 10:27.541
‪Wayeka nokungivakashela.

10:27.625 --> 10:28.916
‪Hawu, sithandwa, uyazi

10:29.000 --> 10:30.666
‪ukuhamba kwami lana,

10:31.166 --> 10:35.125
‪wangitshela ukuthi ngigxile
‪futhi ngingavumeli lutho ingiphazamise.

10:35.875 --> 10:37.500
‪Yilokho engakwenza.

10:38.625 --> 10:42.666
‪Uyayikhumbula leya moto
‪owangitshela ukuthi uhlezi uphupha ngayo?

10:43.250 --> 10:46.458
‪Lena engathembisa ukukuthengela yona
‪izinto masezilungile?

10:48.708 --> 10:51.583
‪Iyeyakho. [ehleka kancane]

10:51.666 --> 10:53.625
‪-Jonasi.
‪-Huh?

10:53.708 --> 10:57.750
‪-Hhayi, Jonasi. Hhayi.
‪-[ehleka kancane]

10:57.833 --> 11:00.291
‪-Iyona, Jonasi.
‪-Huh?

11:00.375 --> 11:03.375
‪Ngiyayithanda. Ngiyayithanda,
‪ngiyayithanda, ngiyayithanda!

11:03.458 --> 11:05.166
‪[ehleka kancane]

11:05.250 --> 11:06.750
‪-[ehefuzela]
‪-Yebo, yebo.

11:07.333 --> 11:09.625
‪Ubani lo mncane?

11:10.666 --> 11:14.166
‪Oh, ingane yami leyo, uFreedom.

11:14.708 --> 11:17.833
‪Ngicela ungitshele ukuthi awunayo ingane
‪naleso sihlama uS'bhamu.

11:18.416 --> 11:20.250
‪Bengingazi phela mina ukuthi uzobuya wena.

11:20.333 --> 11:22.791
‪Angithi nawe uhambile
‪wayoshada enye intombazane?

11:22.875 --> 11:25.000
‪Ngiyawafunda phela amaphepha.

11:26.666 --> 11:28.750
‪Asikhulume kahle uma sesibuya, sithandwa.

11:28.833 --> 11:34.666
‪Okwamanje, ake sithathe imoto
‪siyishayele kancane.

11:47.250 --> 11:48.958
‪-Kumnandi lokho, angithi?
‪-[uFreedom osemncane] Mmm.

11:49.041 --> 11:50.250
‪Uyizwile?

11:50.333 --> 11:52.458
‪[behleka bobabili]

11:53.041 --> 11:54.291
‪-Yebo.
‪-[ephefumulela phezulu]

11:54.916 --> 11:56.625
‪-Uyawazi umshini?
‪-[ehleka kancane]

11:57.250 --> 11:58.333
‪Heyi.

11:58.958 --> 12:00.166
‪[bephefumulela phezulu bobabili]

12:04.041 --> 12:05.500
‪Ngishade, MaQwabe.

12:08.833 --> 12:10.291
‪Usha… [engingiza]

12:10.375 --> 12:11.875
‪Ushadile nje wena.

12:11.958 --> 12:13.333
‪Ngifuna ukukwenza umkami wesibili.

12:13.416 --> 12:16.000
‪UJoyce ngizokhuluma naye. Myekele kumina.

12:16.958 --> 12:18.000
‪Hhayi…

12:18.875 --> 12:21.083
‪Jonasi, mina angazi.

12:23.625 --> 12:28.791
‪MaQwabe, lendoda emi ngaphambi kwakho,
‪indoda owayakha wena ngezakho izandla.

12:29.875 --> 12:32.083
‪Ngicela ungivumele
‪ngikubonge ngendlela efanele.

12:32.583 --> 12:35.291
‪Ngenze indoda emadodeni, ungijabulise.

12:37.125 --> 12:38.375
‪Vuma phela.

12:42.208 --> 12:43.458
‪-[kudlala i-"Intombi"]
‪-Shesha ke.

12:43.541 --> 12:44.541
‪[bahleka bobabili]

12:48.666 --> 12:52.125
‪Hawu, siyakhuleka ekhaya kwaQwabe.

12:52.208 --> 12:55.333
‪[kukhothama izibongo ngesiZulu]

12:57.666 --> 12:58.916
‪Anti.

13:00.333 --> 13:01.666
‪Sebefikile abakwaGomora.

