WEBVTT

00:14.916 --> 00:16.625
‪[Joyce, ngesiZulu] <i>‪Uzoya kulo mcimbi</i>

00:16.708 --> 00:18.833
<i>‪uthanda ungathandi.</i>

00:19.375 --> 00:23.083
‪[Jonasi] <i>‪Sekuphelile okwami nawe.</i>
<i>‪Kumele ukwamukele manje lokho.</i>

00:23.166 --> 00:24.666
‪[kudlale umculo onosizi]

00:29.416 --> 00:31.041
‪[isiboshwa] Uyazi, leyanja… [ahleke usulu]

00:31.583 --> 00:34.041
‪Umgodoyi ubizela mina amaphoyisa?

00:35.041 --> 00:36.458
‪-[ingxoxo]
‪-[ahleke usulu]

00:37.375 --> 00:39.208
‪Yebo, vele ngiyikwebhile imoto yakhe.

00:39.291 --> 00:42.625
‪Kodwa emuva kwayo yonke into
‪angenze yona yena? [ahleke usulu]

00:42.708 --> 00:45.958
‪Ehamba elala nazo zonke izifetshana
‪ahlangana nazo.

00:46.041 --> 00:47.916
‪Uzonikeza mina iSandulela Ngculaza?

00:48.000 --> 00:50.333
‪Ingculaza? [ahleke usulu]

00:50.416 --> 00:52.083
‪Namanje ngenze kancane.

00:52.750 --> 00:56.083
‪Bekumele ngimubambe amasende
‪ngiwasoconge ngiwanqume

00:56.166 --> 00:57.708
‪ngoba ngiyabona ukuthi
‪ngathi amenza indoda.

00:57.791 --> 00:59.333
‪Azibone ukuthi uzofeba ngani.

01:03.083 --> 01:04.500
‪Ucabanga ukuthi ngiyasangana, angithi?

01:05.125 --> 01:06.291
‪[ahleke usulu]

01:06.375 --> 01:07.666
‪Kanti ke angisangani.

01:15.458 --> 01:16.458
‪Manje wena?

01:17.166 --> 01:18.666
‪Ubekwa yini kule ndawo umuhle kanje?

01:19.916 --> 01:20.916
‪[ahleke usulu uJoyce]

01:25.500 --> 01:27.958
‪Ishende lamyeni wami lingibophisile.

01:29.083 --> 01:32.833
‪Ngishise indlu yethu yakudala
‪esasihlala kuyona

01:33.541 --> 01:35.291
‪bobabili bephakathi kuyona.

01:35.375 --> 01:37.125
‪[ehleka]

01:38.166 --> 01:40.916
‪Ntombazane, hhayi uyisikhokho wena!

01:41.000 --> 01:42.708
‪Washisa phakathi?

01:43.416 --> 01:45.166
‪Kungani mina ngingayicabanganga lento?

01:45.250 --> 01:47.875
‪Uyazi bekumele ngimshisele indlu lo doti!

01:47.958 --> 01:51.000
‪Ngebhadi ke baphilile. [ahleke usulu]

01:51.083 --> 01:52.083
‪Uyazi,

01:53.250 --> 01:54.250
‪sinomcimbi.

01:55.625 --> 01:58.375
‪Wokugubha iminyaka engu-20 sishadile.

01:58.458 --> 02:00.875
‪Yenzeka manje, emahoreni amubalwa.

02:00.958 --> 02:02.041
‪Kanti mina,

02:02.875 --> 02:03.875
‪ngila.

02:05.083 --> 02:06.625
‪Kuthiwani ngezingane zami?

02:07.125 --> 02:09.625
‪UNkazimulo usawusana.

02:11.708 --> 02:14.208
‪Yonke into esengiyisebenzelile
‪empilweni yami…

02:16.916 --> 02:17.916
‪izoshabalala.

02:23.000 --> 02:24.666
‪Ngikufisela usuku lwesikhumbuzo
‪olumnandi, sisi.

02:31.416 --> 02:32.875
‪[Jonasi] Ufonele amaphoyisa?

02:34.708 --> 02:35.708
‪Ubucabangani?

02:37.083 --> 02:38.916
‪Uyazi uyangixaka. [ehleka kancane]

02:41.875 --> 02:42.875
‪Jonasi.

02:43.833 --> 02:46.625
‪-[angingize] Ubufuna ngenze njani?
‪-Lalela ngikutshele into ongayazi.

02:47.291 --> 02:48.875
‪NjengoGomora thina

02:48.958 --> 02:51.791
‪asiwavezi amahlazo ethu emphakathini.
‪Asiyenzi leyonto.

02:51.875 --> 02:53.041
‪-Hawu?
‪-Ehhe.

02:53.125 --> 02:55.083
‪Ubufuna ngiqambele amaphoyisa amanga?

02:55.166 --> 02:57.250
‪Sicishe sasha sangqongqa nomuzi.

03:01.500 --> 03:03.916
‪Angizwani nomfazi ongezwa mina.

03:06.333 --> 03:09.041
‪-[ehleka usulu]
‪-Oh, uyahleka?

03:09.125 --> 03:10.541
‪Jonasi.

03:10.625 --> 03:12.208
‪Sekuyimina manje umuntu omubi?

03:12.291 --> 03:14.458
‪Kube kunguJoyce ocishe wasishisa siphila?

03:15.375 --> 03:17.791
‪-[kuvuleke umnyango wemoto, uvaleke]
‪-Umama wezingane zami loya.

03:19.833 --> 03:21.541
‪-[Menzi] Baba! Baba!
‪-[Mpume] Baba!

03:22.541 --> 03:23.666
‪[Jonasi] Mpume? Menzi?

03:23.750 --> 03:27.083
‪Hhayi bo. UMa ubhadlile ejele
‪wena unethezekile la emqashweni.

