WEBVTT

00:00:25.000 --> 00:00:26.208 align:center
‪[kudlala umculo wedrama]

00:00:40.916 --> 00:00:43.583 align:center
‪[ngesiZulu] Yey, s'thandwa sami.

00:00:43.666 --> 00:00:45.416 align:center
‪-[aqume, ahleke kancane]
‪-Hhayi, man. Hawu.

00:00:45.500 --> 00:00:46.916 align:center
‪Uhambe kanjani?

00:00:47.416 --> 00:00:49.666 align:center
‪Bengicabanga ukuthi uJonasi
‪ubezoba yingxenye yephaneli.

00:00:49.750 --> 00:00:52.791 align:center
‪Ugazi umphathi wale nkampani,
‪akahlali kunhlolokhono.

00:00:52.875 --> 00:00:55.916 align:center
‪[ngesiNgisi] Yebo, Gesh.
‪Kodwa bengifuna ukwenza kahle.

00:00:56.000 --> 00:00:58.208 align:center
‪[ngesiZulu]
‪Ngifuna bangazi ngomsebenzi wami,

00:00:58.291 --> 00:00:59.958 align:center
‪hhayi ukuthi ngijola…

00:01:00.041 --> 00:01:02.708 align:center
‪[ngesiNgisi] …nomphathi wemisebenzi
‪futhi ongubhuti ka-CEO.

00:01:03.458 --> 00:01:04.916 align:center
‪[ngesiZulu] Uma kungukuthi
‪lowo msebenzi ngizowuthola.

00:01:05.500 --> 00:01:07.625 align:center
‪-S'thandwa. Lo msebenzi owakho.
‪-[abubule]

00:01:07.708 --> 00:01:09.541 align:center
‪-Owakho lo msebenzi.
‪-[aqume]

00:01:09.625 --> 00:01:11.000 align:center
‪-Awungiqabule kancane.
‪-Hhay-ayi.

00:01:11.083 --> 00:01:12.083 align:center
‪-[ahleke kancane]
‪-[ehleka kancane] Ngiyacela.

00:01:12.166 --> 00:01:13.875 align:center
‪Asambe. [ahleke kancane]

00:01:13.958 --> 00:01:15.583 align:center
‪-Iya ngapha. [ababaze]
‪-Hhe-eh.

00:01:15.666 --> 00:01:17.083 align:center
‪[kudlala umculo osheshayo]

00:01:25.625 --> 00:01:26.625 align:center
‪[uMatipa, ngesiNgisi] Sawubona.

00:01:26.708 --> 00:01:27.625 align:center
‪UHLANGOTHI LWABAPHATHI

00:01:27.708 --> 00:01:28.708 align:center
‪[ngesiZulu] Uyaphila?

00:01:28.791 --> 00:01:34.125 align:center
‪Lalela, ngizwile ukuthi uthanda
‪i-chocolate mocha.

00:01:34.708 --> 00:01:35.708 align:center
‪[kukhale insimbi yekheshi]

00:01:36.750 --> 00:01:37.791 align:center
‪[ngesiNgisi] Manje, ngi…

00:01:37.875 --> 00:01:40.416 align:center
‪[abubule] …ngidinga usizo lwakho, Buhle.

00:01:41.291 --> 00:01:45.625 align:center
‪[ngesiZulu] Bengicela ungidedele
‪ngiyonika umphathi leli fayela?

00:01:45.708 --> 00:01:46.708 align:center
‪[ngesiNgisi] Mathupha.

00:01:47.541 --> 00:01:49.333 align:center
‪Umphathi akafuni ukuphazanyiswa.

00:01:49.416 --> 00:01:53.708 align:center
‪[ngesiZulu] Lalela.
‪[ngesiNgisi] Ngifuna ukuzethula.

00:01:53.791 --> 00:01:56.250 align:center
‪[ngesiZulu] Akalazi negama lami,
‪kanti ngidinga ukunyuselwa isikhundla.

00:01:56.333 --> 00:01:57.666 align:center
‪ISUSELWA KU-THE POLYGAMIST
‪KA-SUE NYATHI

00:01:58.416 --> 00:02:01.625 align:center
‪[ngesiNgisi] Uyazi ukuthi kumele sisizane
‪thina mantombazane, angithi?

00:02:03.875 --> 00:02:09.208 align:center
‪Uyafuna ukwazi ukuthi yini umsebenzi wami
‪njengomsizi kaMnu. Gomora?

00:02:09.791 --> 00:02:11.125 align:center
‪[angingize] Yebo.

00:02:11.208 --> 00:02:15.208 align:center
‪Ukuvimba abesimame abafana nawe
‪ukuthi bangamuphazamisi.

00:02:15.291 --> 00:02:17.458 align:center
‪[ngesiZulu] Ngakho uyalishiya leli fayela?

00:02:17.541 --> 00:02:19.166 align:center
‪Yebo noma cha?

00:02:21.458 --> 00:02:22.458 align:center
‪[uqhubeke umculo]

00:02:29.625 --> 00:02:30.625 align:center
‪[ahlebe] Yey! Yey!

00:02:37.000 --> 00:02:39.083 align:center
‪-[ngesiNgisi] Mnumzane.
‪-Mnu. Gomora.

00:02:39.166 --> 00:02:42.166 align:center
‪Ngize ukuzoletha leli fayela.

00:02:45.291 --> 00:02:46.500 align:center
‪[kuvaleke umnyango]

00:02:50.333 --> 00:02:52.750 align:center
‪[ngesiZulu] Kusobala ukuthi umusha
‪wena la ekhaya.

00:02:53.625 --> 00:02:58.666 align:center
‪Ngoba awukakezwa ngemilando ethusayo
‪yalo mphathi olumayo.

00:02:59.250 --> 00:03:00.833 align:center
‪Matipa Nkosi.

00:03:01.416 --> 00:03:02.416 align:center
‪[abhonge]

00:03:05.375 --> 00:03:06.375 align:center
‪[kudlale umculo wedrama]

00:03:15.375 --> 00:03:16.375 align:center
‪[ngesiNgisi] Wokulandelwa kwemithetho.

00:03:17.916 --> 00:03:19.208 align:center
‪[ngesiZulu] Angithuswa yinoma yini.

00:03:19.291 --> 00:03:20.500 align:center
‪[abhonge]

00:03:20.583 --> 00:03:21.875 align:center
‪Akusho wena.

00:03:24.583 --> 00:03:27.958 align:center
‪Awuthi ngikushiye ngingabe
‪ngisakuchithela isikhathi.

00:03:28.041 --> 00:03:29.875 align:center
‪Uwena osabambe isandla sami.

00:03:32.000 --> 00:03:33.208 align:center
‪Oh. [ahleke kancane]

00:03:38.375 --> 00:03:40.041 align:center
‪-Mmm.
‪-Hawu.

00:03:41.041 --> 00:03:42.375 align:center
‪[ngesiNgisi] Phephisa, ngizo…

00:03:43.833 --> 00:03:44.833 align:center
‪[kudlale umculo wedrama]

00:03:46.708 --> 00:03:47.708 align:center
‪[uJonasi aqume]

00:03:58.083 --> 00:04:01.125 align:center
‪[umsebenzi, ngesiZulu] Kubukeka ngathi
‪izivakashi zizotheleka noma yinini.

00:04:02.083 --> 00:04:03.791 align:center
‪-[ngesiNgisi] Hhayi, usebenzile.
‪-Yebo.

