WEBVTT

00:06.500 --> 00:07.916
‪[kudlala u-"Mfaz' omnyama"]

00:18.125 --> 00:19.125
‪[wehle umculo]

00:19.208 --> 00:20.583
‪YOKUGCOBA IZANDLA
‪YOKUFUTHA IGUMBI

00:20.666 --> 00:24.291
‪[Joyce] <i>‪Sinethulela umkhiqizo wethu omusha</i>
<i>‪owenziwe ngezitshalo ezixubene</i>

00:24.375 --> 00:26.708
<i>‪-namafutha athakiwe amsulwa.</i>
‪-[kukhale amakhamera]

00:26.791 --> 00:29.000
<i>‪-Umkhiqizo ngamunye uguqula ukugeza…</i>
‪-[ehleka]

00:29.083 --> 00:30.333
<i>‪…kube yisiko.</i>

00:31.333 --> 00:35.541
<i>‪I-Ivory Oasis Baths,</i>
<i>‪isigodlo sakho siguqulwe.</i>

00:35.625 --> 00:37.583
‪[ngesiZulu] Uyazi… [ngesiNgisi]
‪…sengidlale ukuba uzakamuva

00:37.666 --> 00:39.250
‪-kulo mama isikhathi eside…
‪-[bashaye ihlombe]

00:39.333 --> 00:40.333
‪[ngesiZulu] …futhi sengikhathele.

00:40.416 --> 00:41.458
‪-Ngikhathele.
‪-[uyabubula]

00:41.541 --> 00:42.541
‪IMIQHAFAZO

00:42.625 --> 00:44.625
‪[anambithe umlomo]
‪Isithembu mngani, siyanyisa.

00:45.708 --> 00:51.250
‪Kuyomsizake lo kumsebenzele ukuthi akhiphe
‪isiqephu sabezindaba ngoLwesihlanu.

00:51.333 --> 00:54.208
‪Yingakho ephuzile ukukhipha lesi siqephu.

00:54.291 --> 00:55.666
‪Wenzela ukwethulwa komkhiqizo.

00:55.750 --> 00:59.916
‪Ukusebenzisana kwami ne-Ivory Oasis Baths…
‪[ngesiNgisi] …ngempela,

01:00.000 --> 01:03.083
‪-kube ukubhanqa okwenziwe ezulwini.
‪-[kukhale amakhamera]

01:03.875 --> 01:08.583
‪[ngesiZulu] Silokhu sisematheni
‪selokhu saqala ukusebenzisana…

01:08.666 --> 01:12.750
‪[ngesiNgisi] …futhi sihamba phambili
‪ezitolo sinjalo nje.

01:12.833 --> 01:14.458
‪-[Jonasi] Mmm. Mmm.
‪-Niyangizwa?

01:14.541 --> 01:15.916
‪[kukhale ucingo]

01:16.000 --> 01:17.000
‪[ngesiZulu] Yoh.

01:19.125 --> 01:21.208
‪-Nazo.
‪-[kukhale umsindo wocingo]

01:21.291 --> 01:25.208
‪[ngesiNgisi]
‪Futhi angingabazi nangomzuzu nje…

01:25.291 --> 01:27.875
‪[ngesiZulu]
‪…ukuthi nezokugeza eziqhakazisayo…

01:27.958 --> 01:30.375
‪[ngesiNgisi] …zizokwenza okufanayo.

01:30.458 --> 01:33.291
‪-[kukhale umsindo wocingo]
‪-Ngakho ke, bodade nabafowethu,

01:33.375 --> 01:36.583
‪sicela nithokozele ezokugeza
‪eziqhakazisayo…

01:36.666 --> 01:39.083
‪-Sisematheni.
‪-…eziphuma kwa-Ivory Oasis Baths.

01:39.166 --> 01:40.458
‪[ngesiZulu] Nazo.

01:40.541 --> 01:41.833
‪@MATIPA - BHEKA UBANI
‪OSANDA KUBA NAMAWELE!!

01:41.916 --> 01:43.666
‪NGIBONGA UBABA WEZINGANE ZAMI
‪@JONASIGOMORA @JOYCEGOMORA

01:43.750 --> 01:45.750
‪-[kukhale umsindo wocingo]
‪-[alungise umphimbo]

01:46.416 --> 01:47.875
‪[ngesiNgisi] Mamathekela ikhamera, Joyce.

01:48.541 --> 01:49.541
‪Kuyiqiniso lokhu?

01:49.625 --> 01:50.833
‪-[bahhumuzele]
‪-[kukhale amakhamera]

01:50.916 --> 01:51.916
‪[kukhale imisindo yezingcingo]

01:54.041 --> 01:56.791
‪Nikubonile lokhu?

01:59.708 --> 02:01.833
‪-[kuqhubeke ukuhhumuzela]
‪-[ahleke]

02:01.916 --> 02:04.041
‪[Joyce, ngesiZulu]
<i>‪Bengisazomemezela kahle.</i>

02:04.125 --> 02:06.875
‪Eh, ngicela ukuthi iNingizimu Afrika yonke
‪ingihalalisele.

02:06.958 --> 02:10.708
‪Sengamukele umnakwethu omusha,
‪uMatipa Gomora.

02:10.791 --> 02:12.708
‪[intatheli] Manje uthini ngezingane?

02:12.791 --> 02:14.208
‪-[ahleke kancane]
‪-Nazo.

02:14.291 --> 02:19.875
‪Hhoh. Yebo, iqiniso impela.
‪Samukele hhayi eyodwa, kodwa ezimbili.

02:19.958 --> 02:21.166
‪-[ngesiZulu] Amawele?
‪-Amawele.

02:21.250 --> 02:23.416
‪[ngesiNgisi]
‪Kuhlala uthando oluningi kwaGomora.

02:24.208 --> 02:26.541
‪-[ahleke kancane]
‪-Siqedile. [ngesiZulu] Asambe.

02:26.625 --> 02:27.750
‪[bobabili, ngesiNgisi] Siyabonga.

02:27.833 --> 02:29.416
‪-[ngesiZulu] Asambe, Joyce.
‪-[ahleke kancane]

02:30.000 --> 02:32.625
‪-[anxaphe] Usile lo.
‪-Yoh.