03:27.625 --> 03:29.041
‪Hhayi niyabusa bo.

03:29.125 --> 03:31.125
‪Wavele wakhetha ukungenzi lutho nje?
‪Uvele uhlale phansi?

03:35.041 --> 03:36.208
‪Awunendaba nathi.

03:37.916 --> 03:39.416
‪[angingize] Lalela, Mpume.

03:41.166 --> 03:42.375
‪Ngizoyilungisa lento mina.

03:43.833 --> 03:44.833
‪Ngiyanithembisa.

03:47.125 --> 03:49.958
‪Kuthiwa lento iqala ngo-3:00.
‪Yini indaba sihamba manje?

03:50.041 --> 03:54.208
‪Yey. Ngifuna ukofika lapha
‪ngihlale phambili.

03:54.291 --> 03:55.500
‪Ngifuna ukuyobona kahle uJoyce

03:55.583 --> 03:57.333
‪enza isikhumbuzo somshado
‪nendoda angasahlali nayo.

03:57.416 --> 03:59.291
‪-Hhayi uyahlanya loya muntu.
‪-Anginandaba ngayo yonke leyonto.

03:59.375 --> 04:01.166
‪MPUME - UMAMA UBOSHIWE IZOLO
‪EBUSUKU! EBOSHWA UMATIPA!

04:01.250 --> 04:03.666
‪Hhayi bo!
‪UMpume uthi u-Anti Joyce uboshiwe.

04:03.750 --> 04:05.083
‪-[Essie] Hhe?
‪-[Freedom] Ini?

04:05.958 --> 04:07.916
‪-Uyibonaphi leyonto?
‪-Lana.

04:08.000 --> 04:10.333
‪Kuthiwa uyena oshise
‪umuzi wakaGomora lo omdala.

04:10.416 --> 04:12.291
‪-Eh-hhe.
‪-[ahleke]

04:12.375 --> 04:14.625
‪[ngesiNgisi] Ngimthathe kancane uJoyce.

04:14.708 --> 04:17.291
‪[ngesiZulu] Kungenzeka lo mcimbi awusekho.
‪Umuntu akavele awachithe lamanzi.

04:17.375 --> 04:21.291
‪-Uqinisile.
‪-Yey, yey, yey, yey! Siya khona.

04:21.375 --> 04:24.416
‪-Ngifuna ukubona ukuthi kwenzakalani.
‪-Hhe?

04:24.500 --> 04:27.083
‪Ucabanga ukuthi ngingaphuthelwa yileyo
‪drama? Asambeni, asambeni, asambeni!

04:27.166 --> 04:28.708
‪-Hhayi asambeni.
‪-Asambeni, wezingane.

04:28.791 --> 04:29.791
‪[Sarah] <i>‪Kodwa, Mzali</i>‪…

04:39.125 --> 04:42.541
‪[kukhale ama-alamu]

04:43.541 --> 04:44.541
‪[abantu bayaxoxa]

04:55.333 --> 04:56.333
‪[iphoyisa] Joyce Gomora!

04:57.375 --> 04:58.958
‪-[ashaye amasango]
‪-Bakukhokhele ibheyili.

05:01.750 --> 05:03.875
‪-Woza. Indoda yakho ingaphandle.
‪-[kuvuleke amasango]

05:03.958 --> 05:05.875
‪-[kuvuleke umnyango]
‪-Joyce Gomora?

05:05.958 --> 05:06.958
‪Hhayi man!

05:07.041 --> 05:10.375
‪Ngiyasho ukuthi ngiyabazi lobu buso.

05:10.958 --> 05:11.958
‪[ingxoxo emsakazweni]

05:14.041 --> 05:15.166
‪Lalela, we oe.

05:16.500 --> 05:18.458
‪[angingize] Ngizokuthumela umlayezo.

05:18.541 --> 05:19.625
‪Ungiphendule.

05:26.833 --> 05:30.416
‪ISUSELWE KU-THE POLYGAMIST
‪KA-SUE NYATHI

05:41.208 --> 05:42.666
‪Awukahle, weJoyce.

05:46.791 --> 05:47.791
‪Intatheli yami

05:49.083 --> 05:50.500
‪ime ngomumo manje,

05:51.625 --> 05:53.750
‪ukuze isitatimende sethu sobabili

05:54.500 --> 05:56.208
‪nesimemezelo sesihlukaniso.

05:56.750 --> 05:57.750
‪[kudlale umculo wedrama]

06:01.458 --> 06:02.458
‪[ngesiNgisi] Oh, Nkulunkulu wami.

06:10.125 --> 06:12.083
‪[ngesiZulu] Jonasi, uyazi yini?
‪Ngikhathele manje

06:12.875 --> 06:17.541
‪ukuzama ukulwisa lo muthi le ntombazane
‪ekucacayo ukuthi ikufake wona.

06:19.500 --> 06:20.875
‪Senze isitatimende sakho.

06:23.166 --> 06:25.250
‪Ngizowasayina amaphepha akho esehlukaniso.

06:29.625 --> 06:32.833
‪[adonse umoya] Ya. [alungise umphimbo]

06:32.916 --> 06:33.916
‪[ahleke usulu]

06:39.958 --> 06:40.958
‪[ngesiNgisi] Kodwa…

06:42.791 --> 06:44.208
‪ngemuva komcimbi kuphela.

06:44.291 --> 06:45.958
‪-Umcimbi?
‪-Mm-hmm.

06:48.250 --> 06:49.958
‪[ngesiZulu]
‪Uyayifuna inkululeko yakho noma cha?

06:50.541 --> 06:53.000
‪[aqunge] Cha. Hhayi ngaleyo ndlela.