00:04:04.541 --> 00:04:05.541 align:center
‪[kukhale ucingo]

00:04:05.625 --> 00:04:07.166 align:center
‪MA GRACE - UJOYCE USESIBHEDLELA.
‪USUHAMBILE?

00:04:09.083 --> 00:04:10.083 align:center
‪[kudlale umculo onethemba]

00:04:15.375 --> 00:04:16.375 align:center
‪[ababaze uMagesh]

00:04:17.416 --> 00:04:19.083 align:center
‪-[ngesiZulu] Hola, gazi.
‪-Zikhiphani?

00:04:19.791 --> 00:04:21.666 align:center
‪-Siyakubongela, mfo.
‪-Ngiyabonga.

00:04:21.750 --> 00:04:23.000 align:center
‪[ahleke kancane] Kubonga mina.

00:04:23.833 --> 00:04:25.458 align:center
‪-Hlala la kusofa.
‪-[kukhale ucingo]

00:04:25.541 --> 00:04:26.541 align:center
‪PHUTHUMA!

00:04:27.125 --> 00:04:29.208 align:center
‪-Uyazi yini, s'thandwa…
‪-[ahlebe] Imibukiso yothando emsebenzini.

00:04:30.958 --> 00:04:32.125 align:center
‪-[akhiphe umoya ngamandla]
‪-[Magesh] Mmm.

00:04:32.208 --> 00:04:35.666 align:center
‪-Bafo, uJoyce uyateta.
‪-[ababaze] Halala, mfana.

00:04:37.875 --> 00:04:39.916 align:center
‪-Ungathanda i-champagne?
‪-[ngesiNgisi] Ya, ngiyacela.

00:04:40.875 --> 00:04:41.875 align:center
‪[abhonge]

00:04:48.750 --> 00:04:50.166 align:center
‪[uJonasi, ngesiZulu] Usalele umfana wami.

00:04:50.750 --> 00:04:51.875 align:center
‪Uyalala.

00:04:51.958 --> 00:04:52.958 align:center
‪Mm-hmm.

00:04:53.750 --> 00:04:55.291 align:center
‪-[anambithe umlomo]
‪-Ngiyabonga.

00:04:55.375 --> 00:04:57.458 align:center
‪Ngizishaya isifuba ngawe.

00:04:57.541 --> 00:05:00.291 align:center
‪-Uyazi ubani engizishaya isifuba ngaye?
‪-Ubani?

00:05:00.375 --> 00:05:02.625 align:center
‪-UBab' Gomora.
‪-Kahle ke.

00:05:02.708 --> 00:05:03.708 align:center
‪[ngesiNgisi] Ngempela.

00:05:03.791 --> 00:05:04.791 align:center
‪-Mmm.
‪-Ngisho, bheka.

00:05:04.875 --> 00:05:07.500 align:center
‪[ngesiZulu] Ngosuku olulodwa nje…

00:05:07.583 --> 00:05:12.041 align:center
‪-Mmm.
‪-…wena usunenye indodana enhle.

00:05:12.125 --> 00:05:14.375 align:center
‪-[ababaze]
‪-[bahleke kancane bobabili]

00:05:14.458 --> 00:05:16.666 align:center
‪-Ngaphezu kwalokho…
‪-Mm-hmm.

00:05:16.750 --> 00:05:19.291 align:center
‪…usunenkampani ebhaliswe e-JSE wena?

00:05:19.375 --> 00:05:21.625 align:center
‪-Yey. Mm-hmm.
‪-Yey.

00:05:21.708 --> 00:05:24.208 align:center
‪-[ahlebe] Shibs wena!
‪-Wena na.

00:05:24.291 --> 00:05:27.333 align:center
‪[bahleke kancane bobabili]

00:05:27.416 --> 00:05:29.083 align:center
‪[ngesiNgisi] Futhi kungenxa yakho, Joyce.

00:05:29.166 --> 00:05:30.875 align:center
‪[ngesiZulu] Uwena owenze yonke lento.

00:05:30.958 --> 00:05:32.666 align:center
‪-Mm-mmm. Mm-mmm.
‪-[ahleke kancane]

00:05:32.750 --> 00:05:34.250 align:center
‪-Kulungile ke.
‪-Mmm.

00:05:35.083 --> 00:05:37.541 align:center
‪-Hmm?
‪-Ngicela ukuyeka ukuzithoba.

00:05:37.625 --> 00:05:38.666 align:center
‪Yebo.

00:05:38.750 --> 00:05:40.750 align:center
‪-Ngivume…
‪-Mm-hmm.

00:05:40.833 --> 00:05:42.750 align:center
‪[ahlebe ngesiNgisi] Ngithi sikwenzile.

00:05:42.833 --> 00:05:44.416 align:center
‪-[ngesiZulu] Sobabili.
‪-Sobabili.

00:05:44.500 --> 00:05:46.041 align:center
‪[bahleke kancane bobabili]

00:05:47.708 --> 00:05:50.000 align:center
‪[aqume uJonasi]

00:05:50.083 --> 00:05:52.083 align:center
‪-[ngesiNgisi] Ngiyakubongela.
‪-[ahlebe] Kuthina.

00:05:52.166 --> 00:05:53.791 align:center
‪[ahlebe] Kuthina.

00:05:53.875 --> 00:05:54.875 align:center
‪Nakuye.

00:05:54.958 --> 00:05:57.375 align:center
‪-[ahleke kancane uJoyce]
‪-[Jonasi] Nkazi-Nkazi.

00:05:57.458 --> 00:05:58.541 align:center
‪[ngesiZulu] Mfana kaBaba.

00:06:04.541 --> 00:06:05.541 align:center
‪[akhiphe umoya ngamandla]

00:06:13.333 --> 00:06:14.333 align:center
‪[uMatipa, ngesiNgisi] <i>‪Mnu. Gomora.</i>

00:06:14.416 --> 00:06:15.416 align:center
‪[ngesiZulu] Yebo.

00:06:15.500 --> 00:06:16.916 align:center
‪[ahefuzele, akhulume ngesiNgisi]
‪Kukhona okukhohliwe.

00:06:26.208 --> 00:06:28.083 align:center
‪WOZA UZONGIKHIPHA EKUHLUPHEKENI,

00:06:28.166 --> 00:06:30.083 align:center
‪UBUYE SIZOBUNGAZA NGEMPELA!

00:06:30.166 --> 00:06:31.666 align:center
‪[ahleke kancane]

00:06:31.750 --> 00:06:33.208 align:center
‪-[uJoyce, ngesiZulu] Yini?
‪-Hmm?

00:06:36.875 --> 00:06:38.375 align:center
‪[akhiphe umoya ngamandla]

00:06:38.458 --> 00:06:40.083 align:center
‪Hhayi, kuthi nje… [alungise umphimbo]

00:06:41.250 --> 00:06:42.250 align:center
‪-Ngibona ukuthi…
‪-[aqume]

00:06:43.750 --> 00:06:46.625 align:center
‪Ngisheshe ngahamba emcimbini.

00:06:46.708 --> 00:06:48.708 align:center
‪Kahle-hle ibingakaqali nokuqala.

00:06:48.791 --> 00:06:50.375 align:center
‪-Mmm.
‪-Mmm.

00:06:50.458 --> 00:06:54.208 align:center
‪Angizange ngibe nethuba lokuhlala phansi
‪nesibambisene nabo abasha.

00:06:55.750 --> 00:06:57.125 align:center
‪Hamba.