13:01.750 --> 13:03.708
‪Sesifikile ekhaya.

13:03.791 --> 13:09.958
‪Yithi oGomora, size ngobuhlobo obuhle.

13:10.666 --> 13:11.916
‪[ingoma iyaphela]

13:12.000 --> 13:13.416
‪[ukulilizela]

13:15.250 --> 13:18.000
‪[becula ngesiZulu, beshaya umlozi]

13:18.083 --> 13:20.500
‪♪ <i>‪Mawuthanda ungashona phansi</i>‪ ♪

13:21.250 --> 13:22.583
<i>‪-♪ Ufuna ukufela la, ufuna ukufela lena? </i><i>‪♪</i>
<i>‪-♪ Hawu ♪</i>

13:22.666 --> 13:24.000
‪♪ <i>‪Ufuna ukufela lana</i>
<i>‪Noma ufuna ukufela lena?</i>‪ ♪

13:24.083 --> 13:25.708
<i>‪-♪ Fela lana? Fela lana? ♪</i>
‪-♪ <i>‪Fela lena? Fela lena?</i>‪ ♪

13:25.791 --> 13:27.666
‪-♪ <i>‪Fela lana? Fela lana?</i>‪ ♪
‪-♪<i>‪ Fela lena? Fela lena? </i>‪♪

13:27.750 --> 13:29.166
‪♪<i>‪ Ufuna ukufela lana</i>
<i>‪Noma ufuna ukufela lena?</i>‪ ♪

13:29.250 --> 13:30.708
‪[bajabule, ukulilizela kuqhubeke]

13:30.791 --> 13:32.625
‪[kudlala umculo wesintu]

13:36.958 --> 13:39.000
‪[ingxoxo engazwakali]

13:58.666 --> 14:01.083
‪-♪ <i>‪Fela lana? Fela lana?</i>‪ ♪
‪-♪ <i>‪Fela lena? Fela lena?</i>‪ ♪

14:01.791 --> 14:04.291
‪-♪<i>‪ Fela lana? Fela lana?</i>‪ ♪
‪-♪ <i>‪Fela lena? Fela lena?</i>‪ ♪

14:04.375 --> 14:06.166
‪[bajabule, ukulilizela kuqhubeke]

14:06.250 --> 14:08.250
‪[kudlala i-"Tshepo - II (Rapela)"]

15:05.000 --> 15:08.208
‪[Essie osemncane] Ngathi ngiyabona ke
‪uma esegqoke lena izomfanela kanjani.

15:08.291 --> 15:09.291
‪[uJonasi osemncane ehleka kancane]

15:09.375 --> 15:13.250
‪[ehefuzela] Oh, buka lezi. Zaze zazinhle.

15:13.333 --> 15:15.791
‪-Kumele sizithenge, uyabo? [ehefuzela]
‪-[ehleka kancane]

15:17.041 --> 15:18.416
‪INTENGISO - R700.00

15:18.500 --> 15:19.833
‪We!

15:20.416 --> 15:21.875
‪-[ebabaza]
‪-Hmm?

15:22.375 --> 15:25.750
‪Yebo, kodwa… [akhiphe umoya]
‪…vele yonke into la iyabiza.

15:26.375 --> 15:27.875
‪-[akhiphe umoya, anxaphe]
‪-Hhayi-bo.

15:27.958 --> 15:30.041
‪Musa ukudlala wena.
‪Thatha lezi zinto. Hawu.

15:30.125 --> 15:32.250
‪-Indodakazi yethu ifanelwe okuhle kakhulu.
‪-Mm-hmm?

15:32.333 --> 15:34.250
‪-[ehleka kancane]
‪-Ngakho-ke, yini enye esizoyithatha?

15:34.333 --> 15:35.583
‪-[edonsa umoya kakhulu]
‪-Uh…

15:36.375 --> 15:38.416
‪-Ake siye lapha. [ehleka kancane]
‪-[ebabaza]

15:38.500 --> 15:41.416
‪-Hhayi, ayi, ayi.
‪-Hawu. [ehleka kancane]

15:41.500 --> 15:43.083
‪-Uzoqeda imali yami.
‪-Ake ngibheke ngapha.

15:43.166 --> 15:44.541
‪-[bahleke bobabili]
‪-[Joyce osemncane] Jonasi.