06:57.250 --> 06:59.875
‪[okhuluma ocingweni, ngesiNgisi]
<i>‪Unemilayezo engu-34.</i>

07:00.458 --> 07:01.458
‪[Sophie] <i>‪Sawubona, Joyce.</i>

07:01.541 --> 07:03.291
<i>‪Bengifuna ukuqinisekisa</i>
<i>‪ukuthi ngiyeza emcimbini.</i>

07:03.375 --> 07:05.250
<i>‪Joyce, uTrinity lo.</i>

07:05.333 --> 07:07.625
<i>‪Bengifuna ukuqinisekisa</i>
<i>‪ukuthi ngiyeza emcimbini wakho.</i>

07:07.708 --> 07:11.291
‪[Sophie] <i>‪Joyce sizohamba nalezi ezi-phinki</i>
<i>‪nezimhlophe. Angithi?</i>

07:12.083 --> 07:14.166
‪[ngesiZulu] <i>‪Joyce, ngiyacela,</i>
<i>‪ngidinga ukwenza okokugcina nje.</i>

07:15.791 --> 07:17.875
‪[ngesiNgisi] <i>‪UNkazimulo,</i>
<i>‪uzohamba nawe ephaseji?</i>

07:20.958 --> 07:22.541
‪[ancimfe, akhulume isiZulu] Uyazi yini?

07:23.875 --> 07:26.375
‪[ngesiNgisi] <i>‪Sawubona.</i>
‪[ngesiZulu] <i>‪Ukhuluma noJoyce.</i>

07:26.958 --> 07:29.916
‪[ahleke kancane, akhulume isiNgisi]
‪Yebo. Cha-bo. [ngesiZulu] Ngiyaphila.

07:30.000 --> 07:31.875
‪Bengifuna ukukhuluma nawe kancane uyazi.

07:32.625 --> 07:34.791
‪Ngiyazi ukuthi lento engizoyikhuluma i…

07:35.333 --> 07:36.875
‪[ngesiNgisi] …izongajwayeleki.

07:36.958 --> 07:37.958
‪[ngesiZulu] Kodwa…

07:38.041 --> 07:39.458
‪[kudlale umculo wedrama]

07:39.541 --> 07:40.666
‪…ngidinga usizo lwakho.

07:42.375 --> 07:43.375
‪[kuvaleke umnyango]

07:46.708 --> 07:47.958
‪-[ahleke kancane] Mama.
‪-Mmm.

07:48.041 --> 07:49.916
‪Ey uzimisele ngalento, Ma?

07:50.541 --> 07:53.500
‪Tshela mina, le indoda elokhu ikugibela
‪ekhanda uzoyiyeka kuze kube yinini?

07:53.583 --> 07:56.333
‪Kahle, leyo ndoda
‪okhuluma ngayo ubaba wakho phela.

07:56.416 --> 07:58.000
‪[ngesiNgisi] Ey Ma, ufanelwe okungcono
‪kakhulu kunalokhu.

07:58.083 --> 07:59.666
‪[ngesiZulu] Hhayi bo, kanti yini manje?

08:00.250 --> 08:02.250
‪Isemendweni lana.

08:02.333 --> 08:03.791
‪Awuvele uhambe kalula kanjalo nje.

08:03.875 --> 08:05.333
‪Ngalokho, ungitshela ukuthi ukube indoda

08:05.416 --> 08:08.416
‪ibingangenza into ubaba ayenza kuwena,
‪ungajabula?

08:16.583 --> 08:17.583
‪[kudlale umculo we-Jazz]

08:25.625 --> 08:26.625
‪[ingxoxo]

08:29.041 --> 08:31.166
‪[ashaye ikhwela, asho ngesiNgisi]
‪Mfowethu. [ngesiZulu] Awungiphe amabili.

08:33.541 --> 08:34.541
‪UJONASI NOJOYCE

08:34.625 --> 08:36.125
‪ISIKHUMBUZO SEMINYAKA ENGU-20
‪NOKUVUSELELWA KWEZIFUNGO

08:36.208 --> 08:38.791
‪-Nangu uSingaye.
‪-[ahleke usulu]

08:38.875 --> 08:42.500
‪[Essie] Uhamba ngathi konke kulungile.
‪Uyazenzisa lo sisi.

08:42.583 --> 08:44.958
‪[Freedom] Kodwa, Oledi, uyisikhokho.
‪Hhayi ngiyamuvuma.

08:45.041 --> 08:46.875
‪Musa ukungijwayela wena.

08:49.000 --> 08:50.000
‪Ngiyabonga.

08:53.791 --> 08:56.416
‪[kudlale umculo onethemba]

09:22.166 --> 09:23.916
‪[Joyce] Ngizothini uma engafiki, Thembi?

09:24.666 --> 09:27.958
‪Mngani, kungcono uyomlinda
‪endlini yabashadayo, uyabona?

09:28.041 --> 09:29.875
‪Uma kungenzeka lo muntu…

09:33.500 --> 09:34.916
‪[kudlale umculo wedrama]

09:45.958 --> 09:48.708
‪[ngesiSotho] Joyce, uphi uMnu. Mcimbi?

09:48.791 --> 09:50.541
‪[ngesiNgisi] Ngikujabulele kakhulu
‪ukuthi ngizomubona ngamehlo.

09:50.625 --> 09:53.583
‪[ngesiZulu] Hhayi uyeza.
‪Uzomubona nje kungekudala.

09:53.666 --> 09:54.666
‪[Matipa] Ngempela?

09:55.333 --> 09:56.333
‪Uyeza?

09:56.958 --> 09:58.791
‪-[bahleke kancane bobabili]
‪-Matipa.

09:59.416 --> 10:00.833
‪Ngiyajabula ukukubona.

10:00.916 --> 10:04.250
‪Bengingahlala kanjani ngingezi
‪emcimbini omkhulu kangaka?

10:04.333 --> 10:06.333
‪-[Trinity] Mmm.
‪-[Matipa] UMatipa lona.