00:06:59.250 --> 00:07:00.250 align:center
‪Hhayi.

00:07:01.375 --> 00:07:03.791 align:center
‪-Angeke ngikushiye nomntwana.
‪-Mm-mmm.

00:07:03.875 --> 00:07:05.416 align:center
‪UNkazi akanankinga.

00:07:05.916 --> 00:07:06.916 align:center
‪[aqunge]

00:07:07.541 --> 00:07:08.916 align:center
‪Nami anginankinga.

00:07:10.166 --> 00:07:11.666 align:center
‪[ngesiNgisi] Mm-hmm? Kulungile.

00:07:13.208 --> 00:07:14.291 align:center
‪[aqume uJonasi]

00:07:16.333 --> 00:07:17.333 align:center
‪Kulungile.

00:07:18.000 --> 00:07:19.750 align:center
‪-Kukahle konke.
‪-Bhabhayi.

00:07:21.625 --> 00:07:23.791 align:center
‪-Bhabhayi.
‪-[bahleke kancane bobabili]

00:07:24.750 --> 00:07:26.708 align:center
‪[kudlala umculo osheshayo]

00:07:37.958 --> 00:07:40.583 align:center
‪-[ngesiZulu] Gazi. Usafunani la?
‪-Hawu, Bafo.

00:07:40.666 --> 00:07:44.250 align:center
‪Hhayi, ngifuna ulo… [ancimfe] …uNdlovu.

00:07:44.333 --> 00:07:45.625 align:center
‪Uqeda ukuphuma manje.

00:07:45.708 --> 00:07:49.000 align:center
‪-Eish.
‪-Mina kufanele ngihambe. Ngiyaxolisa.

00:07:49.083 --> 00:07:51.625 align:center
‪-Kukhona okungimele endlini.
‪-Ungaphuki iqolo, Bafo.

00:07:51.708 --> 00:07:55.208 align:center
‪-Hhayi, liqinile leli. Liqinile.
‪-[ababaze, ehleka]

00:07:55.291 --> 00:07:57.000 align:center
‪Linamandla. [ememeza]

00:08:01.083 --> 00:08:02.875 align:center
‪-Sho-sho.
‪-Aw, bhut' omdala.

00:08:05.250 --> 00:08:06.416 align:center
‪[ingxoxo]

00:08:08.250 --> 00:08:09.666 align:center
‪-[uBuhle, ngesiNgisi] Mnu. Gomora.
‪-[ngesiZulu] Sanibonani.

00:08:09.750 --> 00:08:11.958 align:center
‪-Yebo.
‪-Yebo.

00:08:13.166 --> 00:08:14.583 align:center
‪Bengisacela ukukuluma indlebe.

00:08:16.583 --> 00:08:17.750 align:center
‪[ngesiNgisi] Kulungile.

00:08:28.083 --> 00:08:30.875 align:center
‪[ngesiZulu]
‪Wamuhle umndeni wakho. [ahefuzele]

00:08:38.041 --> 00:08:39.250 align:center
‪[aphefumule ngamandla]

00:08:47.333 --> 00:08:49.500 align:center
‪Manje uze la, uzokhuluma ngomndeni wami?

00:08:52.041 --> 00:08:53.041 align:center
‪Hmm?

00:08:54.541 --> 00:08:56.041 align:center
‪Ukhuluma ngomndeni wami wena?

00:08:57.291 --> 00:08:58.291 align:center
‪Hmm?

00:09:04.958 --> 00:09:05.958 align:center
‪[akhiphe umoya ngamandla]

00:09:09.875 --> 00:09:11.291 align:center
‪Ngijola nobhuti wakho.

00:09:20.666 --> 00:09:21.958 align:center
‪Angizwanga?

00:09:23.833 --> 00:09:26.833 align:center
‪Ngithe ngijola nobhuti wakho, Jo.

00:09:31.208 --> 00:09:32.375 align:center
‪Mgabhe.

00:09:34.541 --> 00:09:35.541 align:center
‪Uyangizwa ngithini?

00:09:36.958 --> 00:09:37.958 align:center
‪Mgabhe.

00:09:39.708 --> 00:09:41.291 align:center
‪Uma ngimgabha, ngizoba owakho?

00:09:44.750 --> 00:09:46.833 align:center
‪Iyona into engiyifunayo leyo.

00:09:46.916 --> 00:09:47.916 align:center
‪[kuvuleke uziphu]

00:09:48.791 --> 00:09:50.375 align:center
‪-[akhiphe umoya ngamandla]
‪-[aqume]

00:09:58.083 --> 00:09:59.500 align:center
‪[kudlale umculo wedrama]

00:10:04.416 --> 00:10:05.416 align:center
‪[aqume uMatipa]

00:10:14.291 --> 00:10:16.125 align:center
‪[baphefumule ngamandla bobabili]

00:10:17.166 --> 00:10:18.791 align:center
‪MATIPA NKOSI
‪UMPHATHI WEZEMITHETHO

00:10:23.833 --> 00:10:25.041 align:center
‪[kusondele ukunyathela]

00:10:29.375 --> 00:10:30.666 align:center
‪-Hhe? [ngesiNgisi] S'thandwa.
‪-[ehleka kancane]

00:10:30.750 --> 00:10:32.708 align:center
‪Siyakwamukela ehhovisi lakho.

00:10:32.791 --> 00:10:33.833 align:center
‪[ngesiZulu] Uyazi yini, s'thandwa sami?

00:10:33.916 --> 00:10:36.791 align:center
‪Abantu basebenza iminyaka la
‪ababi namahhovisi.

00:10:36.875 --> 00:10:39.416 align:center
‪Wena esikhathini esingaphansi kwezinyanga
‪ezinhlanu, ususohlangothini lwabaphathi.

00:10:39.500 --> 00:10:40.791 align:center
‪[ngesiNgisi] Mina angifani nabanye abantu.

00:10:40.875 --> 00:10:43.125 align:center
‪Kumele sibe nomcimbi.

00:10:43.208 --> 00:10:44.750 align:center
‪Hawu. [ahleke kancane]

00:10:46.083 --> 00:10:49.166 align:center
‪[angingize] Mhlawumbe ngesinye isikhathi.

00:10:50.166 --> 00:10:52.583 align:center
‪-[ngesiZulu] Ngeke ube senkingeni.
‪-Ngimatasa, Gesh.

00:10:53.416 --> 00:10:54.708 align:center
‪Yini indaba?

00:10:54.791 --> 00:10:56.250 align:center
‪Lalela.

00:10:56.333 --> 00:10:57.333 align:center
‪Ngiyabonga.

00:10:58.333 --> 00:11:04.166 align:center
‪Ukuthi ube nesandla ekutheni ngize ngifike
‪la engikhona njengamanje.

00:11:04.250 --> 00:11:07.541 align:center
‪Kodwa, umuntu osesikhundleni
‪esifana nesami,

00:11:07.625 --> 00:11:10.958 align:center
‪angicabangi ukuthi umqondo omuhle
‪ukuthi ngijole emsebenzini.

00:11:11.041 --> 00:11:13.958 align:center
‪Ngaphandle kwalokho, ushadile wena.

00:11:14.041 --> 00:11:16.958 align:center
‪Uno-Essie. Ninezingane, ninomndeni.

00:11:19.083 --> 00:11:20.083 align:center
‪Kuyiqiniso?

00:11:21.500 --> 00:11:22.958 align:center
‪Ukuthi ulala nomfowethu?