02:33.708 --> 02:35.125
‪Yoh, mngani.

02:37.583 --> 02:39.500
‪[bahleke bobabili]

02:57.208 --> 02:59.125
‪SESIBIZA UBUFEBE NGESITHEMBU
‪MANJE? #JOYCEGOMORA

02:59.208 --> 03:00.208
‪KUSHO UKUTHI ISISHO SIQINISILE…

03:00.291 --> 03:01.458
‪IKHIWANE ELIHLE LIGCWALA
‪IZIMPETHU #JOYCEGOMORA

03:03.125 --> 03:04.500
‪NGATHI ZINGANGISHWEBA
‪IZIBUSISO EZINJE

03:04.583 --> 03:05.583
‪MISA IBHASI SIYAPHI?

03:05.666 --> 03:07.041
‪PHO, UKUFEBA NGAPHANDLE
‪KOKUPHATHEKA KABI?

03:07.125 --> 03:08.333
‪ANGIKAZE NGIJOLE
‪FUTHI ANGISOZE MANJE

03:08.416 --> 03:09.416
‪BAFETHU YIMBI KAKHULU LENTO

03:09.500 --> 03:10.541
‪NGIYAPHUMA LA BESE
‪NGISUSA LENTO OCINGWENI LWAMI

03:10.625 --> 03:11.958
‪[anxaphe, ancimfe]

03:12.041 --> 03:13.458
‪Suka.

03:14.875 --> 03:15.875
‪[Jonasi] Menzi.

03:17.208 --> 03:18.208
‪Mpume.

03:19.916 --> 03:21.208
‪Ziphi lezingane?

03:22.500 --> 03:23.500
‪Uyaphi wena?

03:23.583 --> 03:25.750
‪-Uyaphi, Mpume?
‪-Ngiya kuLindani.

03:26.875 --> 03:29.083
‪-ISonto lokusa inyama namuhla.
‪-[akloklozele]

03:29.166 --> 03:31.208
‪-[Freedom] Sawubona, Mpume.
‪-[Mpume] Ey, awungiyeke nawe.

03:36.166 --> 03:38.625
‪-[ahleke kancane uFreedom]
‪-Ubekwa yini wena la?

03:38.708 --> 03:39.708
‪Baba.

03:41.166 --> 03:43.958
‪-[Menzi] Hawu, weFree. Usufikile?
‪-[Freedom] Hawu, Meh-Meh.

03:44.041 --> 03:46.083
‪[ahefuzele] Ukahle?

03:46.166 --> 03:48.375
‪-Kuhle, mfana. Bathini?
‪-Hhay' ngimnandi.

03:48.875 --> 03:49.875
‪-Asibangene.
‪-Asibeke.

03:49.958 --> 03:50.958
‪Ningenani, kephi?

03:51.583 --> 03:54.750
‪Hhayi, siya esontweni.
‪Yebo, siya esontweni.

03:54.833 --> 03:58.083
‪Nawe nje sizokubeka emthandazweni.

03:58.166 --> 03:59.166
‪Baba.

03:59.750 --> 04:02.000
‪Hambani. Ngizohlala nomama wenu.

04:03.000 --> 04:04.208
‪Sizohlala sobabili.

04:06.333 --> 04:07.958
‪ISUSELWA KU-THE POLYGAMIST
‪KA-SUE NYATHI

04:08.041 --> 04:09.250
‪Usulibangisephi ke wena?

04:13.625 --> 04:16.791
‪Ngiyazikhipha noThembi.

04:18.208 --> 04:22.041
‪Angithi uyazi ukuthi namhlanje iSonto.
‪Sosa inyama namhlanje. Uyazi.

04:22.125 --> 04:23.333
‪-Hhawu?
‪-Mm-hmm.

04:25.458 --> 04:27.125
‪Kusho ukuthi yosa phela, mosi omkhulu.

04:28.750 --> 04:30.125
‪[ngesiNgisi] Uyithokozele.

04:34.583 --> 04:35.666
‪[ngesiBhunu] Uxolo.

04:45.333 --> 04:46.333
‪[kukhale imoto]

04:46.416 --> 04:48.541
‪[kuvuleke umnyango wemoto, uvaleke]

04:48.625 --> 04:49.708
‪[kudume injini]

04:55.583 --> 04:58.333
‪[ngesiNgisi]
‪Ma, lokhu… lokhu ukuzenza ingane.

04:58.416 --> 05:00.291
‪[ngesiZulu]
‪Angisiboni mina isidingo sokuthi ngibe la.

05:00.375 --> 05:02.750
‪Angithi wena uno-Google noJonasi.

05:02.833 --> 05:05.041
‪Abakutshela yonke into ofuna ukuyazi.

05:05.125 --> 05:08.333
‪Kulungile, manje wonke lo msindo owenzayo

05:09.750 --> 05:13.166
‪ungenxa yokuthi ngithathe isinqumo
‪sokushada indoda engiyithandayo?

05:13.250 --> 05:14.791
‪Uyongithinta mhla usungidinga.

05:14.875 --> 05:16.291
‪Sala kahle, ntombi.

05:18.250 --> 05:19.250
‪Sawubona, Ma.

05:21.500 --> 05:22.500
‪[ahleke usulu]

05:23.000 --> 05:24.958
‪[Freedom] <i>‪Aw', uJonasi, bafethu. Hhayi.</i>

05:25.041 --> 05:28.916
‪Uyakuthanda ubaba wakho mfana,
‪ukhethe nokukugixabeza ngomama omusha.

05:29.000 --> 05:30.000
‪[kudume umshini]

05:30.083 --> 05:31.916
‪-Uhlekani pho?
‪-[ahleke kancane] Hawu, mfwethu.

05:32.000 --> 05:33.833
‪Ayahlekisa yini amasimba uJonasi awenzayo?

05:35.166 --> 05:38.916
‪Uyayibona ke le nzondo, le ntukuthelo
‪egcwele ngaphakathi kuwena

05:39.500 --> 05:41.541
‪ngifuna ukuthi uyikhiphele kubaba wakho.

05:42.083 --> 05:44.416
‪Ngoba wonke umuntu ukulamasimba
‪ngenxa kababa wakho.

05:45.875 --> 05:47.250
‪Ungakukhohlwa lokho, mkhulu.