10:06.416 --> 10:08.875
‪-Ehhe. [ngesiNgisi] UMatipa ungu…
‪-[Matipa] Umngani womndeni.

10:10.000 --> 10:11.166
‪WoGomora.

10:11.250 --> 10:13.625
‪Empeleni, ngisondele kunalokho.

10:14.208 --> 10:16.250
‪Uyabona mina noJoyce sifana nokuthi

10:16.916 --> 10:17.916
‪singosisi.

10:18.000 --> 10:19.541
‪-[ahleke usulu]
‪-[ngesiZulu] Hhayi bo.

10:19.625 --> 10:22.708
‪[ngesiNgisi] Joyce,
‪awuzokwenza isimemezelo esikhulu?

10:24.000 --> 10:25.000
‪Siphi isimemezelo?

10:25.083 --> 10:27.000
‪[Matipa, ngesiZulu]
‪Khululeka, ngizokutshela.

10:27.083 --> 10:29.333
‪Uyabona, njengoba simile la, uJoyce…

10:30.458 --> 10:31.625
‪benoJonasi…

10:33.166 --> 10:34.166
‪[ngesiNgisi] …ba

10:35.125 --> 10:36.916
‪-ngokusemthethweni…
‪-[Jonasi, ngesiZulu] Sanibonani.

10:38.583 --> 10:40.041
‪[akhiphe umoya] Ooh!

10:40.125 --> 10:41.791
‪[Jonasi] Sis Thembi, ukhona nawe.

10:41.875 --> 10:43.458
‪-Ma.
‪-Mkhwenyana.

10:43.541 --> 10:45.375
‪Hawu. Mkami.

10:46.333 --> 10:47.333
‪S'thandwa.

10:50.208 --> 10:51.208
‪[ehleka kancane uJoyce]

10:54.166 --> 10:56.083
‪-[aqume] Yini?
‪-Hhayi, s'thandwa.

10:56.166 --> 10:57.208
‪-[ahleke]
‪-[Jonasi] Hhayi bo!

10:57.291 --> 11:00.208
‪Uzobatshengisa izinto
‪esizenza ebusuku. [ahleke]

11:00.291 --> 11:02.000
‪-Hhayi bo.
‪-[Jonasi] Hhayi bo, wena.

11:02.083 --> 11:04.083
‪-Sesikuhlaza.
‪-Ngempela?

11:04.166 --> 11:07.250
‪UTrinity Cele lo, s'thandwa,
‪lo engihlezi ngikhuluma ngaye.

11:07.333 --> 11:08.500
‪-Oh, Ma Cele.
‪-[ngesiNgisi] Yebo.

11:08.583 --> 11:09.958
‪[Jonasi, ngesiZulu] Awusemuhle nawe.

11:10.041 --> 11:11.416
‪[Joyce] Yebo. [ahleke kancane]

11:11.500 --> 11:12.958
‪Kahle akuwena yini lo oshadayo?

11:13.041 --> 11:15.125
‪-[Joyce] Hhayi bo! [ahleke]
‪-[Jonasi] Chabo asazi phela.

11:15.208 --> 11:16.208
‪[bobabili] Siyabuya manje.

11:16.291 --> 11:19.416
‪-Khululekani kancane, siyabuya. [ahleke]
‪-Baba.

11:19.500 --> 11:20.875
‪-Hawu, iNkosi inibusise.
‪-Siyabonga, baba.

11:20.958 --> 11:23.291
‪-Siyajabula ukukubona, baba.
‪-INkosi inibusise.

11:23.375 --> 11:24.666
‪-Amen. Amen.
‪-Hlalani phansi nithokoze.

11:24.750 --> 11:26.666
‪-Siyeza khona manje.
‪-Siyabonga.

11:26.750 --> 11:29.041
‪Yey wena nja. Ugcine wanquma ukuthi ufike?

11:29.125 --> 11:30.333
‪-Oh, ngiyinja mina?
‪-Uyinja.

11:30.416 --> 11:32.333
‪-Awuziboni yini kanti wena?
‪-Bengizoshweba kanjani pho?

11:33.000 --> 11:34.916
‪Ikakhulukazi ngoba usukhulume
‪nomfazi kangqongqoshe

11:35.000 --> 11:37.250
‪-ukuthi bahoxise ithenda lami.
‪-Mm-hmm.

11:37.333 --> 11:39.958
‪-[ngesiNgisi] Joyce, ungazehlisa kanje?
‪-[ngesiZulu] Ungazi yini mina?

11:40.041 --> 11:43.833
‪Ngingashushuluza ngisho nasesihogweni
‪uma kumele ngikwenze lokho.

11:43.916 --> 11:46.083
‪-Esihogweni ilapho okumele uye khona vele.
‪-Ungazongitshela leyonto.

11:46.166 --> 11:48.583
‪-Buka manje… Hhayi!
‪-[anxaphe] Hhayi! Ungangithinti.

11:48.666 --> 11:49.666
‪Yini? Phela ngilungisa umyeni wami.

11:49.750 --> 11:51.375
‪-Unomyeni wakho wena?
‪-[ngesiNgisi] Yebo.

11:51.458 --> 11:52.791
‪[ngesiZulu]
‪Njengoba uthumba inkampani yami?

11:52.875 --> 11:54.375
‪Inkampani yethu lena.

11:54.458 --> 11:55.583
‪[uMagesh alungise umphimbo] Um…

11:56.333 --> 11:57.958
‪-Hhayi! [ehleka]
‪-[Jonasi] Oh!

11:58.541 --> 12:01.875
‪Ngqongqoshe! [ahleke]

12:02.416 --> 12:04.583
‪-[Joyce, ngesiNgisi] Sawubona, dali.
‪-[Jonasi, ngesiZulu] Sanibona.