00:11:23.041 --> 00:11:24.125 align:center
‪[ahleke kancane]

00:11:25.583 --> 00:11:26.583 align:center
‪[ahleke kancane]

00:11:27.916 --> 00:11:29.416 align:center
‪Uzongiphendula, Matipa?

00:11:30.375 --> 00:11:31.458 align:center
‪Ngikhuluma nawe!

00:11:34.250 --> 00:11:36.125 align:center
‪[ngesiNgisi] Ungazihlazi, Gesh.

00:11:36.708 --> 00:11:38.750 align:center
‪[ngesiZulu] Hawu, Bafo.

00:11:41.500 --> 00:11:42.500 align:center
‪Konke kuhamba kahle?

00:11:46.291 --> 00:11:48.500 align:center
‪-Yonke into ihamba kahle, Bafo.
‪-Oh.

00:11:50.125 --> 00:11:51.250 align:center
‪[ngesiNgisi] Ningixolele.

00:11:53.166 --> 00:11:54.833 align:center
‪[kukhale ucingo]

00:11:57.416 --> 00:12:00.208 align:center
‪[Joyce] <i>‪Ngibiza uMnu. Gomora.</i>

00:12:00.791 --> 00:12:05.666 align:center
‪Isitolo sikaJoyce
‪sizovala emizuzwini eyisihlanu.

00:12:05.750 --> 00:12:08.916 align:center
‪[ngesiZulu]
<i>‪Phuthuma, phuthuma. Ungaphuthelwa.</i>

00:12:09.000 --> 00:12:10.875 align:center
‪Ooh. [ahleke kancane]

00:12:10.958 --> 00:12:14.541 align:center
‪Uyabona le? Izomuhlanyisa.

00:12:14.625 --> 00:12:15.875 align:center
‪-[luvunguze ucingo]
‪-[akhiphe umoya]

00:12:18.833 --> 00:12:19.833 align:center
‪[kukhale ucingo]

00:12:19.916 --> 00:12:20.916 align:center
‪SISEBENZA EBUSUKU FUTHI,
‪NGIYAXOLISA S'THANDWA.

00:12:21.625 --> 00:12:23.291 align:center
‪UNGANGILINDI.

00:12:37.416 --> 00:12:40.166 align:center
‪-[aqume, adonse umoya]
‪-[ababaze]

00:12:40.250 --> 00:12:41.958 align:center
‪-Babakhe. [aqume]
‪-Joyce.

00:12:42.041 --> 00:12:43.125 align:center
‪Bengithi ulele.

00:12:43.208 --> 00:12:44.541 align:center
‪-Mm-mmm. [ahleke kancane]
‪-[ababaze]

00:12:44.625 --> 00:12:48.000 align:center
‪Bengithi isitolo sikaJoyce sesivaliwe.

00:12:48.083 --> 00:12:50.875 align:center
‪-Hawu, soze, soze.
‪-Hhaa. [ahleke kancane]

00:12:50.958 --> 00:12:55.416 align:center
‪Kumthengi wethu oqavile,
‪imizamo mayenzeke.

00:12:55.500 --> 00:12:57.000 align:center
‪[aqume]

00:12:57.083 --> 00:12:59.000 align:center
‪[ngesiNgisi] Oh, kade ngikulindile.

00:12:59.083 --> 00:13:00.375 align:center
‪-[abhonge uJoyce]
‪-[aqume uJonasi]

00:13:00.458 --> 00:13:02.791 align:center
‪Kade ngilindile.

00:13:02.875 --> 00:13:04.416 align:center
‪-[aqume]
‪-Kade ngilindile.

00:13:04.500 --> 00:13:05.500 align:center
‪-Ngi…
‪-[ahonqe]

00:13:07.875 --> 00:13:08.875 align:center
‪Jo?

00:13:09.750 --> 00:13:12.791 align:center
‪Hhe-eh, Jo, ngiyacela.

00:13:12.875 --> 00:13:15.791 align:center
‪-[ngesiZulu] Kancane nje. Hhe?
‪-Mm-mmm. [aqunge]

00:13:15.875 --> 00:13:18.375 align:center
‪-Mm-mmm. [aqunge]
‪-Kancane nje. [ngesiNgisi] Ka…

00:13:18.458 --> 00:13:20.916 align:center
‪-Mm-mmm. Mm-mmm.
‪-[abubule]

00:13:21.000 --> 00:13:23.916 align:center
‪-[aqunge] Mm-mmm.
‪-[ababaze]

00:13:28.916 --> 00:13:31.625 align:center
‪[ngesiZulu] Ungishiya ngilambile
‪yena uyahona.

00:13:32.333 --> 00:13:33.750 align:center
‪-[ababaze]
‪-[kudlale umculo oshubisayo]

00:13:33.833 --> 00:13:34.833 align:center
‪[ahonqe]

00:13:40.166 --> 00:13:41.583 align:center
‪[kuqhubeke ukuhonqa]

00:13:47.625 --> 00:13:49.250 align:center
‪[kudlale umculo wensolo]

00:14:00.583 --> 00:14:02.375 align:center
‪[Grace] <i>‪Uyamusola yini?</i>

00:14:02.958 --> 00:14:04.666 align:center
‪Uyazibona ukuthi unjani?

00:14:04.750 --> 00:14:07.875 align:center
‪Umyokozo ugcwele isikibha,
‪amazinyo abomvu iwayini,

00:14:07.958 --> 00:14:11.875 align:center
‪-yile bhonethi olokhu uyigqokile.
‪-Ma, awukahle, hawu.

00:14:11.958 --> 00:14:13.958 align:center
‪Ubani lesi seqamgwaqo amatasa naso?

00:14:14.458 --> 00:14:15.541 align:center
‪Uyamazi?

00:14:15.625 --> 00:14:17.166 align:center
‪[atefe uNkazi]

00:14:17.250 --> 00:14:18.458 align:center
‪Cha, Ma.

00:14:18.541 --> 00:14:20.333 align:center
‪-[Grace] Awusithole phela sisi.
‪-[uNkazi axoxe]

00:14:20.416 --> 00:14:22.166 align:center
‪Ungadlali abantu la ngaphandle.

00:14:22.875 --> 00:14:24.666 align:center
‪Mhlazane futhi nitholana,

00:14:24.750 --> 00:14:28.333 align:center
‪ufike umuhle,
‪unuka kamnandi, ugqoke kahle.

00:14:28.916 --> 00:14:30.958 align:center
‪Ngoba uyovele akubuke kanye akubone unje

00:14:31.041 --> 00:14:32.833 align:center
‪avele abone ukuthi usewinile.

00:14:32.916 --> 00:14:34.541 align:center
‪Ungadlali abantu la ngaphandle, Joyce.

00:14:34.625 --> 00:14:36.166 align:center
‪-Angithi?
‪-[atefe]

00:14:36.250 --> 00:14:38.375 align:center
‪UMa angadlali abantu la ngaphandle.

00:14:38.458 --> 00:14:40.333 align:center
‪[Joyce] <i>‪Buhle, angihambi la,</i>

00:14:40.416 --> 00:14:42.791 align:center
‪ungakangitsheli lonke iqiniso. Siyezwana?

00:14:43.500 --> 00:14:45.666 align:center
‪Ngiyakuthembisa, angazi lutho, Mama.

00:14:46.541 --> 00:14:48.041 align:center
‪Usakuthanda ukusebenza la?