05:49.458 --> 05:54.708
‪Yini le ekwenze ubone ukuthi yicebo elihle
‪ukufaka izindaba ezinkundleni zokuxhumana?

05:54.791 --> 05:55.791
‪[ngesiNgisi] Kulungile.

05:55.875 --> 05:57.791
‪[ngesiZulu] Khona manje
‪umndeni wami ungifulathele mina.

05:57.875 --> 06:00.833
‪Uyazi uJoyce khona manje ziyamnetha
‪ezinkundleni zokuxhumana.

06:00.916 --> 06:02.666
‪UJoyce usenkingeni. Yonke into--

06:02.750 --> 06:05.000
‪[aqunge] Awungiyeke ngoJoyce!

06:05.083 --> 06:06.750
‪Njalo… [ngesiNgisi]
‪…uJoyce lokhu, uJoyce lokhuya.

06:06.833 --> 06:07.958
‪Joyce… Amasimba kaJoyce.

06:08.041 --> 06:10.500
‪[ngesiZulu] Awungixeke.
‪Ngingaze ngimuphuphe nasebusuku.

06:11.958 --> 06:13.416
‪Nayi into ozoyiphupha.

06:15.000 --> 06:16.208
‪Umkami loya.

06:17.500 --> 06:19.583
‪UNdlunkulu wakho okumele umhloniphe.

06:20.125 --> 06:21.125
‪Siyezwana?

06:21.708 --> 06:24.000
‪Uma uthi ngizomhlonipha,

06:24.958 --> 06:30.833
‪uqonde ukuthi ngizothobela imithetho yakhe
‪nayo yonke imigomo nemibandela akhe?

06:30.916 --> 06:33.250
‪-Wena, khohlwa yilokho.
‪-[kukhale abantwana]

06:38.375 --> 06:39.666
‪-Uyaphi?
‪-[kuqhubeke ukukhala]

06:39.750 --> 06:42.583
‪Lezi izingane osuzivusile
‪zizolaliswa ubani?

06:42.666 --> 06:44.916
‪Oh, zivuswe yimina? Ngoba uwena omemezayo.

06:45.000 --> 06:48.875
‪Ucabanga ukuthi ngizohlala ngilalele wena
‪ulokhu ukhononda ngayo yonke into?

06:48.958 --> 06:50.041
‪-[ahleke usulu]
‪-Hhayi uyahlanya.

06:50.125 --> 06:51.500
‪WeJonasi.

06:51.583 --> 06:53.208
‪WeJonasi, ezabani lezi zingane?

06:53.291 --> 06:54.375
‪[kuqhubeke ukukhala]

06:59.000 --> 07:00.208
‪[umsindo wocingo]

07:00.291 --> 07:01.625
‪[Joyce, ngesiNgisi] <i>‪Sawubona, Mapaseka.</i>

07:02.500 --> 07:04.666
<i>‪Empeleni, ngicabanga ukuthi</i>
<i>‪usuzizwile izindaba.</i>

07:04.750 --> 07:07.875
<i>‪Lalela, ngingathanda ukuqhubeka nengxoxo</i>
<i>‪yethu kusasa, ngiyacela.</i>

07:07.958 --> 07:09.208
‪[umsindo wocingo]

07:18.000 --> 07:19.000
‪Menzi.

07:19.583 --> 07:22.083
‪[ngesiZulu] Yebo. Uh, ngingangena?

07:23.083 --> 07:24.375
‪UMa wakho okuthume ukuthi uze la?

07:25.083 --> 07:27.625
‪[ngesiNgisi] Hhayi, cha, cha.
‪[ngesiZulu] Beku… Bekungasiyena uMa.

07:28.333 --> 07:31.291
‪Bengifisa ukubona osisi bami abancane.

07:32.125 --> 07:33.625
‪Kodwa uma ungenankinga wena.

07:34.958 --> 07:37.833
‪[angingize, asho ngesiNgisi] Kulungile.
‪[ngesiZulu] Ngicela ungene.

07:37.916 --> 07:39.250
‪Oh. Ngiyabonga.

07:43.625 --> 07:45.458
‪-[kukhale amaqhwagi]
‪-[kukhonkothe izinja]

07:46.166 --> 07:47.666
‪[abhibhidle umntwana]

07:47.750 --> 07:50.291
‪[Menzi, ngesiNgisi] Sanibona. Yey.

07:50.375 --> 07:52.333
‪Ubani ofuna ngimcabuze?

07:52.416 --> 07:54.791
‪Ubani ofuna ngimcabuze?
‪Uwena ofuna ngikucabuze?

07:54.875 --> 07:55.875
‪Hmm?

07:58.791 --> 08:00.125
‪-Kulungile, ubani ongithanda kakhulu?
‪-[kuvuleke umnyango]

08:00.208 --> 08:01.416
‪-Hhe?
‪-[babhibhidle abantwana]

08:01.500 --> 08:02.500
‪[ahleke kancane]

08:03.666 --> 08:05.541
‪[ngesiZulu] Yoh. Abasebahle.

08:06.166 --> 08:07.250
‪Bangikhumbuza

08:08.208 --> 08:09.666
‪uNkazimulo esasemncane.

08:09.750 --> 08:10.916
‪Ngiyabonga, Menzi.

08:13.166 --> 08:18.000
‪[uyabubula] Angazi bengizosithola nini
‪isikhathi sokuthi ngigeze uma ungafikanga.

08:19.041 --> 08:20.041
‪[kukhale ucingo]

08:20.625 --> 08:21.750
‪Eh…

08:21.833 --> 08:23.125
‪-Ngiyaxolisa kancane.
‪-[umsindo wocingo]

08:23.208 --> 08:24.416
‪MA - UCINGO OLUNGENAYO
‪PHENDULA

08:26.000 --> 08:27.000
‪-[lukhiye ucingo]
‪-[kuthule ukukhala]

08:29.000 --> 08:31.583
‪Hhayi, ngicabanga ukuthi akubalulekile.

08:31.666 --> 08:33.000
‪Ngizobuya ngimshayele.

08:33.750 --> 08:34.958
‪-[kuvaleke umnyango]
‪-[kukhale izikhiye]

08:44.166 --> 08:45.375
‪Joyce.