12:04.666 --> 12:07.583
‪-Awusemuhle. Ngiyabonga.
‪-Ngiyabonga, ngibona wena mina.

12:07.666 --> 12:08.666
‪[ngesiNgisi] Esethu?

12:08.750 --> 12:11.416
‪[ngesiZulu] Sibonge ukuthi siyasebenzisana

12:11.500 --> 12:12.791
‪-ukuthi sakhe leli bhuloho.
‪-Yebo.

12:12.875 --> 12:15.166
‪-Leli thenda libaluleke kakhulu.
‪-Yebo. Yebo.

12:15.250 --> 12:16.916
‪[umka ngqongqoshe] Leli thenda,

12:17.000 --> 12:20.750
‪nilithole ngoba mina nomyeni wami
‪siyakholelwa kunina,

12:20.833 --> 12:25.250
‪nanokuthi nikholelwa ezimisweni zomndeni.

12:25.333 --> 12:28.458
‪[ngesiNgisi] Ukuthanda kwami uJoyce
‪njengonkosikazi kusuka kude.

12:28.541 --> 12:31.708
‪Saneseka wena noJoyce…

12:32.541 --> 12:34.333
‪-[ngesiZulu] …niyiphakheji.
‪-[Jonasi] Mmm.

12:35.333 --> 12:36.333
‪[umka ngqongqoshe] Mm-hmm.

12:36.875 --> 12:39.041
‪-Asiyeni siyohlala phansi…
‪-Siyabonga.

12:39.125 --> 12:40.125
‪…nithokozele ithekho.

12:40.208 --> 12:41.333
‪[bahleke bonke]

12:41.416 --> 12:43.750
‪-Myeni wami, uyayithanda?
‪-[Magesh, ngesiNgisi] Kulungile.

12:43.833 --> 12:46.583
‪-[Joyce] Gomora omkhulu. [ahleke kancane]
‪-[Magesh, ngesiZulu] Skwiza sami.

12:46.666 --> 12:48.791
‪-[bahleke kancane bobabili]
‪-[kuvaleke umnyango]

12:48.875 --> 12:50.250
‪-[ngesiBhunu] Manje?
‪-[akhiphe umoya uJonasi]

12:50.333 --> 12:51.333
‪[ngesiZulu] Kwenzakalani la?

12:53.041 --> 12:55.000
‪Ungicebe kungqongqoshe.

12:55.083 --> 12:56.416
‪-Hhe?
‪-Mm-hmm.

12:56.500 --> 12:58.083
‪Uhoxise ithenda lami.

12:59.083 --> 13:01.166
‪-Uyazi kusho ukuthini lokho?
‪-Kusho ukuthini?

13:01.250 --> 13:03.291
‪Sivuselela izifungo namuhlanje.

13:07.458 --> 13:08.625
‪Ziyakhala.

13:18.666 --> 13:19.666
‪[ingxoxo]

13:19.750 --> 13:21.416
‪[kudlale umculo opholile]

13:29.958 --> 13:31.583
‪[Joyce] <i>‪"Uthando luyabekezela,</i>

13:32.333 --> 13:33.500
<i>‪lunomusa.</i>

13:34.333 --> 13:37.458
<i>‪Uthando alunamhawu.</i>

13:38.791 --> 13:41.041
<i>‪Uthando aluzikhukhumezi.</i>

13:42.750 --> 13:45.666
<i>‪Aluziphathi ngokungafanele.</i>

13:46.625 --> 13:49.125
<i>‪Aluzifuneli okwalo.</i>

13:49.916 --> 13:52.791
<i>‪Aluthokozi ngokungalungile.</i>

13:54.041 --> 13:55.458
<i>‪Kepha luthokozela iqiniso.</i>

13:57.458 --> 14:00.833
<i>‪Lubekezelela izinto zonke.</i>

14:01.625 --> 14:03.416
<i>‪Luthemba izinto zonke.</i>

14:04.250 --> 14:07.541
<i>‪Lukhuthazelela izinto zonke."</i>

14:09.875 --> 14:11.083
‪Ngisakuthanda namanje.

14:11.625 --> 14:14.666
‪-[kukhale amakhamera]
‪-Angiboni ukuthi ngiyoke ngiyeke.

14:16.791 --> 14:19.250
‪[bashaye izandla, bakikize abantu]

14:23.416 --> 14:24.416
‪[ancimfe]

14:33.375 --> 14:35.416
‪[ashaye ikhwela oyedwa]

14:37.291 --> 14:38.708
‪[akhale, akhulume isiNgisi] Kulungile.

14:39.416 --> 14:41.333
‪-[ngesiZulu] Yima, yima, yima.
‪-[ehleka kancane]

14:42.166 --> 14:43.666
‪-[ahleke kancane] Yini?
‪-Yima.

14:54.208 --> 14:57.666
‪[Magesh] Abantu abangaziyo bayazi ukuthi
‪angisiye umuntu wempempe.

14:57.750 --> 15:00.208
‪-[ahleke kancane uJoyce]
‪-Kodwa namhlanje ngicabangile ukuthi hhayi

15:00.875 --> 15:01.875
‪kumele ngisho okuthile.

15:02.791 --> 15:06.916
‪Akuyona imfihlo ukuthi mina nentwana yami
‪sikhule kanzima.

15:08.208 --> 15:09.541
‪Kodwa kuyena bekukubi kakhulu.

15:11.083 --> 15:13.416
‪Bekukubi ngoba ubenamaphupho, uyazi?

15:15.875 --> 15:17.333
‪Hhayi kodwa izinto zashintsha.

15:19.041 --> 15:20.041
‪Wafika umaJoy-Joy.

15:20.125 --> 15:21.250
‪[bahleke bonke]

15:21.333 --> 15:22.458
‪Yebo, iskwiza sami.