00:14:48.125 --> 00:14:50.416 align:center
‪-[ngesiNgisi] Kakhulu, Mama.
‪-Kulungile.

00:14:50.500 --> 00:14:54.750 align:center
‪[ngesiZulu] Futhi uyazi
‪ukuthi umuntu oneqiniso

00:14:54.833 --> 00:14:58.458 align:center
‪nothembekile
‪ubaluleke kanjani kumina, angithi?

00:14:59.708 --> 00:15:02.166 align:center
‪Ngakho, ungenzi ngiphinde ngibuze
‪into eyodwa futhi.

00:15:08.416 --> 00:15:09.625 align:center
‪[amakhasimende ayaxoxa, ayahleka]

00:15:16.250 --> 00:15:19.166 align:center
‪[ngesiZulu] Nkk. Gomora, besingakulindele.

00:15:19.250 --> 00:15:20.791 align:center
‪[ngesiNgisi]
‪Ngingakufaka kulokhu okujwayele?

00:15:20.875 --> 00:15:22.708 align:center
‪-[ngesiZulu] Ngiyacela, bandla.
‪-Ngicela ungilandele.

00:15:22.791 --> 00:15:25.166 align:center
‪Ngiyabonga.

00:15:30.458 --> 00:15:31.791 align:center
‪[Matipa, ngesiNgisi] Oh, mngani.

00:15:31.875 --> 00:15:35.000 align:center
‪[ngesiZulu] Uyabona le ngubo
‪engiyikhethile, iyangifanela.

00:15:35.583 --> 00:15:37.791 align:center
‪Lalela, ngifuna ukuthi umuntu wami
‪uma engibona namhlanje,

00:15:37.875 --> 00:15:41.416 align:center
‪azibuze aziphendule ukuthi wayedakwe yini.

00:15:42.458 --> 00:15:47.375 align:center
‪Kahle-hle lesi sibotho engasishada
‪esihleli lapha endlini, ngangibheme ini?

00:15:47.458 --> 00:15:50.333 align:center
‪Hhayi bo! Kanjani manje? [ehleka kancane]

00:15:51.458 --> 00:15:53.833 align:center
‪Hhayi, ungangitsheli ngesilima
‪somfazi wakhe.

00:15:54.458 --> 00:15:55.458 align:center
‪Ehhe.

00:15:55.541 --> 00:15:58.625 align:center
‪[angingize, ehleka kancane]
‪Kanjani manje? Kanjani?

00:16:00.750 --> 00:16:03.833 align:center
‪[ngesiNgisi] Kulungile. [ngesiZulu]
‪Ngizokufonela, yezwa? Bhabhayi.

00:16:03.916 --> 00:16:04.916 align:center
‪[ahleke kancane]

00:16:07.416 --> 00:16:08.875 align:center
‪Ehhe. [ahleke kancane]

00:16:09.750 --> 00:16:10.750 align:center
‪Bhabhayi.

00:16:12.458 --> 00:16:13.583 align:center
‪[kukhale ucingo]

00:16:13.666 --> 00:16:15.916 align:center
‪Ubani lesi silima okhuluma ngaso?

00:16:16.000 --> 00:16:17.791 align:center
‪-[akhale uMatipa]
‪-Woza la wena!

00:16:17.875 --> 00:16:19.416 align:center
‪Ubani isilima okhuluma ngaso?

00:16:19.500 --> 00:16:21.958 align:center
‪-Ubani isilima somfazi? Hhe?
‪-[abubule]

00:16:22.041 --> 00:16:23.375 align:center
‪Ungijwayela kabi wena.

00:16:23.458 --> 00:16:25.208 align:center
‪-Uzoshaya mina?
‪-Ulala nendoda yami?

00:16:25.291 --> 00:16:28.000 align:center
‪Ngiyekele wena man!
‪Ngifuna ukufundisa lesifebe isifundo.

00:16:28.083 --> 00:16:30.625 align:center
‪-Yey, wena!
‪-[abhonge]

00:16:30.708 --> 00:16:32.916 align:center
‪Yey, wena!

00:16:33.000 --> 00:16:34.000 align:center
‪[babhonge, baqume bobabili]

00:16:34.083 --> 00:16:36.875 align:center
‪Yey wena man! Fusegi!

00:16:36.958 --> 00:16:38.250 align:center
‪Yingakho uyisibotho…

00:16:38.333 --> 00:16:40.666 align:center
‪-Hlukana nendoda yami!
‪-…wenza izinto ezenziwa izibotho. Fokof!

00:16:40.750 --> 00:16:43.166 align:center
‪-Uvale imilenze yakho, wena tikilayini.
‪-Wenza izinto zeyibotho! Fokof!

00:16:43.250 --> 00:16:45.416 align:center
‪-Yingakho indoda yakho ifeba!
‪-Ngizokukhahlela wena!

00:16:45.500 --> 00:16:48.625 align:center
‪-Ungijwayela kabi wena.
‪-Vala imilenze yakho!

00:16:48.708 --> 00:16:50.916 align:center
‪-Ngizokukhahlela wena!
‪-Ungijwayela kabi!

00:16:51.000 --> 00:16:53.583 align:center
‪-Ngithe ngiyeke!
‪-[ngesiNgisi] Sifebe esigugile.

00:16:53.666 --> 00:16:55.458 align:center
‪[Joyce] Ungangithinti!

00:16:58.250 --> 00:16:59.500 align:center
‪[aphefumule ngamandla uJoyce]

00:17:00.125 --> 00:17:01.416 align:center
‪[ngesiZulu] Ngiyiqala kanjani lento?

00:17:03.041 --> 00:17:07.000 align:center
‪[ngesiNgisi] Wonke umshado omile
‪unezinsika ezinhlanu.

00:17:07.083 --> 00:17:08.583 align:center
‪[ngesiZulu] Hhayi man, ayizwakali kahle.

00:17:08.666 --> 00:17:11.291 align:center
‪-Kufanele ngiyishintshe.
‪-[kuvaleke umnyango wemoto]

00:17:11.375 --> 00:17:13.083 align:center
‪[ngesiNgisi] Wonke umshado ophumelele

00:17:13.166 --> 00:17:16.958 align:center
‪-usekelwe izinsika ezinhlanu.
‪-[umnyango uvuleke, uvaleke]

00:17:17.041 --> 00:17:18.416 align:center
‪-Kwangcono.
‪-[akhiphe umoya ngamandla]

00:17:19.875 --> 00:17:21.541 align:center
‪Oh, Jo.

00:17:22.416 --> 00:17:24.583 align:center
‪[ngesiZulu] Usubuyile, Gomora.

00:17:24.666 --> 00:17:27.958 align:center
‪Lalela, laba bantu baka-Ivory Oasis bafuna

00:17:28.041 --> 00:17:30.583 align:center
‪-ukuthi bavele baqale--
‪-Lalela ke, weJoyce.

00:17:30.666 --> 00:17:34.500 align:center
‪Uyabona indlela oziphatha ngayo
‪isiqala ukunginyanyisa.

00:17:35.166 --> 00:17:37.166 align:center
‪Uqale nini wena ukuba iseqamgwaqo?

00:17:37.250 --> 00:17:39.000 align:center
‪Usushaya abantu abamsulwa manje?

00:17:39.083 --> 00:17:41.166 align:center
‪Ingane yabantu iphazamisekile.

00:17:41.250 --> 00:17:43.083 align:center
‪Mina nginjani, Jonasi?