15:46.083 --> 15:48.041
‪-[kudlala umculo othusayo]
‪-Ubekwa yini lana?

15:48.666 --> 15:51.541
‪Oh. [ehleka kancane] Joyce.

15:51.625 --> 15:53.708
‪[engingiza] Ubani lo ohamba naye?

15:54.833 --> 15:56.250
‪Oh, u…

15:56.958 --> 16:02.625
‪U-Essie lona, unkosikazi kabafo, uMagesh.

16:02.708 --> 16:04.416
‪UMagesh unomfazi?

16:05.041 --> 16:07.333
‪Hawu. Ubu… Ubungazi? [ehleka kancane]

16:07.416 --> 16:08.791
‪Kuyangimangaza lokho. [ehleka kancane]

16:08.875 --> 16:13.708
‪[enxapha] Ungicele ukuthi ngiphelezele
‪u-Essie azothenga izinto zezingane.

16:13.791 --> 16:15.791
‪Umatasa esizeni.

16:15.875 --> 16:16.875
‪Mmm.

16:18.833 --> 16:22.791
‪Igama lami nginguJoyce.
‪Umakoti walomlisa ohamba naye.

16:23.541 --> 16:24.541
‪Essie.

16:25.666 --> 16:30.875
‪[ehleka] Essie, uyayikholwa yini indaba
‪yalawa madoda? Asifihlela indaba engaka?

16:30.958 --> 16:32.250
‪Mmm, hhayi.

16:32.333 --> 16:33.583
‪Bayafihla bona.

16:33.666 --> 16:35.125
‪[Joyce osemncane] Hhayi. [enxapha]

16:39.708 --> 16:42.916
‪Ngiyabona ukuthi nawe
‪uzothola intombazane.

16:43.000 --> 16:45.291
‪Kusho ukuthi izingane zethu
‪zizoba ngamawele phela.

16:45.875 --> 16:48.625
‪Futhi bazodlala nomfana wami,
‪uMenzi. [ehleka kancane]

16:48.708 --> 16:49.875
‪[uJonasi osemncane ehleka kancane]

16:49.958 --> 16:51.125
‪Ngicela ungiyise ekhaya.

16:51.208 --> 16:54.125
‪-Hmm?
‪-Ngikhathele nezinyawo zami sezibuhlungu.

16:54.208 --> 16:57.083
‪Oh, hhayi, kulungile. Kulungile.

16:57.166 --> 16:59.375
‪Eh, ngizokubona endlini.

16:59.458 --> 17:01.250
‪-[Joyce osemncane] Mmm.
‪-[Jonasi osemncane] Mm-hmm.

17:01.333 --> 17:02.333
‪[bahleke bobabili]

17:03.083 --> 17:05.750
‪Uh, Essie.
‪Ngiyajabula kakhulu ukukwazi, sisi.

17:05.833 --> 17:08.375
‪-Ngikumemela esidlweni ngesinye isikhathi.
‪-[ehleka kancane]

17:09.291 --> 17:10.291
‪[bahleke kancane bobabili]

17:10.375 --> 17:11.375
‪Joyce.

17:12.125 --> 17:14.583
‪[Essie osemncane]
<i>‪Uthe kimima uJoyce uyazi ngami.</i>

17:14.666 --> 17:17.625
‪[Jonasi osemncane] Bengifuna ukumtshela,
‪kodwa angikwazanga.

17:17.708 --> 17:18.750
‪[Essie osemncane] Bese wakhohlwa?

17:18.833 --> 17:21.041
‪[Jonasi osemncane] Ubaba kaJoyce
‪ubengisiza ukuthi ngithole ithenda,

17:21.125 --> 17:22.375
‪ngakho angikwazanga ukumtshela.

17:22.458 --> 17:24.291
‪Kulungile, ithenda usuyitholile, angithi?

17:24.375 --> 17:26.625
‪Pho kungani ungamtshelanga iqiniso?

17:29.333 --> 17:30.333
‪[akhiphe umoya]

17:32.125 --> 17:33.125
‪Hhayi-bo.

17:45.875 --> 17:47.750
‪[kudlala umculo wethemba]

17:47.833 --> 17:48.833
‪[Jonasi osemncane] Mm-hmm.

17:49.583 --> 17:51.500
‪-Manje sizokwenzani lana?
‪-[ephefumulela phezulu]

17:52.208 --> 17:53.583
‪Angishongo ukuthi ngicela ungise ekhaya?