08:47.208 --> 08:48.416
‪[sakucula] Joyce.

08:53.250 --> 08:54.250
‪MaJele.

08:55.833 --> 08:56.833
‪Yini ulele?

08:59.708 --> 09:00.708
‪Uvukile?

09:04.750 --> 09:06.458
‪Hhe? [adonse umoya]

09:06.541 --> 09:09.166
‪Imambana isivukile. [akhiphe umoya]

09:09.250 --> 09:10.750
‪Mm-mmm, Jo.

09:11.333 --> 09:12.416
‪Ngiphethwe ikhanda.

09:12.500 --> 09:14.875
‪Sithini ngelami ikhanda? Hmm?

09:14.958 --> 09:16.916
‪[aqunge] Jo, awukahle.

09:18.625 --> 09:19.833
‪[uyabubula]

09:22.666 --> 09:24.500
‪[akhiphe umoya ngamandla, abhonge]

09:26.875 --> 09:28.791
‪Ngizozibambela ke mina.

09:29.916 --> 09:31.458
‪[adonse umoya ngamandla]

09:34.291 --> 09:35.708
‪[aqume uJonasi]

09:40.166 --> 09:41.458
‪[Mapaseka, ngesiNgisi] <i>‪Emuva</i>
<i>‪kwamashumi amabili eminyaka,</i>

09:41.541 --> 09:43.375
<i>‪kodwa nisanethonya elifanayo</i>
<i>‪komunye nomunye?</i>

09:43.458 --> 09:44.875
<i>‪Yini imfihlo yenu?</i>

09:44.958 --> 09:46.791
‪-[Jonasi] <i>‪Uthando. Mm-hmm.</i>
‪-[Mapaseka] <i>‪Hmm.</i>

09:46.875 --> 09:48.916
‪-[Joyce] <i>‪Uthando olungenamibandela.</i>
‪-[Jonasi] <i>‪Ngqo</i>‪.

09:49.000 --> 09:51.041
<i>‪Kukuhle noma kukubi.</i>

09:52.208 --> 09:53.625
‪[bobabili, ngesiNgisi] Angels & Demons.

09:53.708 --> 09:54.708
‪-[Jonasi] <i>‪Yebo</i>‪.
‪-[Joyce] <i>‪Mm-hmm.</i>

09:54.791 --> 09:55.916
‪[Mapaseka, ngesiZulu] <i>‪Chaza kabanzi.</i>

09:56.000 --> 09:58.583
<i>‪Uthando lwangempela lunqoba izingqinamba.</i>

09:58.666 --> 09:59.750
<i>‪-Yebo.</i>
<i>‪-Mm-hmm.</i>

09:59.833 --> 10:02.250
‪[ngesiNgisi] <i>‪Yileyo, uyazi, imfihlo.</i>

10:02.333 --> 10:03.750
‪[bahleke kancane bonke]

10:03.833 --> 10:04.958
‪[Joyce, Jonasi baqabulane]

10:05.041 --> 10:06.041
‪[Jonasi, ngesiZulu] <i>‪Yebo.</i>

10:07.583 --> 10:10.958
‪[ngesiNgisi] Uma uthi 'amadimoni,'
‪uqonde bani kahle hle?

10:11.500 --> 10:13.875
‪-UMatipa?
‪-[ahleke kancane]

10:13.958 --> 10:15.125
‪Lutho.

10:15.208 --> 10:19.250
‪[ngesiZulu] Hhayi bo, uma sikhuluma
‪ngoMatipa, sikhuluma ngengelosi.

10:19.333 --> 10:21.375
‪-[ngesiNgisi] Uyiyo?
‪-Yebo, yebo.

10:21.458 --> 10:24.916
‪[ngesiZulu] Uma sikhuluma ngothando
‪lwabantu abamnyama,

10:25.000 --> 10:27.166
‪sikhuluma ngento ehlukile.

10:27.250 --> 10:32.625
‪Into ekwazi ukuqhamuka ngezimo ezihlukile,

10:32.708 --> 10:37.041
‪futhi isithembu enye yazo lezo zimo.

10:37.125 --> 10:38.750
‪[ngesiNgisi] Joyce, sikubonile
‪ekuhambeni kweminyaka.

10:38.833 --> 10:40.666
‪Siyazi ukuthi umshado wakho
‪usho ukuthini kuwe.

10:40.750 --> 10:43.916
‪Manje, ukumema omunye wesifazane
‪endaweni yakho ekhethekile?

10:44.583 --> 10:46.458
‪[ngesiZulu] Kwesinye isikhathi
‪izinto ziyashintsha.

10:47.375 --> 10:49.375
‪Izidingo zabantu ziyashintsha.

10:49.458 --> 10:53.791
‪[ngesiNgisi] Yima ke, uvume ukuthi umyeni
‪wakho udinga omunye umuntu wesifazane?

10:53.875 --> 10:57.041
‪Empeleni, cha. [ngesiZulu]
‪Besifuna ukuthi sandise umndeni wethu.

10:57.125 --> 11:01.416
‪Futhi, yebo, ukufika kulesi 'sinqumo
‪bekungekho lula neze.

11:01.500 --> 11:04.916
‪Kodwa ekupheleni kwendaba
‪isinqumo esifikile kusona.

11:05.000 --> 11:08.583
‪Ayingithusi lento esiyenzile

11:08.666 --> 11:14.125
‪kangangoba ngithuswa imizwa yabantu
‪baseMzansi Afrika.

11:14.208 --> 11:17.083
<i>‪Hhayi bo. Kanti akusilona yini</i>
<i>‪isiko lethu?</i>

11:17.166 --> 11:23.666
<i>‪Asikhumbuleni phela ukuthi obab'omkhulu</i>
<i>‪bethu, nobab'omkhulu babo babeyenza lento.</i>

11:23.750 --> 11:29.625
‪Kodwa manje uma isiyenziwa yithina, abantu
‪bakwaGomora, wonke umuntu useyalwa.