00:17:43.833 --> 00:17:45.458 align:center
‪Ngiyajabula mina ngayo yonke lento?

00:17:45.541 --> 00:17:47.375 align:center
‪Ungabi yigovu wena.

00:17:48.000 --> 00:17:49.000 align:center
‪Joyce, ufunani?

00:17:51.708 --> 00:17:53.583 align:center
‪[aphefumule, akhulume ngesiNgisi]
‪Kulungile, Jo.

00:17:55.958 --> 00:17:57.375 align:center
‪[ngesiZulu] Ngizokutshela lento kanye.

00:17:58.125 --> 00:18:01.750 align:center
‪-Uzohlukana nalesi sifebe sentombazane.
‪-[ahleke usulu]

00:18:01.833 --> 00:18:04.208 align:center
‪Uma ungafuni ukwenza lokho,
‪uzohamba la ekhaya.

00:18:04.791 --> 00:18:07.208 align:center
‪[ahleke kancane] Joyce.

00:18:08.208 --> 00:18:09.708 align:center
‪Ungangitsheli mina ukuthi ngenzeni.

00:18:10.375 --> 00:18:13.583 align:center
‪Futhi ngeke ungixoshe mina emzini wami.
‪Ngawakha mina lo muzi.

00:18:13.666 --> 00:18:16.041 align:center
‪Mm-mmm. Mm-mmm. Lo muzi siwakhe sobabili.

00:18:16.125 --> 00:18:19.375 align:center
‪-Cha. Lo muzi wakhiwe yimi. Siyezwana?
‪-[ahleke kancane] Hhayi bo.

00:18:19.458 --> 00:18:24.541 align:center
‪Lo muzi… uma ngikhumbula kahle awakhiwanga
‪ngu-Facebook nanoma yini oyenzayo.

00:18:24.625 --> 00:18:25.708 align:center
‪[Joyce] Hmm. Hhayi!

00:18:25.791 --> 00:18:27.375 align:center
‪Konke lokhu okula okwami.

00:18:27.458 --> 00:18:31.791 align:center
‪Hhay, cha, cha, cha. Namuhla nje?
‪Hhayi impela ushunqisa uthuli, Gomora.

00:18:31.875 --> 00:18:33.666 align:center
‪-Uyazibona yini?
‪-Awu?

00:18:33.750 --> 00:18:34.875 align:center
‪Ufuna ngihambe mina la ekhaya?

00:18:34.958 --> 00:18:37.666 align:center
‪[ngesiNgisi] Kulungile.
‪[ngesiZulu] Ngizohamba la ekhaya.

00:18:37.750 --> 00:18:41.416 align:center
‪Sala wena kulo muzi nezingane zethu
‪uzitshele ukuthi uMa wazo ushonephi.

00:18:41.500 --> 00:18:42.500 align:center
‪[ngesiNgisi] Yilokho okufunayo?

00:18:42.583 --> 00:18:43.583 align:center
‪-Kulungile.
‪-[ngesiZulu] Ukuba umzali?

00:18:43.666 --> 00:18:44.833 align:center
‪Yiba umzali.

00:18:45.583 --> 00:18:47.625 align:center
‪-Sala.
‪-[kudlale umculo wedrama]

00:18:47.708 --> 00:18:49.666 align:center
‪[ngesiNgisi] Sala emzini wakho.

00:18:51.125 --> 00:18:53.583 align:center
‪Ini? Angizwa?

00:18:53.666 --> 00:18:54.666 align:center
‪[ahefuzele]

00:18:55.291 --> 00:18:56.291 align:center
‪Jonasi.

00:18:59.375 --> 00:19:00.375 align:center
‪[ngesiZulu] Kahle.

00:19:01.125 --> 00:19:03.000 align:center
‪-Joyce, kahle. Yey!
‪-[ngesiNgisi] Ngiyacela.

00:19:03.083 --> 00:19:05.000 align:center
‪Yima! [ngesiZulu] Yima, Jonasi!

00:19:05.083 --> 00:19:07.083 align:center
‪-Abantu bazothini? Awukahle!
‪-[amemeze]

00:19:07.166 --> 00:19:08.625 align:center
‪Usunendaba wena nokuthi abantu bazothini?

00:19:08.708 --> 00:19:10.041 align:center
‪Ubengidelela!

00:19:10.125 --> 00:19:12.916 align:center
‪Unenhlanhla wena
‪yokuthi akazange alivule icala lo muntu.

00:19:15.541 --> 00:19:16.750 align:center
‪Ngiyakucela.

00:19:17.625 --> 00:19:18.750 align:center
‪Ngiyakucela.

00:19:19.791 --> 00:19:20.791 align:center
‪[akhiphe umoya ngamandla]

00:19:21.500 --> 00:19:22.708 align:center
‪Ngiyakucela, Gomora.

00:19:23.583 --> 00:19:24.958 align:center
‪Ngiyakuncenga, ngiyacela.

00:19:28.000 --> 00:19:29.500 align:center
‪Uyazi angisakuboni ukuthi ungubani.

00:19:31.458 --> 00:19:32.750 align:center
‪Angisakuboni khona manje.

00:19:34.750 --> 00:19:37.791 align:center
‪Ngoba awulawuleki wena, Joyce.
‪Awulawuleki wena.

00:19:41.250 --> 00:19:42.875 align:center
‪[kungezwakali] Ngiyakucela. Ngiyakuncenga.

00:19:42.958 --> 00:19:45.375 align:center
‪Ngiyakuncenga.

00:19:47.458 --> 00:19:49.750 align:center
‪[aphefumule ngamandla] Jonasi!

00:19:50.750 --> 00:19:53.916 align:center
‪-[kuvaleke umnyango]
‪-[ngesiNgisi] Oh… [aphefumule kanzima]

00:19:54.791 --> 00:19:56.000 align:center
‪[ehefuzela]

00:19:56.083 --> 00:19:57.708 align:center
‪[kukhale uNkazi]

00:19:57.791 --> 00:19:58.916 align:center
‪[aphefumule kanzima]

00:19:59.000 --> 00:20:00.583 align:center
‪-[kuvuleke umnyango wemoto, uvaleke]
‪-[kukhale imoto]

00:20:01.500 --> 00:20:03.583 align:center
‪-[akhiphe umoya ngamandla]
‪-[kudume imoto]

00:20:06.083 --> 00:20:07.291 align:center
‪[kukhale amasondo]

00:20:07.916 --> 00:20:09.000 align:center
‪[akhale]

00:20:15.625 --> 00:20:16.958 align:center
‪[akhale uNkazi]

00:20:18.250 --> 00:20:19.250 align:center
‪[ukukhala kuqhubeke]

00:20:27.250 --> 00:20:29.416 align:center
‪[Mpume, ngesiZulu]
‪Ma, manje lento siyenza ngempela?

00:20:30.125 --> 00:20:31.500 align:center
‪Ma!

00:20:31.583 --> 00:20:32.833 align:center
‪Lento iyanyanyisa.

00:20:32.916 --> 00:20:35.625 align:center
‪-Kodwa, Ma, ayilungile lento esiyenzayo.
‪-Hhayi! Kahleni, nina nobabili.

00:20:35.708 --> 00:20:38.333 align:center
‪Akukho okungcolile ngalento esiyenzayo.

00:20:38.416 --> 00:20:39.583 align:center
‪Umuntu ongcolile la ubaba wenu.