15:23.625 --> 15:27.041
‪-Lo sisi ukhahlele iminyango evulela lo.
‪-[kukhale amakhamera]

15:29.291 --> 15:31.291
‪Into eyenza ukuthi uJonasi athande lo sisi

15:32.500 --> 15:34.916
‪indlela abemubuka ngayo.

15:35.750 --> 15:39.250
‪Wabona ukuthi lo uyindoda emadodeni.

15:39.958 --> 15:43.750
‪[ngesiNgisi] Wathi,
‪"Nalo mama eceleni kwami,

15:44.291 --> 15:45.583
‪ngizophatha umhlaba wonke."

15:47.125 --> 15:48.125
‪Emuva kweminyaka engamashumi amabili…

15:49.041 --> 15:50.333
‪[ngesiZulu] …awukaqedi, baba.

15:51.250 --> 15:52.250
‪Qhubeka.

15:53.375 --> 15:54.500
‪Nqoba.

15:55.333 --> 15:56.708
‪Sengikhuluma kakhulu.

15:56.791 --> 15:59.708
‪Lento yokukhuluma kakhulu, angithi
‪uma ushade nabantu abafana no-Essie…

15:59.791 --> 16:01.083
‪-[bahleke bonke]
‪-…abahlezi bekhuluma,

16:01.166 --> 16:02.375
‪ugcina usufana nabo.

16:02.458 --> 16:05.000
‪[ngesiNgisi] Cha, cha. [ngesiZulu]
‪Ngicela siphakamise izingilazi.

16:05.500 --> 16:08.750
‪Siphakamisele uJonasi noJoyce.

16:08.833 --> 16:10.625
‪[ngesiNgisi] Othandweni lwaphakade.

16:10.708 --> 16:12.291
‪-[bahlokome, bakikize abantu]
‪-Othandweni lwaphakade.

16:12.375 --> 16:14.375
‪[Magesh] Halala! Halala.

16:15.500 --> 16:17.291
‪-[kukhale amakhamera]
‪-[kudlale umculo opholile]

16:19.833 --> 16:21.541
‪-[abantu] Halala!
‪-[bahalalise, bakikize abantu]

16:26.666 --> 16:29.791
‪[ngesiZulu] Manje uzowasayina lamaphepha
‪uma sesiphelile lesi skeshi sakho?

16:30.750 --> 16:32.166
‪[ehleka kancane] Hmm?

16:39.291 --> 16:40.625
‪-Jo.
‪-Ya?

16:42.458 --> 16:44.750
‪Yini ngempela eyenze
‪ukuthi uyeke ukungithanda?

16:48.875 --> 16:51.291
‪-[abhonge uFreedom]
‪-[kukhale amakhamera]

16:52.291 --> 16:54.208
‪Angeke ngilinde kuze kube nguna phakade.

16:55.166 --> 16:56.166
‪Siyezwana?

16:58.375 --> 16:59.375
‪Eh-eh, eh-eh.

17:00.125 --> 17:01.208
‪[ngesiNgisi] Mamatheka.

17:03.208 --> 17:04.500
‪[ngesiZulu] Wonke umuntu ubhekile.

17:05.458 --> 17:06.583
‪[bahleke kancane bobabili]

17:09.333 --> 17:12.791
‪-[ahleke kancane]
‪-Babukele umdlalo wakho weshashalazi.

17:12.875 --> 17:14.208
‪-[Joyce] Mmm.
‪-[Jonasi] Mm-hmm.

17:16.208 --> 17:17.875
‪[bahalalise, bashaye ihlombe abantu]

17:17.958 --> 17:18.958
‪[ahleke]

17:25.333 --> 17:26.333
‪Menzi.

17:26.958 --> 17:29.083
‪Wahlala emakhoneni nje
‪abantu bedansa ngale?

17:30.333 --> 17:32.708
‪Bengifuna ukushawa umoya.

17:32.791 --> 17:34.916
‪Ubudinga ukushawa umoya kanjani
‪singaphandle vele?

17:36.125 --> 17:38.000
‪Leli qabunga olifakile i-Tom Ford?

17:38.833 --> 17:40.458
‪Yebo, yini indaba?

17:40.541 --> 17:42.708
‪Ngoba ngiyayithanda indoda enemali

17:43.375 --> 17:44.375
‪enamandla.

17:44.958 --> 17:46.166
‪Enuka kamnandi.

17:47.041 --> 17:49.250
‪Ungahlali ke wedwa la. Asambe siyodansa.

17:49.333 --> 17:50.333
‪Woza, Menzi!

17:53.500 --> 17:55.083
‪[ecula]
‪♪ <i>‪Asambe siyodansa, asambe siyodansa</i>‪ ♪

17:55.166 --> 17:57.125
‪♪ <i>‪Asambe siyodansa, asambe siyodansa</i>‪ ♪

17:57.208 --> 17:58.416
‪[ehleka]

17:59.208 --> 18:01.458
‪Hhayi kodwa nawe, njayami.

18:02.125 --> 18:03.875
‪Ushweba njalo.

18:04.375 --> 18:05.458
‪Ubani othi ngiyashweba?

18:05.541 --> 18:09.833
‪Uhlulwa yini ukuthi uvele umubambe

18:10.458 --> 18:12.375
‪-umqabule.
‪-Hhayi, hhayi.

18:12.458 --> 18:13.625
‪-Ukunukubeza ngocansi lokho.
‪-[ahleke kancane]

18:13.708 --> 18:16.708
‪Ukunukubeza ngocansi bekukuphi
‪ngesikhathi ekuqabula eklabhini?

18:17.500 --> 18:18.708
‪Buya la ngikutshele.

18:19.208 --> 18:21.791
‪Wena unguMenzi.

18:22.458 --> 18:25.666
‪Owaziwa ngo Me-Me Gomora.