11:29.708 --> 11:33.208
<i>‪Ngoba lento ikhethwe ukwenziwa</i>
<i>‪abantu abakhulu?</i>

11:33.291 --> 11:35.958
<i>‪Abantu abaphezulu njengathi, oGomora?</i>
‪[ngesiNgisi] <i>‪Cha.</i>

11:36.041 --> 11:38.000
‪-[ancimfe]
‪-[ngesiZulu] <i>‪Ayilungile leyonto.</i>

11:38.083 --> 11:39.291
‪-[aqunge uFreedom]
‪-[ahleke usulu u-Essie]

11:39.375 --> 11:41.083
‪-<i>‪Asiwona amaNgisi ale eYurophu.</i>
‪-[Freedom] Maka Freedom.

11:41.166 --> 11:42.750
‪-Akaze usibone isikibha sami?
‪-[ashushuzele]

11:42.833 --> 11:45.625
‪-<i>‪Abantu baseNingizimu Afrika uma besibuka…</i>
‪-Awukahle uyangiphazamisa.

11:45.708 --> 11:47.708
‪-Yini kwenzakalani?
‪-<i>‪…ngehlo lala eMzansi.</i>

11:47.791 --> 11:48.916
‪[Essie] UJoyce.

11:49.000 --> 11:52.375
‪[Mapaseka, ngesiNgisi] Umyeni wakho
‪ushada omunye umuntu wesifazane.

11:52.458 --> 11:53.750
<i>‪Osemncane futhi ngeminyaka.</i>

11:53.833 --> 11:54.833
‪@MATIPA_NKOSI
‪EZEHLOBO EZINTSHA

11:54.916 --> 11:59.458
<i>‪Owesifazane osanda kumzalela</i>
<i>‪abantwana ababili abasha-sha.</i>

11:59.541 --> 12:00.708
‪Awunankinga nalokho?

12:00.791 --> 12:05.375
‪[ngesiZulu] Usebenze kanzima ukuthi akhe
‪lombuso esinawo namhlanje.

12:05.458 --> 12:07.375
‪Ifagugu lakwaGomora.

12:07.458 --> 12:11.000
‪Ukwandisa izingane kuleyonto ku…

12:12.041 --> 12:17.916
‪Kwenza isiqiniseko sokuthi
‪ifagugu lethu liyanda.

12:18.000 --> 12:20.833
‪Awukhathali nje ukwenganyelwa kwakho
‪ngo-Anti Joyce, Ma?

12:21.458 --> 12:23.875
‪Njalo, ubusuku nemini uwena,
‪"uAnti Joyce".

12:23.958 --> 12:25.291
‪Sekuyiscefe phela manje.

12:25.375 --> 12:26.541
‪Nayi imihlola yami!

12:27.041 --> 12:28.250
‪Yini inkinga yakho wena?

12:28.333 --> 12:31.333
‪Hhayibo sengingabuza wena, mzali,
‪ukuthi yini kahle-hle inkinga?

12:31.416 --> 12:33.875
‪Ngoba phela nakhu kukhulunywa
‪ngezingane zakwaGomora,

12:33.958 --> 12:37.250
‪kodwa uSarah Gomora, hhayi cha,
‪angikaze ngizwe ngoSarah mina.

12:37.333 --> 12:39.541
‪Hmm? Iminyaka eyi-19 yonke, mzali?

12:41.375 --> 12:42.625
‪Into ezokwenzeka ke.

12:43.208 --> 12:47.791
‪Uma ngiphumelela kulezi 'zivivinyo,
‪la ekhaya sizoba nomhlonyane.

12:47.875 --> 12:50.291
‪-Ubaba ongizalayo mina…
‪-[kuvuleke umnyango wemoto, uvaleke]

12:51.250 --> 12:53.458
‪[ngesiNgisi] …kumele angibonge
‪ngaphambi kwawo wonke umuntu.

12:53.541 --> 12:55.208
‪-[kuvuleke umnyango]
‪-Akubona ubulungiswa lobo, hhe?

12:55.291 --> 12:56.708
‪-[kusondele ukunyathela]
‪-[Magesh] Eh…

12:56.791 --> 12:57.916
‪[ngesiZulu] Sanibona. Kwenzakalani?

12:58.000 --> 12:59.000
‪[anxaphe]

13:04.291 --> 13:05.958
‪[ngesiNgisi] Manje?
‪[ngesiZulu] Kwenzakalani?

13:07.375 --> 13:08.833
‪Kuzomele sikhulume ngoSarah.

13:11.875 --> 13:15.458
‪[ngesiNgisi] Sonke siyazi ukuthi
‪isithembu sizenzela umathanda.

13:15.541 --> 13:17.625
‪UMatipa manje,

13:17.708 --> 13:20.500
‪bese kuba nomunye owesifazane,
‪nomunye emuva kwalowo.

13:21.500 --> 13:24.125
‪Uthi awunankinga ngempela nalokho?

13:24.208 --> 13:25.500
‪[kukhale amakhamera]

13:27.666 --> 13:32.416
‪[ngesiZulu] Uyazi uke washo ukuthi uMatipa
‪usawumuntu omncane.

13:32.500 --> 13:35.083
‪Usemusha. [ngesiNgisi]
‪Uyazi ke ukuthi lokho kuqonde ukuthini?

13:35.166 --> 13:38.125
‪[ngesiZulu] <i>‪Leyonto iqonde ukuthi</i>
<i>‪usengazala, usengaqhubeka.</i>

13:38.208 --> 13:43.083
<i>‪Futhi kwazi bani? Mhlawumbe uma</i>
<i>‪sinenhlanhla usangakhiqiza ezine.</i>

13:43.166 --> 13:45.291
‪[anxaphe] Ungijwayela kabi.

13:45.375 --> 13:48.708
‪Kahle hle into ayishoyo ukuthi mina ngize
‪la ngizoba umshini wokwenza izingane?

13:48.791 --> 13:49.791
‪[kuvaleke umnyango wemoto]

13:51.958 --> 13:52.958
‪[kuvuleke umnyango]

13:53.875 --> 13:54.875
‪[kuvaleke umnyango]

14:01.125 --> 14:02.125
‪S'thandwa sami.

14:02.916 --> 14:06.875
‪Angiyithandanga indlela mina nawe
‪esikhulume ngayo ngaphambilini.

14:08.291 --> 14:09.541
‪Lapho nje bengifuna

14:10.666 --> 14:11.750
‪ukuxolisa.

14:15.666 --> 14:16.666
‪Ngiyabonga.