17:53.666 --> 17:55.958
‪Sisekhaya, MaQwabe. Ikhaya lethu.

17:56.041 --> 17:58.500
‪Jonasi, anginaso isikhathi
‪sokudlala namuhla nje.

17:58.583 --> 17:59.958
‪Anginaso nje.

18:00.041 --> 18:02.958
‪-MaQwabe, uyakhumbula ngathembisa…
‪-[akhiphe umoya]

18:03.041 --> 18:06.750
‪…ukukuthengela indlu, isithabathaba
‪esinezitebhisi, esithi wena?

18:07.458 --> 18:08.458
‪-[ephefumulela phezulu]
‪-Sengibuyile.

18:08.541 --> 18:11.875
‪Nasi ke isithabathaba sendlu
‪esinezitebhisi, esithi wena.

18:14.375 --> 18:15.541
‪[ngesiNgisi] Isimanga.

18:15.625 --> 18:17.541
‪-[ehleka kancane]
‪-[ngesiZulu] U… Uqinisile?

18:18.666 --> 18:20.458
‪Uyayithanda? [ehleka kancane]

18:20.541 --> 18:23.875
‪[engangiza] Ngiyayithanda, ngi…
‪[ehleka kancane]

18:23.958 --> 18:25.166
‪-Ngiyayithanda.
‪-[ehleka kancane]

18:26.125 --> 18:28.083
‪[Essie osemncane] <i>‪Ungenze umuntu, Gomora.</i>

18:28.166 --> 18:31.041
‪Phela wena uyazi ukuthi ufanelwe
‪yikho konke okuhle kwa lana emhlabeni.

18:31.125 --> 18:33.333
‪-Mmm. Mmm. [ehleka kancane]
‪-Mm-hmm? [ehleka kancane]

18:39.166 --> 18:41.583
‪Bheka, kuzomele ngihambe.

18:41.666 --> 18:44.083
‪Angifuni uJoyce aqale ukubuza imibuzo

18:44.166 --> 18:45.875
‪engingeke ngikwazi ukuyiphendula.

18:45.958 --> 18:48.000
‪-[u-Essie osemncane ebubula]
‪-[uJonasi osemncane ebhonga]

18:48.083 --> 18:49.416
‪Hhayi-bo.

18:49.500 --> 18:52.791
‪Manje ngempela awuzimisele
‪ngokuthi umtshele ngami?

18:52.875 --> 18:54.333
‪Hhayi, sithandwa sami, awukahle.

18:54.416 --> 18:57.583
‪Uyazi phela akungijabulisi
‪ukukubona ungaphathekile kahle.

18:57.666 --> 19:00.125
‪Ngingumkakho, Gomora.

19:00.208 --> 19:02.333
‪Angiyona imfihlo ozolokhe
‪udlala nayo umacashelana.

19:03.125 --> 19:04.208
‪Ngiyazi, sithandwa.

19:04.291 --> 19:07.458
‪Kodwa i-J&J isanda kuthola
‪inkontileka enkulu ebiza imali eningi.

19:07.541 --> 19:10.166
‪Ngeke ngikwazi ukumtshela ngami nawe.

19:10.250 --> 19:12.291
‪Manje uJoyce uyena ophethe izikhwama.

19:12.375 --> 19:15.125
‪Kufanele mina ngidansele isiginci sakhe?

19:16.750 --> 19:18.458
‪Okwamanje, sithandwa sami.

19:19.208 --> 19:20.208
‪Ngiyacela.

19:22.291 --> 19:24.708
‪[engangiza] Usukhohliwe
‪ukuthi sinengane endleleni?

19:25.416 --> 19:28.458
‪Ngiyazi. Ngicela uyeke ukugcizelela.

19:28.541 --> 19:30.708
‪Ayilungile kwingane.

19:30.791 --> 19:31.791
‪Ngizokubona.

19:37.875 --> 19:39.083
‪[kudlala umculo ojabulisayo]

19:44.250 --> 19:45.625
‪[Magesh osemncane] Hawu.

19:50.541 --> 19:55.541
‪[ehleka usulu] Angifuni ukuba la, Magesh.
‪Ayikho into esizolokhe siyisineka lana.