18:26.250 --> 18:28.333
‪-[ahleke uFreedom]
‪-WeGomora!

18:28.416 --> 18:30.916
‪Mantshingelane. Mantshingelane.
‪Awungene la ngaphakathi

18:31.000 --> 18:33.416
‪-ungibizele uJonasi Gomora.
‪-Mfowethu, yilo bhuti waseklabhini.

18:33.500 --> 18:34.500
‪Lemidlwane yakhe imoshe iklabhu yami!

18:34.583 --> 18:37.958
‪-Ngizokwenza njalo, kodwa awuvumelekile.
‪-Yey, nina bonondindwa!

18:38.041 --> 18:39.166
‪-Yeyi, mantshingelane.
‪-Baba!

18:42.458 --> 18:45.916
‪Wena ke wahlala wedwa wadlala ama-game
‪abanye bedansa, kwenze njani?

18:46.000 --> 18:48.375
‪Hhayi, ukukhathala baba, akukho okutheni.

18:48.458 --> 18:49.666
‪-Ukukhathala?
‪-Yebo. [ahleke kancane]

18:49.750 --> 18:52.041
‪Ngisafuna ukudansa mina,
‪ngifuna ukudansa nawe.

18:52.125 --> 18:53.416
‪-[bahleke bobabili]
‪-Uyangizwa?

18:53.916 --> 18:55.041
‪-Bab' omdala.
‪-Yebo?

18:55.125 --> 18:57.500
‪Sinenkinga laphaya ngaphandle,
‪sidinga wena.

18:59.125 --> 19:01.083
‪-Ngiyabuya manje. Sisazodansa.
‪-Yebo, Baba.

19:01.166 --> 19:02.166
‪Yebo. [ahleke kancane]

19:07.666 --> 19:10.291
‪WeJonasi! Gomora!

19:10.375 --> 19:12.583
‪Ngithe ngifuna ukukhuluma noJonasi.

19:12.666 --> 19:15.250
‪Ubhova wala ekhaya, hhayi isicashalala.

19:15.333 --> 19:16.666
‪[Magesh] Izintwana zami ziyangitshela
‪ukuthi kwenzakeleni.

19:17.500 --> 19:18.500
‪Singayixazulula?

19:23.291 --> 19:26.166
‪[ngesiNgisi] Mmm. Unehlazo ngokuza la.

19:26.250 --> 19:28.708
‪-Indodakazi yakho engimemile.
‪-[ngesiZulu] Ayikho leyonto.

19:28.791 --> 19:30.666
‪Ubucabanga ukuthi uJonasi ngeke aseza.

19:30.750 --> 19:32.708
‪Buka manje umuntu ophoxekile ukuthi uwena.

19:33.208 --> 19:35.666
‪Hlukana nje noJonasi. Khohlwa uyena.

19:35.750 --> 19:37.458
‪Ayikho into engizoyixazulula nawe.
‪Awulande uGomora.

19:37.541 --> 19:40.250
‪Zwakala ehhovisini emalangeni
‪siyixazulule lento.

19:40.750 --> 19:42.958
‪Okwamanje isikhumbuzo somshado
‪wentwana yami.

19:43.041 --> 19:44.583
‪Hhayi fokofu wena!

19:44.666 --> 19:45.666
‪Yini ngempela?

19:45.750 --> 19:49.125
‪Awunawo amaphilisi okumele ngabe
‪uyowaphuza? Uzongibangela isicefe la.

19:49.958 --> 19:51.375
‪Yingakho bengifuna ubhova.

19:51.875 --> 19:53.958
‪We-sdudla. Awungizwanga wena angithi?

19:54.041 --> 19:55.291
‪Awulande uGomora manje!

19:55.375 --> 19:57.625
‪Uyabona lento yokuba nemali

19:57.708 --> 19:59.750
‪-yenza abantu bacabange ukuthi ulula…
‪-[ehleka]

20:00.708 --> 20:03.208
‪-…bakhohlwe ukuthi ubuya elokishini.
‪-[ehleka]

20:03.291 --> 20:05.250
‪-Ucabanga ukwenzani?
‪-[aqunge]

20:05.333 --> 20:07.416
‪[aqunge, akhwehlele]

20:08.291 --> 20:10.125
‪-[kudlala umculo osheshayo]
‪-[ngesiBhunu] Fusegi.

20:10.750 --> 20:11.750
‪[aqunge]

20:14.625 --> 20:17.041
‪[ngesiZulu] Uyena ke umbhidlizi
‪wemizi yabantu lo?

20:17.125 --> 20:18.625
‪Uyena impela, Nkk. Msomi.

20:19.583 --> 20:21.291
‪Ususe izandla zakho ezinukayo
‪emadodeni abantu.

20:21.375 --> 20:22.666
‪[ngesiNgisi] Yini inkinga yakho?

20:22.750 --> 20:23.958
‪Jezebeli!

20:26.708 --> 20:28.208
‪[ngesiZulu] Niyathakatha nina.

20:29.375 --> 20:30.583
‪Uyingane yokuqala wena.

20:31.958 --> 20:34.125
‪Kufanele uqine isende,
‪ukwazi ukuzixazululela izinkinga zakho.

20:34.208 --> 20:36.083
‪-Uyangizwa?
‪-Yebo.

20:36.166 --> 20:37.583
‪[anxaphe, asho ngesiBhunu] Fusegi.

20:42.666 --> 20:43.875
‪[kukhale ingilazi]

20:43.958 --> 20:45.375
‪[kuthule]

20:45.458 --> 20:47.375
‪[Jonasi, ngesiZulu] Sanibonani, nonke.

20:48.458 --> 20:50.208
‪Leli langa kahle kahle

20:51.208 --> 20:53.916
‪lingenze ngajula kakhulu,

20:55.291 --> 20:59.750
‪ngikhumbula ngiqala ngqa ukukubona.