14:20.541 --> 14:22.583
‪Awusho, uzimisele ngani ngempela?

14:23.583 --> 14:26.041
‪-Hmm?
‪-Ufuna ukungakhela ingadi la endlini

14:26.125 --> 14:28.625
‪ngalezi 'mbali ohlezi uziletha la?

14:28.708 --> 14:29.708
‪[ahleke kancane]

14:34.583 --> 14:38.375
‪Uyazi mina nawe sihlezi sijabule.
‪Ngifuna nje sijabule.

14:38.916 --> 14:42.416
‪Yikho nje ngilana ngizothi yobe.

14:42.500 --> 14:44.666
‪-Uyazi mina ngifunani?
‪-Ufunani?

14:44.750 --> 14:46.208
‪[ngesiNgisi] Ngifuna umshado omhlophe.

14:46.291 --> 14:48.791
‪Oh. [ngesiZulu] Uyazi ngifunani mina?

14:49.958 --> 14:51.375
‪-Ngifuna ucansi.
‪-Hhayi, ayi, ayi.

14:51.458 --> 14:54.291
‪-[angingize] Yini?
‪-Ngiqinisile. Angidlali lana.

15:00.333 --> 15:01.541
‪Angeke kwenzeke khona manje.

15:02.250 --> 15:06.000
‪-[angingize]
‪-Eh-hhe, isimo okwamanje sisemanzonzo.

15:07.208 --> 15:09.125
‪Nabantwana ke futhi basebancane.

15:10.875 --> 15:11.875
‪[Jonasi] Mmm.

15:11.958 --> 15:13.375
‪-[ngesiNgisi] Kulungile.
‪-[ngesiZulu] Yebo.

15:14.041 --> 15:16.250
‪Manje kuzokwenzeka nini?

15:16.333 --> 15:18.583
‪Awungitshele, mhlawumbe uNdlunkulu
‪uma esekunike imvume?

15:18.666 --> 15:19.875
‪Kahleni! Hawu!

15:21.875 --> 15:24.750
‪Uyazi ngaphambi kokuthi ngikwenze
‪umfazi wami,

15:25.458 --> 15:27.208
‪-sasijabule, mina nawe.
‪-[ngesiNgisi] Hhayi bo.

15:27.291 --> 15:31.000
‪Mmm. Kodwa wenzani,
‪ubanga isicefe ngayo yonke into encane.

15:31.083 --> 15:33.125
‪-Oh, Nkosi yami. [ahleke kancane]
‪-[ngesiZulu] Eh-hhe.

15:33.208 --> 15:34.375
‪Ungakhohlwa wena

15:35.208 --> 15:36.875
‪ngaphambi kokuthi ungene kulo mendo lo,

15:37.375 --> 15:40.583
‪wawazi ukuthi uJoyce ukhona,
‪wawukwazi lokho.

15:41.416 --> 15:43.041
‪Asingakukhohlwa lokho.

15:46.291 --> 15:47.291
‪Uyaphi?

15:47.375 --> 15:48.500
‪[ahleke usulu uJonasi]

15:48.583 --> 15:50.541
‪[Matipa] Ngoba uqhuba ikhanda nje
‪uphuma ngomnyango,

15:50.625 --> 15:53.000
‪uyazi ukuthi kusasa izingane ziyogonywa?

15:53.500 --> 15:55.125
‪-[kuvaleke umnyango]
‪-[bakhale abantwana]

16:00.000 --> 16:01.000
‪[akhiphe umoya ngamandla]

16:02.458 --> 16:03.666
‪[kuvaleke umnyango]

16:03.750 --> 16:05.083
‪[ahefuzele uJoyce]

16:11.416 --> 16:14.791
‪Trinity, ngiyaxolisa.
‪Ngiyaxolisa kakhulu, sisi.

16:14.875 --> 16:18.500
‪Bekunesiminyaminya emgwaqeni.

16:19.291 --> 16:20.958
‪[ngesiNgisi] Nginesiqiniseko sokuthi
‪uke wakubona lokhu.

16:21.041 --> 16:23.125
‪IVORY OASIS: UMKHIQIZO OPHEZULU
‪EKUFIHLENI AMANGA

16:23.208 --> 16:26.500
‪Ngakubuza ngalentombazane enguMatipa,
‪wangiqambela amanga.

16:27.458 --> 16:30.583
‪[ngesiZulu] Hhayi bo.
‪Awekho amanga engawaqamba kuwena.

16:31.250 --> 16:34.958
‪Wena wangibuza ngamahemu-hemu
‪owawungenabufakazi ngawo.

16:35.041 --> 16:40.125
‪[ngesiNgisi] Ubungenanhloso yokungitshela
‪ngalo-<i>‪#moreloveliveshere</i>‪,

16:40.208 --> 16:41.375
‪ngisho sinesivumelwano?

16:41.458 --> 16:43.625
‪[ngesiZulu]
‪Bengithi ngizokutshela, Trinity.

16:43.708 --> 16:46.916
‪Bengihlele ukuthi ngizokutshela kahle
‪emuva kwesethulo.

16:47.000 --> 16:49.000
‪[ngesiNgisi] Kwavele kwabheda lokho
‪ngenxa yezindaba ezibhedayo

16:49.083 --> 16:50.958
‪ozilethele i-Ivory Oasis Baths.

16:51.666 --> 16:54.041
‪[ngesiZulu]
‪Sisi, uma ukhuluma ngezindaba ezimbi,

16:54.125 --> 16:56.791
‪ukhuluma ngokuthi naba sematheni
‪ngemizuzu emibalwa futhi lapho?

16:56.875 --> 16:59.125
‪[Trinity, ngesiNgisi]
‪Hhayi ngendlela esasiyifuna. Uyangizwa?

16:59.208 --> 17:01.750
‪Ugcwele umgwaqo
‪unezingxoxo ezingasile nabantu

17:01.833 --> 17:03.375
‪ungangazisanga mina.

17:03.458 --> 17:06.166
‪Lo msebenzi
‪usemgangathweni womhlaba wonke.

17:06.250 --> 17:09.000
‪Yonke lento
‪yenza igama lethu libukeke kabi.