00:20:39.666 --> 00:20:41.375 align:center
‪[ababaze, asho ngesiNgisi]
‪Hhayi la engimi khona.

00:20:41.458 --> 00:20:43.375 align:center
‪[ngesiZulu] Mpume, ngiyakutshela.
‪Ngicela usho enye into.

00:20:43.458 --> 00:20:45.750 align:center
‪Khuluma, ngifuna ukukubhibiza wena.

00:20:45.833 --> 00:20:47.500 align:center
‪Awukhulume nje okokugcina, ngizoku…

00:20:48.541 --> 00:20:50.916 align:center
‪-Awungixege, wena!
‪-[atefe uNkazi]

00:20:51.000 --> 00:20:53.333 align:center
‪[anxaphe] Uthanda ukukhuluma lana.

00:20:58.125 --> 00:20:59.708 align:center
‪[kuthelwe okuwuketshezi]

00:20:59.791 --> 00:21:01.208 align:center
‪[kuvuleke umnyango]

00:21:01.291 --> 00:21:03.166 align:center
‪Hhayi bo. Hhayi.

00:21:03.250 --> 00:21:04.916 align:center
‪-Joyce.
‪-[kuvaleke umnyango]

00:21:05.000 --> 00:21:06.375 align:center
‪-[Jonasi] Joyce.
‪-[angingize uMatipa]

00:21:06.458 --> 00:21:07.458 align:center
‪[ahlebe uMatipa] Nkosi yami.

00:21:08.666 --> 00:21:11.000 align:center
‪-Sukuma.
‪-Hhayi bo, hhayi bo.

00:21:11.083 --> 00:21:12.083 align:center
‪[Matipa] Kwenze…

00:21:12.166 --> 00:21:14.750 align:center
‪-Izingane zakho zikukhumbule.
‪-Yini manje? Yini le oyenzayo?

00:21:14.833 --> 00:21:17.000 align:center
‪Izingane zakho zikukhumbule.

00:21:17.708 --> 00:21:20.833 align:center
‪Ngakho zifuna ukuzohlala nawe.
‪Zichithe impelasonto yonke nawe.

00:21:20.916 --> 00:21:21.916 align:center
‪-[axoxe uNkazi]
‪-Hmm?

00:21:22.000 --> 00:21:25.208 align:center
‪Uyabona ke. Joyce,
‪lento oyenzayo ayinangqondo ke manje.

00:21:25.291 --> 00:21:29.958 align:center
‪Akuwena osehambe ekhaya izinyanga ezimbili
‪uzokipita la.

00:21:30.041 --> 00:21:33.041 align:center
‪Awuboni ukuthi izingane zakho
‪zikukhumbule, hhe?

00:21:35.041 --> 00:21:40.083 align:center
‪Lalelani ke, hlalani la.
‪Ngizonilanda ngeSonto.

00:21:40.166 --> 00:21:41.875 align:center
‪-[ngesiNgisi] NgeSonto?
‪-[ngesiZulu] Nithe nikhumbule uBaba.

00:21:41.958 --> 00:21:44.958 align:center
‪-Awushongo ukuthi ukhumbule uBaba wena?
‪-[Jonasi] Hhayi bo.

00:21:45.041 --> 00:21:46.250 align:center
‪Yini?

00:21:48.458 --> 00:21:49.666 align:center
‪[ahleke usulu]

00:21:49.750 --> 00:21:52.708 align:center
‪-Yey wena, ukuhlanya lento oyenzayo.
‪-[ababaze]

00:21:53.291 --> 00:21:55.833 align:center
‪Awushongo wena ukuthi uthanda le ndoda?

00:21:57.375 --> 00:21:59.208 align:center
‪Ngebhadi ke, dali,

00:21:59.291 --> 00:22:02.166 align:center
‪indoda iza nomthwalo.

00:22:02.250 --> 00:22:03.833 align:center
‪Nawu umthwalo.

00:22:03.916 --> 00:22:06.750 align:center
‪Lithokozelele, dali.

00:22:06.833 --> 00:22:08.458 align:center
‪-Hmm?
‪-[atefe uNkazi]

00:22:09.041 --> 00:22:10.041 align:center
‪Joyce.

00:22:10.916 --> 00:22:11.916 align:center
‪Joyce.

00:22:13.916 --> 00:22:14.916 align:center
‪[kuvaleke umnyango]

00:22:15.583 --> 00:22:16.583 align:center
‪[akhiphe umoya ngamandla]

00:22:17.250 --> 00:22:20.458 align:center
‪Baba, ngibona kungcono
‪ukuthi umbuyise angaze akhale.

00:22:20.541 --> 00:22:21.916 align:center
‪-[ngesiNgisi] Kade akugcina.
‪-[akhwehlele uNkazi]

00:22:23.875 --> 00:22:26.125 align:center
‪[ngesiZulu] Ya, baba. [atefe]

00:22:27.333 --> 00:22:28.333 align:center
‪Sawubona.

00:22:32.291 --> 00:22:34.041 align:center
‪[ingxoxo]

00:22:35.666 --> 00:22:37.125 align:center
‪Ngiyaxolisa ngalokhu.

00:22:37.791 --> 00:22:40.708 align:center
‪[anambithe umlomo] Asikho isidingo
‪sokuthi uxolise, s'thandwa sami.

00:22:40.791 --> 00:22:45.916 align:center
‪Kucacile ukuthi umuntu kuzomele athole
‪indawo ethe ukubankulu kancane

00:22:46.000 --> 00:22:49.000 align:center
‪ukuze phela izingane zizokwazi
‪ukuthi zikhululeke.

00:22:49.083 --> 00:22:50.083 align:center
‪Uyabona?

00:22:51.625 --> 00:22:52.833 align:center
‪[ahleke usulu] Ya.

00:22:53.416 --> 00:22:54.416 align:center
‪Ya.

00:22:55.583 --> 00:22:56.583 align:center
‪[ahleke kancane]

00:22:58.750 --> 00:23:00.291 align:center
‪[Jonasi, ngesiNgisi]
<i>‪Ngiyakwamukela kwikhaya lakho elisha.</i>

00:23:00.375 --> 00:23:01.375 align:center
‪[aphefumule kanzima]

00:23:02.083 --> 00:23:03.583 align:center
‪[ngesiZulu] Sekungowethu?

00:23:03.666 --> 00:23:06.208 align:center
‪-[ngesiNgisi] Futhi ngiyawuthanda.
‪-Uyawuthanda? Uyawuthanda?

00:23:06.291 --> 00:23:08.541 align:center
‪-[ahleke kancane uMatipa]
‪-[aqunge uJonasi]

00:23:08.625 --> 00:23:10.125 align:center
‪[adonse umoya]

00:23:10.208 --> 00:23:11.791 align:center
‪-[ngesiZulu] Asingene ngaphakathi.
‪-[answininize]

00:23:11.875 --> 00:23:13.458 align:center
‪Qaphela, ngigqoke iqhokisi phela.

00:23:13.541 --> 00:23:16.458 align:center
‪[Jonasi] Kulungile, nyathela kahle.
‪Nyathela la.

00:23:16.541 --> 00:23:18.625 align:center
‪[ukuhlehla kwekhasethi]

00:23:18.708 --> 00:23:20.625 align:center
‪[kuphuke ingilazi]

00:23:20.708 --> 00:23:24.125 align:center
‪Umsebenzi wami ne-Ivory Oasis
‪ngiwusebenzele kanzima.