19:55.625 --> 19:59.500
‪Hhayi ke, makunjalo kusho ukuthi ngokuzayo
‪sekuyofanele ufike nesizathu sokungabikho.

19:59.583 --> 20:02.916
‪[ebabaza] Hhayi, kuyomsiza ke umfowenu
‪masingekho isikhathi esizayo sokubuya.

20:05.125 --> 20:07.083
‪[ebhonga] Hawu, Bafo.

20:07.166 --> 20:08.250
‪Ndoda yamadoda.

20:08.333 --> 20:11.375
‪[elungisa umphimbo]
‪MaQwabe, ngiyabonga ngokwenza lokhu.

20:11.458 --> 20:13.583
‪Awume kancane. Asenze lana siqede.

20:14.250 --> 20:15.250
‪[ephefumulela phezulu]

20:16.125 --> 20:18.541
‪-[Magesh osemncane] Hawu, skwiza.
‪-Ngaze ngajabula ukuthi nifikile.

20:18.625 --> 20:20.375
‪-[Magesh osemncane] Kujabula thina.
‪-Namukelekile.

20:20.458 --> 20:21.458
‪Asibonge.

20:40.625 --> 20:41.791
‪[Essie osemncane] Hawu.

20:41.875 --> 20:44.000
‪-Ubani osemnyango? Hmm?
‪-[uSarah osemncane ehleka]

20:44.083 --> 20:46.958
‪-Ngubani lowo? Ngubani lowo?
‪-[umnyango evuleka]

20:47.041 --> 20:48.041
‪Asibone.

20:49.000 --> 20:50.208
‪[akhiphe umoya]

20:50.291 --> 20:51.458
‪Bhuti.

20:52.541 --> 20:53.541
‪Sanibona.

20:54.166 --> 20:56.291
‪UJonasi ubanjwe ehhovisi…

20:56.375 --> 21:00.333
‪-Mmm.
‪-…futhi wangicela ukuthi ngilethe lokhu.

21:00.416 --> 21:01.416
‪Oh.

21:08.750 --> 21:10.666
‪-[ephefumulela phezulu]
‪-Ingabe konke kuhamba kahle?

21:10.750 --> 21:13.666
‪Kungaba njalo uma umfowenu ebevakasha.

21:13.750 --> 21:16.041
‪-Wathola ithenda yokwakha isikole.
‪-[kudlala umculo ophansi]

21:16.125 --> 21:18.000
‪Lapha? EDiepkloof?

21:18.083 --> 21:21.375
‪Engekude nangemizuzu emihlanu
‪kuphela ukusuka lapha?

21:21.458 --> 21:24.541
‪-Cha. Awukahle ngokumbekela izaba.
‪-Cha, cha, cha, angizami uku--

21:24.625 --> 21:25.708
‪Hhe-eh.

21:25.791 --> 21:28.583
‪Umfowenu simugcine
‪izinyanga eziyisithupha ezedlule.

21:29.208 --> 21:34.125
‪Mina sengijwayele ukungamboni,
‪kodwa izingane?

21:34.708 --> 21:35.875
‪USarah nje akasamazi.

21:36.666 --> 21:38.041
‪[ebabaza] Hhayi, kahleni bo.

21:39.041 --> 21:40.041
‪Awukahle.

21:41.250 --> 21:43.333
‪[ikhasethi iyahlehlisa]

21:43.416 --> 21:44.416
‪[kukhale amaqhwagi]

21:52.333 --> 21:54.333
‪[emunca amazinyo] Hawu. Asibonge.

21:54.875 --> 21:55.875
‪Ngiyabonga, MaQwabe.

21:57.166 --> 21:58.791
‪Ngiyabonga nakuwena, Sarah.

21:59.666 --> 22:01.916
‪Mmm. [anambithe umlomo] Oh, yeyi.

22:02.583 --> 22:04.458
‪Ngicishe ngakhohlwa.

22:04.541 --> 22:06.041
‪Yebo.

22:06.125 --> 22:07.791
‪-[Jonasi] Oh, yebo.
‪-[ehleka kancane]

22:07.875 --> 22:09.291
‪-Yebo.
‪-[bahleke bonke]

22:10.208 --> 22:12.208
‪[Jonasi] Mm-hmm. Mm-hmm.

22:15.750 --> 22:17.916
‪Sekunezinyanga ngiyicelile, kodwa ke.