17:09.083 --> 17:10.708
‪[Joyce, ngesiZulu] Hhayi bo,
‪kahle, sisi, phela manje.

17:10.791 --> 17:12.000
‪Hhayi bo.

17:12.500 --> 17:15.750
‪UGomora uthathe isithembu.
‪Manje mina ngifelani?

17:17.000 --> 17:18.458
‪Impilo yami lena.

17:18.541 --> 17:20.250
‪Izimpilo zezingane zami lezi.

17:20.333 --> 17:23.416
‪Umshado wami lo okukhulunywa kabuhlungu
‪kanje ngawo ezinkundleni zokuxhumana.

17:23.500 --> 17:26.375
‪Bengikahle mina
‪ngizihlalele ekhoneni lami,

17:26.458 --> 17:30.666
‪wena wafika kimina wangicela ukuthi ngibe
‪yinxusa lomkhiqizo wakho.

17:30.750 --> 17:32.833
‪Akusimina engeza ngazoncenga wena.
‪Ukukhumbule kahle lokho.

17:33.500 --> 17:36.041
‪-[ngesiNgisi] Ngiyazi, kodwa--
‪-Siyakwamukela ke kulesi sahluko sempilo.

17:36.125 --> 17:37.875
‪[ngesiZulu] Hlala phansi unethezeke.

17:38.541 --> 17:40.208
‪Hhayi bo wena.

17:40.291 --> 17:43.333
‪Lalela la, ngicela ungisize ngento eyodwa.

17:43.833 --> 17:47.500
‪Ngicela ungitshele ukuthi usafuna yini
‪ukuthi mina ngibe inxusa lakho.

17:48.958 --> 17:50.833
‪Noma usheshe usho, sisi, uma usukhetha

17:50.916 --> 17:54.833
‪ukuthi uyikhokhe imali esele
‪yesivumelwano sami.

17:56.791 --> 17:58.333
‪Ha! [anxaphe]

17:59.291 --> 18:00.625
‪Ungitshela ngodoti.

18:03.416 --> 18:04.416
‪Ibhadi lami.

18:05.208 --> 18:06.541
‪[anxaphe]

18:14.583 --> 18:16.166
‪[Jonasi] <i>‪Sengila manje.</i>

18:16.250 --> 18:17.958
<i>‪Ngila angiyi ndawo.</i>

18:18.041 --> 18:19.166
<i>‪Yimi nawe manje.</i>

18:20.083 --> 18:21.541
‪[ngesiNgisi] <i>‪Ngunaphakade manje.</i>

18:22.458 --> 18:25.875
‪-[Mapaseka] <i>‪Umyeni wakho ushada</i>‪…
‪-[aphefumule ngokuqhaqhazela]

18:25.958 --> 18:30.208
‪…<i>‪owesifazane osemzalele</i>
<i>‪izingane ezimbili ezinhle.</i>

18:32.375 --> 18:34.250
‪[ehefuzela]

18:37.666 --> 18:38.916
‪[akhale]

18:40.750 --> 18:42.291
‪[ngesiZulu] Ma, ukahle?

18:45.416 --> 18:46.416
‪Mmm.

18:49.625 --> 18:50.708
‪[Mpume] Mmm.

18:55.125 --> 18:56.875
‪[akhale, afinye]

18:58.541 --> 19:00.375
‪[ngesiNgisi] Oh, ayikufanele lento, Ma.

19:02.083 --> 19:03.750
‪[ehefuzela]

19:04.375 --> 19:05.666
‪-[ngesiZulu] Ngikahle.
‪-Mmm.

19:09.166 --> 19:10.166
‪[ashushuzele]

19:13.000 --> 19:14.291
‪-Ngizoba kahle.
‪-Mm-hmm.

19:14.875 --> 19:16.708
‪-Ngizoba kahle.
‪-[ahlebe ngesiNgisi] Yebo.

19:19.666 --> 19:20.791
‪[afinye]

19:23.791 --> 19:24.791
‪[ngesiZulu] Unjani wena?

19:26.416 --> 19:28.458
‪[ngesiNgisi] Uma uzozenzisa,
‪wenze ngathi ukahle,

19:29.416 --> 19:30.416
‪nami ngizokwenza kanjalo.

19:32.583 --> 19:34.000
‪-[aqunge]
‪-[afinye]

19:35.291 --> 19:37.583
‪[ngesiZulu]
‪Ngiyabona usaqhubeka nokumvikela.

19:40.791 --> 19:43.375
‪Isilimaza sonke lento, Ma.
‪[ngesiNgisi] Akuwena kuphela.

19:45.958 --> 19:49.208
‪Oh. Mntanami, ngiyaxolisa.

19:54.458 --> 19:56.375
‪Uyisiwula ngokungakuboni
‪ukubaluleka kwakho.

20:08.875 --> 20:10.041
‪[kungqongqozwe emnyango]

20:10.125 --> 20:11.208
‪[kukhonkothe izinja]

20:14.250 --> 20:17.083
‪-[ngesiZulu] Oh? [ahleke kancane]
‪-[ahleke kancane uJonasi]

20:18.750 --> 20:20.958
‪-Sawubona.
‪-MaQwabe.

20:21.041 --> 20:23.208
‪-Ninjani?
‪-Hhayi siphilile.

20:23.291 --> 20:24.708
‪Singezwa ngani?

20:24.791 --> 20:27.166
‪-Hhayi sikhona.
‪-Eh-hhe. [ahogele]

20:27.250 --> 20:29.750
‪-Hmm. Uphekile?
‪-Mmm.

20:29.833 --> 20:31.583
‪-Ngicela wehlise umoya.
‪-[Matipa] Ngithe uphi? Thula.

20:31.666 --> 20:33.958
‪-Njalo wena uma ula ubanga umsindo nje.
‪-[Matipa] Joyce!

20:34.041 --> 20:35.375
‪-Ngicela wehlise umoya.
‪-Usuqedile?

20:35.875 --> 20:37.625
‪-Joyce!
‪-[Ntombi] Yoh, yoh, yoh.

20:37.708 --> 20:40.166
‪-Mama, ngizamile ukumthulisa.
‪-Hhayi khululeka, Ntombi.

20:40.250 --> 20:42.833
‪Khululeka.
‪Izifebe ngiyakwazi ukuziqondisa.