00:23:24.208 --> 00:23:25.375 align:center
‪[avungame, ababaze uJonasi]

00:23:25.458 --> 00:23:27.541 align:center
‪[Joyce] Ngakho wena uzoya kulowa mcimbi…

00:23:27.625 --> 00:23:29.708 align:center
‪-[ahleke usulu uJonasi]
‪-…uthanda, ungathandi.

00:23:31.416 --> 00:23:32.416 align:center
‪[ahleke usulu]

00:23:34.125 --> 00:23:35.125 align:center
‪WeJoyce.

00:23:35.208 --> 00:23:37.458 align:center
‪[kuvuleke umnyango wemoto, uvaleke]

00:23:37.541 --> 00:23:40.000 align:center
‪-[ahleke usulu]
‪-[kudume injini]

00:23:40.083 --> 00:23:41.708 align:center
‪Uyayazi impicabadala.

00:23:46.958 --> 00:23:48.583 align:center
‪Angisazi ngempela ngithini ngalento.

00:23:48.666 --> 00:23:49.666 align:center
‪Awungitshele.

00:23:50.625 --> 00:23:56.666 align:center
‪Lo gingqi-gongqo enilokhu niwudlala
‪noJoyce nihlele ukuthi uphele nini?

00:23:56.750 --> 00:23:59.833 align:center
‪Matipa, ayilula lento
‪ngendlela obuka ngayo wena.

00:24:01.083 --> 00:24:02.458 align:center
‪S'thandwa sami.

00:24:05.000 --> 00:24:08.708 align:center
‪[ngesiNgisi] Ungaboshelwa esinqumeni
‪owasithatha eminyakeni engu-20 eyadlula.

00:24:08.791 --> 00:24:10.416 align:center
‪[ngesiZulu] Kuningi osekushintshile.

00:24:11.250 --> 00:24:12.791 align:center
‪Futhi, ukukhuluma iqiniso ke,

00:24:13.958 --> 00:24:15.125 align:center
‪sengiqala ukukhathala.

00:24:15.208 --> 00:24:18.375 align:center
‪Ngikhathele ukuba yinto efihlwayo.

00:24:19.083 --> 00:24:23.291 align:center
‪Sekuyisikhathi sokuthi ukhethe ukuthi
‪ufuna ukwenzani ngempilo yakho.

00:24:23.375 --> 00:24:25.791 align:center
‪Awukahle, manje…

00:24:27.083 --> 00:24:28.750 align:center
‪Unqamula juqu lowo?

00:24:28.833 --> 00:24:29.833 align:center
‪Hhe?

00:24:32.833 --> 00:24:34.458 align:center
‪-S'thandwa sami.
‪-[ngesiNgisi] Ya?

00:24:36.458 --> 00:24:38.375 align:center
‪Ngikufuna kimi ngedwa.

00:24:40.000 --> 00:24:41.333 align:center
‪[ngesiZulu] Ngifuna ukukuthanda.

00:24:42.625 --> 00:24:44.916 align:center
‪-Ngale ndlela okumele uthandwe ngayo.
‪-Mm-hmm.

00:24:45.791 --> 00:24:46.875 align:center
‪Yilokho nje kuphela.

00:24:50.916 --> 00:24:51.916 align:center
‪[ngesiNgisi] Kulungile.

00:24:54.958 --> 00:24:56.333 align:center
‪[ngesiZulu] Ngizokhuluma nommeli.

00:24:56.416 --> 00:24:57.458 align:center
‪-Mm-hmm?
‪-Mm-hmm.

00:24:58.875 --> 00:25:00.333 align:center
‪[Joyce] <i>‪UJonasi ufuna isehlukaniso.</i>

00:25:00.416 --> 00:25:01.958 align:center
‪ISINQUMO SESEHLUKANISO

00:25:03.708 --> 00:25:04.708 align:center
‪[Matipa] Mm-hmm.

00:25:15.666 --> 00:25:16.875 align:center
‪[kukhale imoto]

00:25:16.958 --> 00:25:18.375 align:center
‪[ahogele] Yima.

00:25:19.083 --> 00:25:20.708 align:center
‪[ehogela] Yintuthu leyo.

00:25:21.708 --> 00:25:22.708 align:center
‪Hhayi bo.

00:25:23.416 --> 00:25:24.416 align:center
‪[akhwehlele] Yima lana.

00:25:25.833 --> 00:25:26.833 align:center
‪Hhayi bo!

00:25:27.833 --> 00:25:31.166 align:center
‪[akhwehlele, adidizele] Kuyasha!

00:25:31.250 --> 00:25:33.916 align:center
‪-[ekhwehlela]
‪-Matipa, woza! Kuyasha!

00:25:34.000 --> 00:25:35.125 align:center
‪[kukhale i-alamu]

00:25:35.208 --> 00:25:36.500 align:center
‪-[kuphuke ingilazi]
‪-[akhwehlele uMatipa]

00:25:36.583 --> 00:25:38.375 align:center
‪[Jonasi] Woza, woza, woza.

00:25:38.458 --> 00:25:40.083 align:center
‪Ungahogeli.

00:25:40.166 --> 00:25:42.583 align:center
‪-[Matipa] Angiboni.
‪-[Jonasi] Woza ngapha. Landela mina.

00:25:43.750 --> 00:25:45.000 align:center
‪[amemeze uMatipa]

00:25:49.125 --> 00:25:50.291 align:center
‪[alungeni ucingo]

00:25:51.291 --> 00:25:52.875 align:center
‪[okhuluma ocingweni, ngesiNgisi]
<i>‪Inombolo oyishayele</i>

00:25:52.958 --> 00:25:54.458 align:center
‪-<i>‪ayitholakali okwamanje.</i>
<i>‪-</i>‪Shidi!

00:25:54.541 --> 00:25:56.250 align:center
<i>‪Sicela uzame futhi.</i>

00:25:56.333 --> 00:25:57.333 align:center
‪[kukhale ucingo]

00:25:57.416 --> 00:25:58.875 align:center
‪[ahlebe] Oh, Nkosi.

00:25:58.958 --> 00:26:00.041 align:center
‪Oh, Nkulunkulu.

00:26:00.916 --> 00:26:02.833 align:center
‪Oh, Nkulunkulu. Oh, Nkulunkulu.
‪[adonse umoya]

00:26:02.916 --> 00:26:05.541 align:center
‪Oh… [aphefumule sakuqhaqhazela]
‪Oh, Nkulunkulu.

00:26:06.583 --> 00:26:08.416 align:center
‪-Oh, Nkulunkulu.
‪-[kukhale inhlabamkhosi]

00:26:15.958 --> 00:26:16.958 align:center
‪Shidi!

00:26:17.541 --> 00:26:19.750 align:center
‪Shidi! [aphefumule kanzima]

00:26:21.666 --> 00:26:23.500 align:center
‪-[kukhale inhlabamkhosi]
‪-[ukuchofoza ozankosi]

00:26:27.666 --> 00:26:29.375 align:center
‪AMAPHOYISA

00:26:45.208 --> 00:26:48.333 align:center
‪[Menzi, ngesiZulu] Ma. Kwenzakalani?

00:26:48.416 --> 00:26:50.541 align:center
‪-[Mpume] Ma.
‪-[kuqhubeke inhlabamkhosi]

00:28:06.333 --> 00:28:11.333 align:center
‪Izinhlokwana zihunyushwe ngu:
‪Ntokozo Nomasiko Msomi