22:19.875 --> 22:22.083
‪Eh… [engingiza] …angizwanga?

22:22.708 --> 22:24.208
‪Ngiyabonga, Baba. Ngiyayithanda.

22:24.291 --> 22:25.708
‪Oh, oh. Kuhle lokho.

22:26.791 --> 22:27.791
‪Mm-hmm.

22:27.875 --> 22:32.541
‪Yima ke, kuthiwani ngesimo sakho
‪selayisensi yokushayela?

22:33.875 --> 22:35.166
‪[Sarah] Usucabanga ukungithengela imoto?

22:35.250 --> 22:36.708
‪-Angishongo njalo.
‪-[ehleka kancane]

22:36.791 --> 22:38.000
‪[Jonasi] Angishongo njalo mina.

22:38.083 --> 22:41.708
‪Into engiyishoyo ukuthi hamba uyobheka
‪imoto ungitshele ukuthi uthanda eyiphi.

22:41.791 --> 22:44.291
‪Hhayi ke, emuva kwalokho,
‪sizobona ukuthi senzani.

22:44.375 --> 22:46.208
‪-Yebo. Ngiyabonga, Baba. [ehleka]
‪-Awuzwe-ke.

22:47.041 --> 22:48.208
‪[Jonasi] Mm-hmm.

22:48.291 --> 22:49.500
‪-[Essie] Hhayi-bo.
‪-[Jonasi] Hawu.

22:49.583 --> 22:51.666
‪-Usuhamba ungathathanga amapuleti manje?
‪-Hhayi-bo.

22:51.750 --> 22:54.333
‪-Oh. [ehleka kancane]
‪-[Jonasi] Ukhohlwe nezitsha? [ebabaza]

22:54.416 --> 22:55.875
‪-Mi.
‪-Yebo, Ma. Ngiyabonga.

22:56.375 --> 22:58.125
‪Hawu. Uzoyithola leyo moto?

22:58.208 --> 22:59.625
‪[bahleke bobabili]

23:00.458 --> 23:01.458
‪Heyi, madoda.

23:02.083 --> 23:04.541
‪-Jonasi, ucabanga ukuthi imoto…
‪-[kudlala umculo othusayo]

23:04.625 --> 23:06.791
‪…izomenza akhohlwe ngomhlonyane?

23:08.041 --> 23:09.375
‪[elungisa umphimbo]

23:09.458 --> 23:12.041
‪Mina nawe siyazi ukuthi lento
‪ayimayelana nomhlonyane.

23:12.125 --> 23:13.583
‪Uqinisile.

23:13.666 --> 23:16.708
‪Isimemezelo samawele
‪noMatipa simphathe kabi.

23:16.791 --> 23:17.958
‪Kwenze izinto zaba zimbi nakakhulu.

23:18.041 --> 23:20.541
‪-Khuluma naye.
‪-Ngizamile.

23:20.625 --> 23:22.458
‪Le ngane… [ngesiNgisi]
‪…iyibhomu elizoqhuma maduze.

23:25.458 --> 23:27.708
‪-[ngesiZulu] Awukahle, MaQwabe.
‪-[ephefumulela phezulu]

23:29.125 --> 23:30.250
‪Uthini la kimina?

23:31.416 --> 23:32.416
‪Jonasi.

23:33.333 --> 23:34.791
‪USarah akazange ayicele lempilo.

23:35.625 --> 23:37.250
‪Nami angikaze ngiyicele lempilo.

23:38.541 --> 23:41.375
‪Kahle hle mina sengikhathele
‪ukukuqambela amanga.

23:41.458 --> 23:42.958
‪Kumele uyilungise lento.

23:43.541 --> 23:44.541
‪Lalela.

23:45.916 --> 23:49.666
‪Indaba lena kaMatipa
‪ayithi ukwehla kancane.

23:50.416 --> 23:53.000
‪Emuva kwalokho, ngizoyilungisa lento.

23:54.416 --> 23:55.416
‪Hmm?

23:56.791 --> 23:58.875
‪Ngethemba ukuthi ngeke kuthathe
‪isikhathi eside,

24:00.166 --> 24:02.291
‪ngoba leli bhomu lizoqhuma.

24:07.541 --> 24:08.541
‪[Jonasi] Mmm.

25:20.958 --> 25:25.958
‪Izinhlokwana zihunyushwe ngu:
‪Lusanda Makupula