21:01.083 --> 21:03.833
‪Indlela owawumoyizela ngayo, Joyce.

21:04.500 --> 21:05.625
‪Wathatha inhliziyo yami.

21:06.708 --> 21:07.750
‪Uyinsika

21:08.583 --> 21:09.666
‪empilweni yami.

21:10.250 --> 21:12.583
‪[ngesiNgisi]
‪Ngikweleta yonke into engiyiyo namuhla

21:14.041 --> 21:15.125
‪kumkami oyikhethelo.

21:17.458 --> 21:18.583
‪[ngesiZulu] Nomndeni wami omuhle.

21:18.666 --> 21:19.666
‪[ahleke usulu]

21:22.750 --> 21:23.958
‪[ngesiNgisi]
‪Usuku lwesikhumbuzo oluhle, Joyce.

21:24.458 --> 21:25.958
‪[bashaye ihlombe, bahalalise abantu]

21:30.291 --> 21:32.083
‪[kudume izulu]

21:34.291 --> 21:37.291
‪[ngesiZulu] Uyabona Gomora,
‪unenkosikazi eqotho la.

21:37.375 --> 21:38.375
‪[Jonasi] Mmm.

21:38.458 --> 21:39.625
‪[Mnu. Msomi] Kufanele ungakukhohlwa lokho.

21:40.791 --> 21:41.958
‪Impela.

21:42.458 --> 21:44.791
‪[Joyce] Ngicela ukuniphelezela emotweni?

21:44.875 --> 21:46.708
‪-[ahleke uNkk. Msomi] Siyabonga.
‪-[Joyce] Hhe?

21:49.083 --> 21:50.750
‪-[Essie] Ngathi ngizobophana.
‪-Ehhe.

21:50.833 --> 21:52.458
‪[aqunge u-Essie] Ngavuka ekuseni.

21:52.541 --> 21:53.541
‪Ehhe.

21:54.166 --> 21:55.750
‪-Nihambe kahle, Msomi.
‪-Kulungile.

21:55.833 --> 21:56.833
‪-[ababaze u-Essie]
‪-Ngiyabonga.

21:56.916 --> 21:59.500
‪[Essie] Ucabanga ukuthi uzothatha imoto
‪kabani? Ngathi, "Chabo!"

21:59.583 --> 22:00.583
‪-Ngalwa.
‪-[ababaze uJonasi]

22:00.666 --> 22:02.375
‪-[Essie] Abangazi ngingubani.
‪-[Jonasi] Bafo.

22:02.458 --> 22:03.708
‪[Essie] Ngalwa!

22:03.791 --> 22:05.041
‪-Bafo.
‪-Hmm?

22:05.125 --> 22:07.666
‪-U-Essie uyasihlaza…
‪-[exoxa u-Essie]

22:08.250 --> 22:09.583
‪…ngaphambi kwabalingani bethu.

22:10.166 --> 22:11.875
‪-Lungisa.
‪-[ngesiNgisi] Kulungile.

22:12.541 --> 22:15.041
‪-[kudume izulu]
‪-[Magesh, ngesiZulu] Isikhathi sokuhamba.

22:15.125 --> 22:16.625
‪[Essie] Hawu? Yini kodwa?

22:16.708 --> 22:19.625
‪-[angingize] Asambe.
‪-Magesh, uyathanda ukumosha ubumnandi.

22:19.708 --> 22:21.666
‪-Umosha ubumnandi.
‪-[Magesh] Utshwala buningi ekhaya.

22:21.750 --> 22:24.875
‪[Essie] UJoyce uthenge
‪bonke lobu tshwala sizophuza.

22:24.958 --> 22:27.041
‪-[kudume izulu]
‪-[Essie] Yini inkinga yakho?

22:27.125 --> 22:28.750
‪[Matipa, ngesiNgisi] Kwenzakalani la?

22:29.625 --> 22:34.458
‪Isizathu sokuthi ngize kulo mcimbi
‪wobulima bekungukuhlaza uJoyce.

22:35.458 --> 22:37.500
‪[ngesiZulu]
‪Manje ngathi wonke umuntu ola uhleka mina.

22:38.208 --> 22:41.333
‪[abhonge] Uma ubuka, isona sikhathi
‪esifanele sokukhuluma ngalento?

22:41.416 --> 22:43.750
‪UJoyce usazowasayina
‪amaphepha esehlukaniso?

22:48.958 --> 22:50.416
‪Jo, ngikhuluma nawe.

22:51.375 --> 22:52.375
‪Ngikhuluma nawe.

22:53.583 --> 22:55.000
‪Jo. [adonse umoya ngamandla]

23:02.666 --> 23:03.666
‪[kukhale amaqhwagi]

23:05.416 --> 23:06.833
‪[kukhonkothe inja]

23:27.250 --> 23:33.000
‪Besingekho isidingo sokuthi ungilandele
‪ukuze uqinisekise ukuthi ngiyawasayina.

24:03.166 --> 24:04.166
‪Ngiyakukhumbula.

24:07.083 --> 24:08.291
‪Ngiyakukhumbula, Joyce.

24:13.458 --> 24:14.666
‪Jo… [angingize]

24:14.750 --> 24:16.291
‪Ngiyakukhumbula, s'thandwa sami.

24:23.625 --> 24:24.625
‪[akhiphe umoya ngamandla]

24:29.375 --> 24:30.375
‪[kudlale umculo othokozisayo]

24:37.916 --> 24:39.333
‪[adonse umoya ngamandla] Jo…

24:45.125 --> 24:46.125
‪[aphefumule ngamandla uJonasi]

24:48.125 --> 24:49.125
‪[aqume uJoyce]

26:09.416 --> 26:14.416
‪Izinhlokwana zihunyushwe ngu:
‪Ntokozo Nomasiko Msomi