20:42.916 --> 20:43.916
‪Yey, yey, yey.

20:44.000 --> 20:47.291
‪Yini inkinga yakho wena, yini indaba njalo
‪uma ufika la ekhaya uzobanga umsindo?

20:47.375 --> 20:48.375
‪Oh, Joyce.

20:48.458 --> 20:50.208
‪Bengicabanga ukuthi mina nawe siwumndeni.

20:50.291 --> 20:53.375
‪Okwami okwakho, okwakho okwami.

20:53.458 --> 20:54.916
‪[ahleke usulu uJoyce]

20:55.458 --> 20:56.625
‪Ufunani, Matipa?

20:57.625 --> 20:59.375
‪Ngizobheka umyeni wethu.

21:01.333 --> 21:03.291
‪Izingane zakhe bezimudinga namuhlanje.

21:04.583 --> 21:07.958
‪-Yena wakhetha ukwenzani, ukunyamalala.
‪-Hhe?

21:09.000 --> 21:10.000
‪[ahleke kancane]

21:10.541 --> 21:11.875
‪Seziyakunetha njalo?

21:12.458 --> 21:17.416
‪[ehleka] Hawu, bakithi,
‪seziyakhala ke manje.

21:18.083 --> 21:19.958
‪Awungixoxele, s'thandwa,

21:20.041 --> 21:24.375
‪njengoba utshela uMamkhulu
‪le nkinga obhekene nayo,

21:24.458 --> 21:26.666
‪ufuna uMamkhulu enze njani?

21:26.750 --> 21:27.750
‪Hmm?

21:27.833 --> 21:31.250
‪-Uyathanda ukulingisa wena.
‪-[ahleke kancane]

21:31.333 --> 21:34.000
‪-Angikutshele ke Mamkhulu.
‪-Mm-hmm.

21:35.250 --> 21:38.625
‪Uyakhohlwa wena ukuthi ngiyakwazi
‪uyinhloboni kapende.

21:39.208 --> 21:41.291
‪Uyile nhlobo esongelanayo.

21:41.375 --> 21:43.500
‪-[ngesiNgisi] Oh, kulungile.
‪-Kungenzeka ukuthi yikho okwenzile lokho.

21:43.583 --> 21:44.708
‪[ngesiZulu] Ngempela?

21:44.791 --> 21:47.083
‪Umsongelile ukuthi ahlale nawe.

21:47.166 --> 21:51.208
‪-Hawu.
‪-Iyakunyanyisa lento yokuthi ukhetha mina.

21:51.291 --> 21:53.750
‪Ukhetha wena? Ungokhethiweyo wena?

21:53.833 --> 21:56.875
‪Nkulunkulu wami.
‪Wena okhethiweyo, ungixolele. [ababaze]

21:56.958 --> 22:00.791
‪Ngifuna ukuthi ungisize ngento eyodwa,
‪vula amehlo akho uyekele ukuba isilima.

22:01.583 --> 22:04.083
‪Umyeni wakho uyamubona yini la? Hhe?

22:04.166 --> 22:07.708
‪Ukhona uJonasi la endlini?
‪Noma umubeke ekhanda lami?

22:07.791 --> 22:09.250
‪Ungabongijwayela kabi wena.

22:09.333 --> 22:11.375
‪Futhi uze ungisize, weMatipa.

22:11.458 --> 22:14.541
‪Mhlazane wayithola leyo ndoda yakho,
‪uyitshele ukuthi ngiyayifuna.

22:14.625 --> 22:17.458
‪Ngoba ngifuna ezongichazela kahle ukuthi
‪ubekuphi namuhlanje.

22:17.541 --> 22:21.875
‪Ngoba bekumele ngabe ubuka uNkazi.
‪Ngamtshela kusanezinyanga!

22:25.000 --> 22:26.000
‪[akhiphe umoya ngamandla]

22:28.750 --> 22:30.666
‪[Essie, ngesiZulu]
‪Manje awusho ke, kuhamba kanjani?

22:31.750 --> 22:33.416
‪Ukuphethe kahle umfazi omusha?

22:33.500 --> 22:35.750
‪-Eyi. [ahefuzele]
‪-Kubheda ngaleyo ndlela?

22:35.833 --> 22:38.750
‪Angazi ukuthi ngiqalephi.
‪[ahleke usulu] Hhayi.

22:39.291 --> 22:40.708
‪[ahleke usulu u-Essie]

22:41.333 --> 22:42.625
‪Mmm!

22:42.708 --> 22:44.916
‪Hhayi madoda. Mmm, mmm, mmm.

22:45.000 --> 22:46.291
‪-Hhayi kwehla esiphundu.
‪-[ahleke kancane]

22:46.375 --> 22:48.125
‪-Mmm. Mmm.
‪-Indlela osudla ngayo?

22:48.208 --> 22:49.208
‪Ngilambile.

22:49.291 --> 22:50.666
‪-Hhawu.
‪-[Jonasi] Mmm.

22:50.750 --> 22:54.083
‪Wase udla ngathi umuntu ohlala emgwaqeni
‪ube unomfazi omusha?

22:54.166 --> 22:56.208
‪-Akudliwa yini kwakho?
‪-[ehleka]

22:56.291 --> 22:57.666
‪[ahleke kancane u-Essie] Hhayi bo.

22:57.750 --> 22:59.041
‪Hhayi bengilambile impela.

22:59.625 --> 23:01.708
‪Yey. Ngicela ungibekele lapha.

23:01.791 --> 23:03.416
‪[Matipa] Uzama ukungitshela ukuthi…

23:04.916 --> 23:07.166
‪[ngesiNgisi] …usinyamalalele sobabili?

23:07.250 --> 23:08.541
‪[kudlale umculo wedrama]

23:10.291 --> 23:11.708
‪[ngesiZulu] Kuyacaca.

23:25.166 --> 23:26.166
‪Kanti lo mjita ulana?

23:28.666 --> 23:31.166
‪[bahefuzele bobabili]

23:31.250 --> 23:34.166
‪-[ngesiNgisi] Yebo. [abhonge] Yebo.
‪-[baqume]

24:46.500 --> 24:51.500
‪Izinhlokwana zihunyushwe ngu:
‪Ntokozo Nomasiko Msomi
